IzEnzo 25:1-27
25 Ngakho-ke uFestu, esengene+ kuhulumeni wesifundazwe, wakhuphukela eJerusalema ezinsukwini ezintathu kamuva esuka eKhesariya;+
2 abapristi abakhulu namadoda avelele kumaJuda bamnika ukwaziswa+ okumelene noPawulu. Ngakho bamncenga,
3 bezicelela umusa ngalo muntu ukuba athumele ukuba alethwe eJerusalema, ngoba babeqamekele+ ukuba bambulale endleleni.
4 Nokho, uFestu waphendula ngokuthi uPawulu kwakumelwe agcinwe eKhesariya nangokuthi naye ngokwakhe wayesezokuya khona ngokushesha.
5 “Ngakho labo abasesikhundleni sokuphatha phakathi kwenu,” esho, “mabehle nami bambeke icala,+ uma kunokuthile okuyiphutha ngale ndoda.”
6 Ngakho lapho esechithe izinsuku ezingengaphezu kweziyisishiyagalombili noma eziyishumi phakathi kwabo, wehlela eKhesariya, futhi ngosuku olulandelayo wahlala esihlalweni sokwahlulela+ wayala ukuba uPawulu angeniswe.
7 Lapho efika, amaJuda ayehle evela eJerusalema ema amzungeza, emthwesa amacala amaningi namabi+ ayengakwazi ukuveza ubufakazi ngawo.
8 Kodwa uPawulu ezivikela wathi: “Angenzanga sono ngokumelene noMthetho wamaJuda noma ngokumelene nethempeli+ noma ngokumelene noKhesari.”+
9 UFestu, efisa ukuthandwa+ ngamaJuda, waphendula wathi kuPawulu: “Ingabe uthanda ukukhuphukela eJerusalema wahlulelwe khona phambi kwami mayelana nalezi zinto?”+
10 Kodwa uPawulu wathi: “Ngimi phambi kwesihlalo sokwahlulela sikaKhesari,+ lapho kufanele ngahlulelwe khona. Angonanga lutho kumaJuda,+ njengoba nawe ukuthola kahle impela.
11 Ngakolunye uhlangothi, uma ngingumenzi wobubi+ ngempela futhi ngenzé noma yini engenza ngifanelwe ukufa,+ angikubalekeli ukufa; ngakolunye uhlangothi, uma zingekho lezi zinto laba bantu abangimangalela ngazo, akukho muntu ongazenza athandwe ngokunginikela kubo. Ngidlulisela icala kuKhesari!”+
12 Khona-ke uFestu, ngemva kokukhuluma nomkhandlu wabeluleki, waphendula: “Udlulisele icala kuKhesari; uzoya kuKhesari.”
13 Lapho sekudlule izinsuku ezithile, u-Agripha inkosi noBernike bafika eKhesariya beyohlonipha uFestu.
14 Ngakho, njengoba babezohlala izinsuku eziningana lapho, uFestu wabikela inkosi izindaba eziphathelene noPawulu, ethi:
“Kukhona indoda ethile eshiywe uFeliksi iyisiboshwa,
15 futhi lapho ngiseJerusalema abapristi abakhulu namadoda amadala amaJuda baletha ukwaziswa+ ngayo, becela ukuba inikwe isahlulelo sokulahlwa.
16 Kodwa ngaphendula ngathi kubo akuyona inqubo yamaRoma ukuzenza uthandwe ngokunikela umuntu ngaphambi kokuba obekwé icala abhekane ubuso nobuso nalabo abammangalele+ futhi athole ithuba lokuziphendulela ngokuphathelene naleso sikhalo.
17 Ngakho-ke lapho bebuthana lapha, angilibalanga, kodwa ngosuku olulandelayo ngahlala esihlalweni sokwahlulela ngayala ukuba le ndoda ingeniswe.
18 Lapho bema, abayimangalele abavezanga cala+ lezinto ezimbi engangizicabanga ngayo.
19 Babemane nje bephikisana nayo mayelana nokukhulekela kwabo+ unkulunkulu nangokuphathelene noJesu othile owafa kodwa uPawulu aqhubeka egomela ngokuthi uyaphila.+
20 Ngakho, njengoba ngangisambathekile mayelana nokuphikisana ngalezi zindaba, ngabuza ukuthi angathanda yini ukuya eJerusalema ahlulelwe khona mayelana nalezi zindaba.+
21 Kodwa lapho uPawulu enxusa+ ukuba agcinelwe isinqumo soMhlonishwa, ngayala ukuba agcinwe ngize ngimkhuphulele kuKhesari.”
22 Lapha u-Agripha wathi kuFestu: “Nami ngokwami ngingathanda ukumuzwa lo muntu.”+ “Kusasa,” esho, “uzomuzwa.”
23 Ngakho-ke, ngosuku olulandelayo, u-Agripha noBernike bafika ngokubukisa okukhulu+ bangena egumbini lezilaleli kanye nabakhuzi bamabutho kanye namadoda avelele emzini, futhi lapho uFestu enikeza umyalo, uPawulu wangeniswa.
24 UFestu wathi: “Nkosi Agripha nani nonke madoda enikhona kanye nathi, nangu lo muntu lonke uquqaba lwamaJuda luhlangene oluye lwafaka isicelo ngaye kimi eJerusalema nalapha, lumemeza luthi akasakufanele ukuqhubeka ephila.+
25 Kodwa ngaqonda ukuthi akenzanga lutho olumenza afanelwe ukufa.+ Ngakho lapho lo muntu ngokwakhe edlulisela icala+ kuMhlonishwa, nganquma ukumthumela.
26 Kodwa ngokuphathelene naye anginalutho oluqinisekile engingalulobela iNkosi yami. Ngakho-ke ngimlethe phambi kwenu, futhi ikakhulukazi phambi kwakho, Nkosi Agripha, ukuze kuthi, ngemva kokuba sekwenziwe ukuphenya kokwahlulela,+ ngithole okuthile engingakuloba.
27 Ngoba kubonakala kungenangqondo kimi ukuthumela isiboshwa kodwa ngingawabonisi amacala aso.”