IzEnzo 21:1-40

21  Manje lapho sesihlukene nabo, sathatha uhambo lwasolwandle ngendlela eqondile safika eKhose, ngosuku olulandelayo saya eRodu, futhi ukusuka lapho saya ePathara.  Lapho sesithole isikebhe esasiwelela eFenike, sagibela sahamba.  Ngemva kokubona isiqhingi saseKhupro+ sasishiya ngemuva ngakwesobunxele saqhubeka ngesikebhe saya eSiriya,+ sase sifika eThire, ngoba isikebhe kwakumelwe sethule umthwalo+ waso khona.  Sabafuna sabathola abafundi futhi sahlala khona izinsuku eziyisikhombisa. Ngomoya+ batshela uPawulu ngokuphindaphindiwe ukuba angalubeki unyawo eJerusalema.  Ngakho lapho sesiqede lezo zinsuku, saphuma sangena indlela yethu; kodwa bonke, kanye nabesifazane nabantwana, basiphelezela kwaze kwaba ngaphandle komuzi. Futhi siguqa+ phansi ogwini, sathandaza  savalelisana,+ thina sakhuphukela esikebheni kodwa bona babuyela emakhaya.  Khona-ke saqedela uhambo olusuka eThire ngesikebhe safika ePhetolemayi, sabingelela abazalwane sahlala usuku olulodwa nabo.  Ngosuku olulandelayo sasuka futhi safika eKhesariya,+ saya endlini kaFiliphu umvangeli, owayengomunye wamadoda ayisikhombisa,+ sahlala naye.  Lo muntu wayenamadodakazi amane ayizintombi, ayeprofetha.+ 10  Kodwa lapho sisahlezi izinsuku eziningana impela, umprofethi othile ogama lakhe lingu-Agabu+ wehla evela eJudiya, 11  wafika kithi wathatha ibhande likaPawulu, wazibopha izinyawo nezandla wathi: “Usho kanje umoya ongcwele, ‘Indoda okungelayo leli bhande, amaJuda azoyibopha+ ngale ndlela eJerusalema, ayinikele+ ezandleni zabantu bezizwe.’” 12  Manje lapho sikuzwa lokhu, thina nabantu bakuleyo ndawo, samncenga ukuba angakhuphukeli+ eJerusalema. 13  Khona-ke uPawulu waphendula: “Nenzani ngokukhala+ ningenza buthaka enhliziyweni na?+ Qinisekani ngalokhu, angilungele ukuboshwa nje kuphela kodwa futhi nokufa+ eJerusalema ngenxa yegama leNkosi uJesu.” 14  Lapho engenakuvinjwa, sathula sathi: “Intando+ kaJehova mayenzeke.” 15  Ngemva kwalezi zinsuku salungiselela uhambo futhi sakhuphukela eJerusalema.+ 16  Kodwa abanye kubafundi baseKhesariya+ nabo bahamba nathi, ukuze basiyise kumuntu okwakufanele sibungazwe emzini wakhe, uMnasoni othile waseKhupro, umfundi okwabokuqala. 17  Lapho sifika eJerusalema,+ abafowethu basamukela ngokuthokoza.+ 18  Kodwa ngosuku olulandelayo uPawulu wangena nathi kuJakobe;+ wonke amadoda amadala ayekhona. 19  Wawabingelela waqala ukulandisa ngokuningiliziwe+ izinto uNkulunkulu ayezenze kwabezizwe ngenkonzo yakhe.+ 20  Ngemva kokuzwa lokhu, akhazimulisa uNkulunkulu, athi kuye: “Uyabona, mfowethu, ukuthi ziningi kangakanani izinkulungwane zamakholwa akhona kumaJuda; futhi wonke ashisekela uMthetho.+ 21  Kodwa ezwé amahemuhemu ngawe okuthi ubufundisa wonke amaJuda phakathi kwezizwe ukuhlubuka kuMose,+ uwatshela ukuba angabasoki+ abantwana bawo futhi angahambi ngamasiko. 22  Khona-ke, kuzokwenziwani ngakho? Noma ngabe yikuphi, azozwa ukuthi ufikile. 23  Ngakho-ke yenza lokhu esikutshela kona: Sinamadoda amane enzé isifungo. 24  Wathathe la madoda+ uzihlanze nawo ngokwesiko futhi unakekele izindleko zawo,+ ukuze aphuce amakhanda awo.+ Ngakho bonke abantu bazokwazi ukuthi awekho la mahemuhemu abawatshelwe ngawe, kodwa uhamba ngokuhlelekile, nawe ngokwakho uyawugcina uMthetho.+ 25  Ngokuqondene namakholwa avela kwabezizwe, siye sathumela, sakhipha isinqumo sethu sokuthi kufanele azigcine kokuhlatshelwe izithombe+ nasegazini+ nakokuklinyiwe+ nasebufebeni.”+ 26  Khona-ke uPawulu wawathatha la madoda ngosuku olulandelayo wazihlanza nawo ngokwesiko,+ wangena ethempelini, ukuze azise ngezinsuku okumelwe zigcwaliseke+ zokuhlanzwa ngokwesiko, kuze kube yilapho ngamunye wabo+ esenikelelwe umnikelo.+ 27  Manje lapho izinsuku eziyisikhombisa+ sezizophela, amaJuda ase-Asiya lapho embona ethempelini aqala ukuphithizelisa sonke isixuku,+ futhi ambamba, 28  ememeza ethi: “Madoda akwa-Israyeli, sizani! Nangu lo muntu ofundisa bonke abantu kuyo yonke indawo ngokumelene nesizwe+ noMthetho kanye nale ndawo, futhi ngaphezu kwalokho, ungenise ngisho namaGreki ethempelini wayingcolisa le ndawo engcwele.”+ 29  Ngaphambili ayebone uTrofimu+ wase-Efesu enaye emzini, acabanga ukuthi uPawulu wayemngenise ethempelini. 30  Wonke umuzi wayaluza,+ abantu bagijima kanyekanye; babamba uPawulu bamhudulela ngaphandle kwethempeli.+ Masinyane iminyango yavalwa. 31  Lapho befuna ukumbulala, kwafika kumlawuli weviyo ukwaziswa kokuthi lonke iJerusalema liyaphithizela;+ 32  ngaso leso sikhathi wathatha amasosha nezikhulu zamabutho wagijima wehlela kubo.+ Lapho bebona umlawuli wamabutho+ namasosha, bayeka ukushaya uPawulu. 33  Khona-ke umlawuli wamabutho wasondela wambamba wanikeza umyalo wokuba aboshwe ngamaketanga amabili;+ wabe esebuza ukuthi ungubani nokuthi wayenzeni. 34  Kodwa abanye esixukwini bamemeza okunye, nabanye okunye.+ Ngakho, engakwazi yena ngokwakhe ukuzwa lutho oluqinisekile ngenxa yokuxokozela, wayala ukuba alethwe ekamu lamasosha.+ 35  Kodwa lapho efika ezitebhisini, isimo saba sezingeni lokuba athwalwe amasosha ngenxa yobudlova besixuku; 36  ngoba uquqaba lwabantu lwaqhubeka lulandela, lumemeza luthi: “Msuseni!”+ 37  Lapho esezoyiswa ekamu lamasosha, uPawulu wathi kumlawuli wamabutho: “Ingabe ngivumelekile ukusho okuthile kuwe?” Wathi: “Uyakwazi ukukhuluma isiGreki? 38  Awuyena yini empeleni lo mGibhithe okuthe ngaphambi kwalezi zinsuku wabhebhezela ukuvukela umbuso+ futhi waholela ngaphandle ehlane amadoda angababulali ayizinkulungwane ezine?” 39  Khona-ke uPawulu wathi: “Eqinisweni, ngingumJuda+ waseTarsu+ eKhilikhiya, isakhamuzi somuzi owaziwayo. Ngakho ngiyakuncenga, ngivumele ngikhulume nalaba bantu.” 40  Ngemva kokumvumela, uPawulu, emi ezitebhisini, waqhweba+ abantu ngesandla. Lapho kuba nokuthula okukhulu, wakhuluma nabo ngolimi lwesiHebheru,+ wathi:

Imibhalo yaphansi