IzEnzo 4:1-37
4 Manje lapho laba ababili besakhuluma nabantu, abapristi abakhulu nenduna yethempeli+ nabaSadusi+ beza kubo,
2 becasukile ngoba befundisa abantu futhi bememezela ngokukhanyayo ukuvuka kwelabafileyo ngokuqondene noJesu;+
3 bababamba babavalela kwaze kwaba usuku olulandelayo,+ ngoba kwase kuhlwile kakade.
4 Nokho, abaningi kulabo ababelalele inkulumo bakholwa,+ futhi inani lamadoda lalicishe libe yizinkulungwane eziyisihlanu.+
5 Ngosuku olulandelayo kwabuthana eJerusalema ababusi babo namadoda amadala nababhali+
6 (no-Anase+ umpristi omkhulu noKayafase+ noJohane no-Aleksandru nazo zonke izihlobo zompristi omkhulu),
7 babamisa phakathi kwabo babuza: “Nikwenze ngamaphi amandla noma ngegama likabani lokhu na?”+
8 Khona-ke uPetru, egcwele umoya ongcwele,+ wathi kubo:
“Babusi babantu namadoda amadala,
9 uma namuhla siphenywa, ngenxa yesenzo esihle endodeni egulayo,+ ngokuqondene nokuthi ubani lowo le ndoda eyenziwe yaphila ngaye,
10 makwazeke kini nonke nakubo bonke abantu bakwa-Israyeli, ukuthi ngegama likaJesu Kristu umNazaretha,+ enambethela+ kodwa uNkulunkulu wamvusa kwabafileyo,+ kungaye le ndoda imi lapha phambi kwenu iphilile.
11 Lo ‘uyitshe nina bakhi enaliphatha njengelingento yalutho eseliyinhloko yegumbi.’+
12 Ngaphezu kwalokho, ayikho insindiso kunoma ubani omunye, ngoba alikho elinye igama+ phansi kwezulu elinikwe ukuba libe phakathi kwabantu okumelwe sisindiswe ngalo.”+
13 Lapho bebona ukungagunci kukaPetru noJohane, futhi beqonda ukuthi bangabantu abangafundile nabavamile,+ bamangala. Babona ukuthi babenoJesu;+
14 futhi njengoba bebheke indoda eyayelashiwe imi nabo,+ ababanga nalutho abangaphikisa ngalo.+
15 Ngakho babayala ukuba baphumele ngaphandle kwehholo leSanhedrini, babonisana,
16 bethi: “Sizokwenzani ngalaba bantu?+ Ngoba, ngempela, kwenzeke isibonakaliso esiphawulekayo ngabo, esibonakalayo kubo bonke abakhileyo eJerusalema;+ futhi asikwazi ukusiphika.
17 Noma kunjalo, ukuze singasakazeki ngokuqhubekayo phakathi kwabantu, masibatshele ngokubasongela ukuba bangabe besakhuluma neze ngaleli gama kunoma yimuphi umuntu.”+
18 Ngemva kwalokho bababiza babayala ukuba bangakhulumi ndawo noma bafundise ngegama likaJesu.
19 Kodwa bephendula oPetru noJohane bathi kubo: “Ukuthi kulungile yini emehlweni kaNkulunkulu ukulalela nina kunoNkulunkulu, yahlulelani nina.
20 Kodwa thina, ngeke siyeke ukukhuluma ngezinto esizibonile nesizizwile.”+
21 Ngakho, lapho sebephinde babasongela, babakhulula, njengoba bengatholanga sizathu abangabajezisela sona nangenxa yabantu,+ ngoba bonke babekhazimulisa uNkulunkulu ngalokho okwakwenzekile;
22 ngoba indoda okwakwenzeke kuyo lesi sibonakaliso sokuphulukisa yayineminyaka engaphezu kwamashumi amane ubudala.
23 Ngemva kokukhululwa baya kubantu bakubo+ babika lokho abapristi abakhulu namadoda amadala ababekushilo kubo.
24 Lapho bezwa lokhu baphakamisela amazwi abo kuNkulunkulu+ nganhliziyonye bathi:
“Nkosi Engumbusi,+ nguWe owenza izulu nomhlaba nolwandle nazo zonke izinto ezikukho,+
25 nguwe futhi ngomoya ongcwele owasho ngomlomo kakhokho wethu uDavide,+ inceku yakho, wathi, ‘Kungani izizwe zixokozela nabantu bezindla ngezinto eziyize na?+
26 Amakhosi omhlaba ema nababusi babuthana ngobunye bemelene noJehova nogcotshiwe wakhe.’+
27 Noma kunjalo, bobabili uHerode noPontiyu Pilatu+ kanye nabantu bezizwe nabantu bakwa-Israyeli babuthana ngokoqobo kulo muzi bemelene nenceku yakho engcwele+ uJesu, owayigcoba,+
28 ukuze benze lokho isandla nenjongo yakho okwakukumise kusengaphambili ukuba kwenzeke.+
29 Manje, Jehova, naka izinsongo zabo,+ unike izinceku zakho ukuba ziqhubeke zikhuluma izwi lakho ngaso sonke isibindi,+
30 ube welula isandla sakho ngenjongo yokuphulukisa futhi kube kwenzeka izibonakaliso nezimangaliso+ egameni+ lenceku yakho engcwele+ uJesu.”
31 Lapho sebenxusile, indawo ababebuthene kuyo yanyakaza;+ bonke ngothi lwabo bagcwala umoya ongcwele,+ bakhuluma izwi likaNkulunkulu ngesibindi.+
32 Ngaphezu kwalokho, uquqaba lwalabo ababeye bakholwa lwalunhliziyonye futhi lumphefumulo munye,+ akekho ngisho noyedwa owayethi noma iyiphi yezinto ayenazo yayingeyakhe yedwa; kodwa zonke izinto babezihlanganyela.+
33 Futhi, ngamandla amakhulu abaphostoli baqhubeka benikeza ubufakazi ngokuvuka kweNkosi uJesu;+ futhi umusa ongafanelwe wawuphezu kwabo bonke ngesilinganiso esikhulu.
34 Eqinisweni, akekho owayeswele phakathi kwabo;+ ngoba bonke ababengabanini bamasimu noma bezindlu babekuthengisa futhi balethe abakuzuzile ngezinto ezithengisiwe
35 bakubeke ezinyaweni zabaphostoli.+ Kwakube sekwabelwa+ lowo nalowo ngokwesidingo sakhe.
36 Ngakho uJosefa, owanikwa ngabaphostoli isibongo esithi Barnaba,+ esisho ukuthi, uma sihunyushwa, iNdodana Yenduduzo, umLevi, owokuzalwa eKhupro,
37 owayenesiqephu sendawo, wasithengisa futhi waletha imali wayibeka ezinyaweni zabaphostoli.+