IzEnzo 12:1-25
12 Cishe ngaleso sikhathi uHerode inkosi, ngezandla zakhe, waphatha kabi+ abanye bebandla.
2 Wabulala uJakobe umfowabo kaJohane+ ngenkemba.+
3 Njengoba ebona ukuthi kwakuwajabulisa amaJuda,+ waqhubeka wabopha noPetru. (Kwenzeka lokhu nje, yizinsuku zamaqebelengwane angenamvubelo.)+
4 Wambamba, wamfaka etilongweni,+ emnikela emasosheni amane ayezomqapha ededelana kane ngosuku, njengoba ayehlose ukumkhiphela kubantu ngemva kwephasika.+
5 Ngenxa yalokhu uPetru wayegcinwe etilongweni; kodwa ibandla lalimthandazela+ kakhulu kuNkulunkulu.
6 Manje lapho uHerode esezomkhipha, ngalobo busuku uPetru wayelele eboshwe ngamaketanga amabili phakathi kwamasosha amabili, kunabaqaphi phambi komnyango belinde itilongo.
7 Kodwa, bheka! ingelosi kaJehova yema+ eduze, kwakhanya esitokisini. Yashaya uPetru ohlangothini, yamvusa,+ yathi: “Vuka masinyane!” Awa+ amaketanga ezandleni zakhe.
8 Ingelosi+ yathi kuye: “Bhinca ufake izimbadada zakho.” Wenza kanjalo. Ekugcineni yathi kuye: “Gqoka ingubo yakho yangaphandle+ ungilandele.”
9 Waphuma wayilandela, kodwa engazi ukuthi lokho okwakwenzeka ngengelosi kwakungokoqobo. Eqinisweni, wayecabanga ukuthi ubona umbono.+
10 Bedlula abaqaphi bokuqala nabesibili, bafika esangweni lensimbi eliholela emzini, lazivulekela ngokwalo phambi kwabo.+ Ngemva kokuba bephumile baqhubekela ezansi ngomgwaqo owodwa, masinyane ingelosi yamuka yamshiya.
11 UPetru, esanguluka, wathi: “Manje sengiyazi ngempela ukuthi uJehova uthumele ingelosi yakhe+ wangikhulula+ esandleni sikaHerode nakukho konke abantu bamaJuda abebekulindele.”
12 Ngemva kokuba ecabange ngakho, waya endlini kaMariya unina kaJohane osibongo sakhe singuMarku,+ lapho abaningana babebuthene khona ndawonye bethandaza.
13 Lapho engqongqoza esangweni, intombazane eyinceku egama layo linguRoda yeza izobheka,
14 futhi, lapho izwa ukuthi yizwi likaPetru, ngenxa yenjabulo ayilivulanga isango, kodwa yagijimela ngaphakathi yabika ukuthi uPetru wayemi phambi kwesango.
15 Bathi kuyo: “Uyahlanya.” Kodwa yagomela impela ithi kunjalo. Bathi: “Yingelosi yakhe.”+
16 Kodwa uPetru wasala lapho engqongqoza. Lapho bevula, bambona futhi bamangala.
17 Kodwa wababonisa+ ngesandla ukuba bathule, wabalandisa ngokuningiliziwe indlela uJehova ayemkhiphe ngayo etilongweni, wathi: “Bikelani uJakobe+ nabafowethu lezi zinto.” Ngemva kwalokho waphuma waya kwenye indawo.
18 Nokho, lapho kusa,+ kwaba khona isiyaluyalu esikhulu phakathi kwamasosha ngokuthi kwakwenzekeni ngempela ngoPetru.
19 UHerode+ wamfuna phansi phezulu, futhi lapho engamtholi, waphenya abaqaphi wayala ukuba bathathwe bayojeziswa;+ wasuka eJudiya wehlela eKhesariya wahlala isikhathi esithile khona.
20 Manje wayebathukuthelele abantu baseThire nabaseSidoni. Ngakho nganhliziyonye beza kuye, futhi ngemva kokuthonya uBlastu, owayephethe igumbi lokulala lenkosi, baqala ukunxusela ukuthula, ngoba izwe labo lalinikwa ukudla+ okwakuvela kwelenkosi.
21 Kodwa ngosuku oluthile olumisiwe uHerode wagqoka isembatho sobukhosi wahlala phansi esihlalweni sokwahlulela wabanikeza inkulumo yeningi.
22 Abantu ababehlangene bamemeza bathi: “Yizwi likankulunkulu, akulona elomuntu!”+
23 Ngaso leso sikhathi ingelosi kaJehova yamshaya,+ ngoba enganikanga uNkulunkulu inkazimulo;+ wadliwa izibungu wafa.
24 Kodwa izwi+ likaJehova laqhubeka likhula futhi lisakazeka.+
25 Kepha uBarnaba+ noSawulu, ngemva kokuyifeza ngokugcwele inkonzo yokusiza+ eJerusalema, babuya bathatha uJohane,+ osibongo sakhe singuMarku, bahamba naye.