IzEnzo 20:1-38

20  Manje ngemva kokuba isiyaluyalu sesidambile, uPawulu wathumela ukuba kulandwe abafundi, kwathi esebakhuthazile wabavalelisa,+ waqhubeka nohambo waya eMakedoniya.+  Ngemva kokudabula lezo zingxenye futhi ekhuthaza ababelapho ngamazwi amaningi,+ wafika eGrisi.  Esehlale izinyanga ezintathu khona, wanquma ukubuya adabule eMakedoniya ngoba amaJuda amakhela ugobe+ lapho nje esezoqala uhambo lwasolwandle aye eSiriya.  Wayehambisana noSophatru+ indodana kaPhiru waseBhereya, u-Aristarku+ noSekhundu kwabaseThesalonika, noGayu waseDerbe, noThimothewu,+ noThikhiku+ noTrofimu basesifundeni sase-Asiya.+  Laba baqhubekela phambili basilinda eTrowa;+  kodwa thina sathatha uhambo lwasolwandle sisuka eFilipi ngemva kwezinsuku zamaqebelengwane angenamvubelo,+ safika kubo eTrowa+ phakathi nezinsuku ezinhlanu; sahlala khona izinsuku eziyisikhombisa.  Ngosuku lokuqala+ lwesonto, lapho sibuthene ndawonye ukuba sidle, uPawulu wabanikeza inkulumo, njengoba ayezomuka ngosuku olulandelayo; inkulumo yakhe yadonsa kwaze kwaba phakathi kwamabili.  Kwakukhona izibani eziningana ekamelweni eliphezulu+ lapho sasibuthene khona.  Ihlezi efasiteleni, insizwa ethile egama layo lingu-Evitiku yehlelwa ubuthongo obukhulu lapho uPawulu eqhubeka ekhuluma, futhi, ifofobaliswa ubuthongo, yawela phansi isuka esitezi sesithathu yathathwa isifile. 10  Kodwa uPawulu wehlela phansi, waziphonsa phezu kwayo+ wayigona wathi: “Yekani ukubanga umsindo, ngoba umphefumulo wakhe ukuye.”+ 11  Manje wakhuphukela phezulu waqala ukudla, futhi ngemva kokuxoxa isikhathi eside impela, kwaze kwaba sentathakusa, wamuka ekugcineni. 12  Ngakho umfana bamthatha ephila futhi baduduzeka kakhulu. 13  Manje sahamba phambili saya esikebheni futhi saqala uhambo lokuya e-Asu, lapho sasihlose ukugibelisa khona uPawulu, ngoba, ngemva kokunikeza iziyalo ngalokhu, yena wayehlose ukuhamba ngezinyawo. 14  Ngakho lapho esifica e-Asu, samgibelisa saya eMithilene; 15  sisuka lapho ngesikebhe ngosuku olulandelayo, safika ngaphesheya kweKhiyo, kodwa ngakusasa safika eSamo, kwathi ngosuku olulandelayo safika eMilethu. 16  UPawulu wayenqume ukudlula e-Efesu+ ngesikebhe, ukuze angachithi sikhathi esifundeni sase-Asiya; ngoba wayephuthuma ukufika eJerusalema+ ngosuku lomkhosi wePhentekoste uma ayengase akwazi. 17  Nokho, eseMilethu wathumela e-Efesu wabiza amadoda amadala+ ebandla. 18  Lapho efika kuye wathi kuwo: “Nazi kahle ukuthi kusukela osukwini lokuqala engangena ngalo esifundeni sase-Asiya+ nganginani ngaso sonke isikhathi,+ 19  ngikhonza+ iNkosi ngengqondo enokuzithoba+ okukhulu kakhulu nangezinyembezi nangokulingwa okwangehlela ngezingobe+ zamaJuda; 20  kuyilapho ngingagodlanga ukunitshela noma yini ezintweni eziyinzuzo nokunifundisa+ obala nasendlini+ ngendlu. 21  Kodwa kumaJuda nakumaGreki nganikeza ubufakazi+ obuphelele ngokuphathelene nokuphendukela+ kuNkulunkulu nokholo eNkosini yethu uJesu. 22  Futhi manje, bhekani! ngiya eJerusalema ngiboshiwe emoyeni,+ nakuba ngingazazi izinto eziyokwenzeka kimi khona, 23  ngaphandle kokuthi umoya ongcwele+ ufakaza kimi ngokuphindaphindiwe emzini ngomuzi njengoba uthi ngilindelwe yizibopho nezinsizi.+ 24  Noma kunjalo, umphefumulo wami angiwenzi obaluleke njengokungathi uyigugu kimi,+ uma nje ngingaqeda inkambo yami+ nenkonzo+ engayamukela eNkosini uJesu,+ yokunikeza ubufakazi obuphelele ngezindaba ezinhle zomusa ongafanelwe kaNkulunkulu.+ 25  “Manje, bhekani! ngiyazi ukuthi nina nonke engaqala ukushumayela umbuso phakathi kwenu ngeke nisabubona ubuso bami. 26  Ngakho nginicela ukuba nibe ngofakazi kulo kanye lolu suku bokuthi ngimsulwa egazini+ labo bonke abantu, 27  ngoba angigodlanga ukunitshela yonke injongo+ kaNkulunkulu. 28  Ziqapheleni+ nina+ nawo wonke umhlambi+ umoya ongcwele onimise phakathi kwawo ukuba nibe ngababonisi,+ ukuze neluse ibandla likaNkulunkulu,+ alithenga ngegazi+ leNdodana yakhe. 29  Ngiyazi ukuthi ngemva kokuhamba kwami kuzongena izimpisi+ ezicindezelayo phakathi kwenu futhi ngeke ziwuphathe ngozwela umhlambi, 30  naphakathi kwenu ngokwenu kuzovela amadoda, akhulume izinto ezisontekile+ ukuze amonyule abafundi ukuba bawalandele.+ 31  “Ngakho-ke hlalani niphapheme, nikhumbule ukuthi iminyaka emithathu,+ ubusuku nemini, angiyekanga ukuyala+ yilowo nalowo ngezinyembezi. 32  Manje ngininikela kuNkulunkulu+ nasezwini lomusa wakhe ongafanelwe, okuyizwi elinganakha+ futhi lininike ifa phakathi kwabo bonke abangcwelisiwe.+ 33  Angifisanga siliva nagolide nasambatho samuntu.+ 34  Nina ngokwenu niyazi ukuthi lezi zandla ziye zakhonza izidingo zami+ nezalabo abanami. 35  Nginibonisile kukho konke ukuthi ngokushikashikeka+ ngale ndlela kumelwe nisize ababuthakathaka,+ futhi kumelwe nikhumbule amazwi eNkosi uJesu, lapho yona ngokwayo ithi, ‘Kukhona injabulo eyengeziwe ekupheni+ kunasekwamukeleni.’” 36  Esezishilo lezi zinto, waguqa+ phansi nabo bonke wathandaza. 37  Yebo, bonke bakhala kakhulu impela, bawela entanyeni kaPawulu+ bamanga ngothando,+ 38  ngoba babezwa ubuhlungu ikakhulukazi ngezwi ayelikhulumile lokuthi babengeke besabubona ubuso bakhe.+ Ngakho bamphelezela+ waya esikebheni.

Imibhalo yaphansi