IzEnzo 2:1-47

2  Manje ngesikhathi usuku lomkhosi wePhentekoste+ luqhubeka babendawonye bonke endaweni efanayo,  futhi kungazelelwe kwezwakala umsindo uvela ezulwini ufana nje nowesivunguvungu esinamandla, wagcwala yonke indlu ababehlezi kuyo.+  Kwabonakala kubo okunjengamalangabi,+ kwasakazeka, ngakunye kwahlala phezu kwalowo nalowo kubo,  bonke bagcwala umoya ongcwele,+ baqala ukukhuluma ngezinye izilimi,+ njengoba nje umoya wawubanika ukuba bakhulume.  Ngaleso sikhathi, eJerusalema kwakuhlala amaJuda,+ abantu abanenhlonipho,+ bevela kuzo zonke izizwe ngaphansi kwezulu.  Ngakho, lapho kuzwakala lo msindo, lolu quqaba lwabuthana futhi lwaludidekile, ngoba ngamunye wayebezwa bekhuluma ngolimi lwakhe.  Ngempela, babemangale futhi bezibuza bethi: “Bhekani, bonke laba abakhulumayo bangabaseGalile,+ akunjalo?  Pho, kwenzeka kanjani ukuba, ngamunye wethu ezwe ulimi lwakhe azalwa nalo?  AmaParte namaMede+ nama-Elamu,+ nabakhileyo eMesophothamiya, naseJudiya+ naseKhaphadosiya,+ ePhontu+ nasesifundeni sase-Asiya,+ 10  naseFrigiya+ nasePhamfiliya,+ eGibhithe nasezingxenyeni zaseLibhiya, engaseKhurene, nabafokazi baseRoma, abangamaJuda nabangamaproselithe,+ 11  abaseKrethe+ nabase-Arabhiya,+ sibezwa bekhuluma ngezilimi zethu ngezinto ezinhle kakhulu zikaNkulunkulu.” 12  Yebo, bonke babemangele futhi besambathekile, bethi omunye komunye: “Iyini inhloso yale nto?” 13  Nokho, abanye babahleka bathi: “Basuthi iwayini elimnandi.”+ 14  Kodwa uPetru wasukuma nabayishumi nanye+ waphakamisa izwi lakhe wathi kubo: “Madoda aseJudiya nani nonke enakhileyo eJerusalema,+ makwazeke lokhu kini futhi nibeke indlebe emazwini ami. 15  Laba bantu, eqinisweni abadakiwe+ njengoba nina nicabanga, ngoba yihora lesithathu losuku. 16  Kunalokho, lokhu yilokho okwashiwo ngomprofethi uJoweli ukuthi, 17  ‘“Ezinsukwini zokugcina,” kusho uNkulunkulu, “ngiyothululela omunye womoya wami+ phezu kwayo yonke inyama, amadodana enu namadodakazi enu ayoprofetha, izinsizwa zenu zibone imibono, amaxhegu enu aphuphe amaphupho;+ 18  futhi ngalezo zinsuku ngiyothululela omunye womoya wami ngisho nasezincekwini zami nasezincekukazini zami, ziprofethe.+ 19  Ngiyonika izimangaliso ezulwini phezulu nezibonakaliso emhlabeni phansi, igazi nomlilo nenkungu yomusi;+ 20  ilanga+ liyophenduka ubumnyama nenyanga ibe yigazi ngaphambi kokuba usuku lukaJehova olukhulu noluqhamile lufike.+ 21  Wonke umuntu obiza igama likaJehova uyosindiswa.”’+ 22  “Madoda akwa-Israyeli, yizwani la mazwi: UJesu umNazaretha,+ umuntu uNkulunkulu ambonisa obala kini ngemisebenzi yamandla+ nezimangaliso nezibonakaliso uNkulunkulu azenza ngaye phakathi kwenu,+ njengoba nje nani ngokwenu nazi, 23  lo muntu, njengowanikelwa ngenjongo enqunyiwe nangokwazi kusengaphambili kukaNkulunkulu,+ nambophela esigxotsheni ngesandla sabantu abangenamthetho nambulala.+ 24  Kodwa uNkulunkulu wamvusa+ ngokuthukulula imihelo yokufa,+ ngoba kwakungenakwenzeka ngaye ukuba aqhubeke ebanjwe yiyo.+ 25  Ngoba uDavide uthi ngokuqondene naye, ‘UJehova wayephambi kwamehlo ami njalo; ngoba ungakwesokunene sami ukuze ngingalokothi nginyakaziswe.+ 26  Ngenxa yalokhu inhliziyo yami yenama nolimi lwami lwajabula kakhulu. Ngaphezu kwalokho, ngisho nenyama yami iyohlale isethembeni;+ 27  ngoba ngeke uwushiye umphefumulo wami eHayidesi, futhi ngeke uvumele othembekileyo wakho abone ukonakala.+ 28  Ungazisile izindlela zokuphila, uyongigcwalisa ngokwenama okukhulu ngobuso bakho.’+ 29  “Madoda, bazalwane, kuvumelekile ukukhuluma ngokukhululekile kini ngokuphathelene noDavide inhloko yomndeni, ukuthi washona,+ wangcwatshwa nethuna lakhe liphakathi kwethu kuze kube yilolu suku. 30  Ngakho-ke, ngenxa yokuthi wayengumprofethi futhi azi ukuthi uNkulunkulu wayefunge kuye ukuthi uyobeka ophuma okhalweni lwakhe esihlalweni sakhe sobukhosi,+ 31  wabona kusengaphambili futhi wakhuluma ngokuphathelene nokuvuka kukaKristu, ukuthi akashiywanga eHayidesi futhi inyama yakhe ayikubonanga ukonakala.+ 32  Lo Jesu uNkulunkulu wamvusa, okuyiqiniso esingofakazi balo sonke.+ 33  Ngakho-ke ngenxa yokuthi waphakanyiselwa kwesokunene sikaNkulunkulu,+ wamukela kuBaba umoya ongcwele othenjisiwe,+ uthululé lokhu enikubonayo nenikuzwayo. 34  Empeleni uDavide akazange anyukele emazulwini,+ kodwa yena ngokwakhe uthi, ‘UJehova wathi eNkosini yami: “Hlala ngakwesokunene sami,+ 35  ngize ngibeke izitha zakho zibe yisenabelo sezinyawo zakho.”’+ 36  Ngakho-ke yonke indlu ka-Israyeli mayazi ngokuqinisekile ukuthi uNkulunkulu wamenza iNkosi+ noKristu, lo Jesu enambethela.”+ 37  Manje lapho bekuzwa lokhu bahlabeka enhliziyweni,+ bathi kuPetru nakubo bonke abanye abaphostoli: “Madoda, bazalwane, yini okufanele siyenze?”+ 38  UPetru wathi kubo: “Phendukani,+ yilowo nalowo kini abhapathizwe+ egameni+ likaJesu Kristu ngenjongo yokuthethelelwa+ kwezono zenu, khona-ke nizokwamukela isipho sesihle+ somoya ongcwele. 39  Ngoba lesi sithembiso+ senziwa kini nakubantwana benu nakubo bonke abakude,+ bonke labo uJehova uNkulunkulu wethu angase ababizele kuye.”+ 40  Wanikeza ubufakazi obuphelele nangamanye amazwi amaningi ebakhuthaza, ethi: “Sindiswani kulesi sizukulwane esigwegwile.”+ 41  Ngakho-ke labo abamukela izwi lakhe ngenhliziyo yonke babhapathizwa,+ futhi ngalolo suku kwanezelwa imiphefumulo ecishe ibe yizinkulungwane ezintathu.+ 42  Baqhubeka bezinikela ekufundiseni kwabaphostoli nasekwabelaneni izinto,+ ekudleni+ nasemithandazweni.+ 43  Ngempela, yonke imiphefumulo yaqala ukwehlelwa ukwesaba, futhi abaphostoli+ benza izimangaliso eziningi nezibonakaliso. 44  Bonke ababa ngamakholwa babendawonye ekuhlanganyeleni zonke izinto,+ 45  futhi bathengisa izimpahla zabo+ nezindawo, babela bonke imali etholakele ngokwesidingo somuntu.+ 46  Usuku nosuku babeba khona njalo ethempelini nganhliziyonye,+ futhi babedlela emakhaya bedla ngokujabula okukhulu+ nangobuqotho benhliziyo, 47  bedumisa uNkulunkulu futhi bethola umusa kubo bonke abantu.+ Ngesikhathi esifanayo uJehova waqhubeka enezela+ kubo nsuku zonke abasindiswayo.+

Imibhalo yaphansi