IzEnzo 9:1-43
9 Kodwa uSawulu, esonga futhi eshabashekela ukubulala+ abafundi+ beNkosi, waya kumpristi ophakeme
2 wacela kuye izincwadi zokuya emasinagogeni eDamaseku, ukuze abalethe eJerusalema beboshiwe noma yibaphi abatholayo abangabaleyo Ndlela,+ kokubili amadoda nabesifazane.
3 Manje njengoba ehamba wasondela eDamaseku, lapho ngokungazelelwe kubaneka nxazonke ukukhanya okuvela ezulwini,+
4 futhi wawela phansi wezwa izwi lithi kuye: “Sawulu, Sawulu, ungishushiselani na?”+
5 Wathi: “Ungubani wena, Nkosi?” Wathi: “NginguJesu, lowo omshushisayo.+
6 Noma kunjalo, vuka+ ungene emzini, uzotshelwa okumelwe ukwenze.”
7 Amadoda ayehamba naye+ ayemile engakhulumi,+ ewuzwa ngempela umsindo wezwi+ kodwa engaboni muntu.
8 Kodwa uSawulu wavuka, engaboni lutho nakuba amehlo akhe ayevulekile.+ Ngakho bamhola ngesandla bamyisa eDamaseku.
9 Izinsuku ezintathu wayengaboni lutho,+ futhi akazange adle noma aphuze.
10 EDamaseku kwakukhona umfundi othile ogama lakhe lingu-Ananiya,+ futhi iNkosi yathi kuye embonweni: “Ananiya!” Wathi: “Ngilapha, Nkosi.”
11 INkosi yathi kuye: “Vuka, uye emgwaqweni okuthiwa uQondile, ufune endlini kaJuda umuntu ogama lakhe linguSawulu, waseTarsu.+ Ngoba, bheka! uyathandaza,
12 futhi embonweni uboné indoda egama layo lingu-Ananiya ingena futhi imbeka izandla ukuze aphinde abone.”+
13 Kodwa u-Ananiya waphendula wathi: “Nkosi, ngizwile ngabaningi ngalo muntu, ukuthi ziningi kangakanani izinto ezimbi azenze kwabangcwele bakho eJerusalema.
14 Futhi lapha unegunya elivela kubapristi abakhulu lokubopha bonke ababiza igama lakho.”+
15 Kodwa iNkosi yathi kuye: “Hamba, ngoba lo muntu uyisitsha sami esikhethiweyo+ ukuba aphathe igama lami ezizweni+ nasemakhosini+ nakubantwana bakwa-Israyeli.
16 Ngoba ngizombonisa ngokukhanyayo ukuthi ziningi kangakanani izinto okumelwe ahlupheke ngazo ngenxa yegama lami.”+
17 Ngakho u-Ananiya wahamba wangena kuleyo ndlu, wabeka izandla phezu kwakhe wathi: “Sawulu, mfowethu, iNkosi uJesu ebonakale kuwe endleleni obuza ngayo, ingithumile, ukuze uphinde ubone futhi ugcwale umoya ongcwele.”+
18 Masinyane kwawa emehlweni akhe okwakubonakala kunjengezimpephelezi, waphinde wabona; wasukuma wabhapathizwa,
19 wadla wayesethola amandla.+
Waba kanye nabafundi izinsuku ezithile eDamaseku,+
20 masinyane waqala ukushumayela emasinagogeni ngoJesu,+ ukuthi Lo uyiNdodana kaNkulunkulu.
21 Kodwa bonke ababemuzwa bamangala, bathi: “Ingabe lo akuyena yini lo muntu owachitha+ abaseJerusalema ababiza leli gama, futhi obeze lapha ngayo kanye le njongo, ukuba abayise kubapristi abakhulu beboshiwe?”+
22 Kodwa uSawulu waqhubeka ezuza amandla nangokwengeziwe futhi wayekhungathekisa amaJuda ahlala eDamaseku njengoba ayebonisa ngokunengqondo ukuthi lo nguKristu.+
23 Manje lapho sekuphele izinsuku eziningi impela, amaJuda acebisana ukuba ambulale.+
24 Nokho, uSawulu walwazi ugobe lwawo ngaye. Kodwa ayeqaphisisa namasango imini nobusuku ukuze ambulale.+
25 Ngakho abafundi bakhe bamthatha futhi bamehlisa ebusuku ngembobo esodongeni, bemehlisa ngobhasikidi.+
26 Lapho efika eJerusalema+ wenza imizamo yokuzihlanganisa nabafundi; kodwa bonke babemesaba, ngoba babengakholwa ukuthi usengumfundi.
27 Ngakho uBarnaba wamsiza,+ wamhola wamyisa kubaphostoli, wabalandisa ngokuningiliziwe ngendlela ayebone ngayo iNkosi+ endleleni nokuthi yayikhulume naye,+ nendlela ayekhulume ngayo ngesibindi eDamaseku+ egameni likaJesu.
28 Waqhubeka enabo, engena futhi ephuma eJerusalema, ekhuluma ngesibindi egameni leNkosi;+
29 wayekhuluma ephikisana namaJuda akhuluma isiGreki. Kodwa wona enza imizamo yokumbulala.+
30 Lapho abafowethu bekubona lokhu, bamehlisela eKhesariya bamthumela eTarsu.+
31 Khona-ke, ngempela, ibandla+ kulo lonke elaseJudiya naseGalile naseSamariya langena enkathini yokuthula, lakhiwa; futhi njengoba lalihamba ekumesabeni uJehova+ nasenduduzweni yomoya ongcwele+ laqhubeka landa.
32 Manje njengoba uPetru ayedabula zonke izingxenye wehlela nakwabangcwele abahlala eLida.+
33 Wathola lapho umuntu othile ogama lakhe lingu-Eneya, owayeseneminyaka eyisishiyagalombili elele ohlakeni lwakhe, njengoba ayefe uhlangothi.
34 UPetru wathi kuye:+ “Eneya, uJesu Kristu uyakuphulukisa.+ Vuka wendlule uhlaka lwakho.” Wavuka masinyane.
35 Bonke abahlala eLida nasethafeni laseSharoni+ bambona, baphendukela eNkosini.+
36 Kodwa eJopha+ kwakukhona umfundi othile ogama lakhe linguThabitha, elisho ukuthi Dorka, uma lihunyushwa. Wayenezenzo eziningi ezinhle+ nezipho eziningi zesihe ayezinikela.
37 Kodwa kulezo zinsuku kwenzeka wagula wafa. Ngakho bamgeza bambeka ekamelweni eliphezulu.
38 Manje njengoba iLida liseduze kweJopha,+ lapho abafundi bezwa ukuthi uPetru ukulo muzi bathuma amadoda amabili kuye ukuba amncenge: “Siza ungangabazi ukuza ufinyelele nakithi.”
39 Khona-ke uPetru wasuka wahamba nawo. Lapho efika, amyisa ekamelweni eliphezulu; bonke abafelokazi beza kuye bekhala futhi bembonisa izingubo eziningi zangaphakathi nezingubo zangaphandle+ uDorka ayezenza lapho esenabo.+
40 Kodwa uPetru wakhiphela wonke umuntu ngaphandle,+ eguqa ngamadolo, wathandaza, futhi ephendukela esidunjini, wathi: “Thabitha, vuka!” Wavula amehlo akhe, futhi lapho ebona uPetru, wavuka wahlala.+
41 UPetru wamnika isandla sakhe, wamphakamisa,+ wayesebiza abangcwele nabafelokazi wamethula ephila.+
42 Lokhu kwaziwa kulo lonke elaseJopha, futhi abaningi bakholwa eNkosini.+
43 Wahlala eJopha+ izinsuku eziningana noSimoni othile, umshuki.+