IzEnzo 11:1-30
11 Manje abaphostoli nabazalwane ababeseJudiya bezwa ukuthi abantu bezizwe+ nabo balamukele izwi likaNkulunkulu.
2 Ngakho lapho uPetru ekhuphukela eJerusalema, abasekeli bokusoka+ baphikisana naye,
3 bethi ungene endlini yabantu abangasokile wadla nabo.
4 Khona-ke uPetru waqala ukubachazela imininingwane, ethi:
5 “Ngangisemzini waseJopha ngithandaza, futhi lapho ngithathwe yisihlwathi ngabona umbono, okuthile okunjengesitsha kwehla njengendwangu enkulu yelineni yehliswa ngamachopho ayo amane ivela ezulwini, kweza kwaze kwafika kimi.
6 Lapho ngigqolozela kukho, ngabhekisisa ngabona izidalwa zomhlaba ezinezinyawo ezine nezilo zasendle nezinto ezinwabuzelayo nezinyoni zezulu.+
7 Ngezwa izwi lithi kimi, ‘Vuka, Petru, hlaba udle!’+
8 Kodwa ngathi, ‘Lutho neze, Nkosi, ngoba into engcolile noma engahlanzekile ayikaze ingene emlonyeni wami.’+
9 Ngokwesibili izwi elivela ezulwini laphendula lathi, ‘Yeka ukubiza izinto uNkulunkulu azihlanzile+ ngokuthi zingcolile.’
10 Lokhu kwenzeka futhi okwesithathu, futhi konke kwabuye kwadonselwa phezulu ezulwini.+
11 Bheka! ngaso leso sikhathi kwakunamadoda amathathu emi endlini esasikuyo, ethunywe kimi evela eKhesariya.+
12 Ngakho umoya+ wangitshela ukuba ngihambe nawo, ngingangabazi neze. Laba bazalwane abayisithupha bahamba nami, sangena endlini yaleyo ndoda.+
13 “Yasibikela indlela eyabona ngayo ingelosi ima endlini yayo ithi, ‘Thuma abantu eJopha ukuba balande uSimoni osibongo sakhe singuPetru,+
14 uzokhuluma lezo zinto kuwe ongase usindiswe ngazo wena nayo yonke indlu yakho.’+
15 Kodwa lapho ngiqala ukukhuluma, umoya ongcwele wehlela phezu kwabo njengoba nje wehlela naphezu kwethu ekuqaleni.+
16 Khona-ke ngakhumbula izwi leNkosi, indlela eyayivame ngayo njalo ukuthi, ‘UJohane, yena, wabhapathiza ngamanzi,+ kodwa nina nizobhapathizwa ngomoya ongcwele.’+
17 Ngakho-ke, uma uNkulunkulu ebanike isipho esifanayo sesihle njengoba nathi asinika thina esiye sakholwa eNkosini uJesu Kristu,+ bengingubani mina ukuba ngikwazi ukuthiya uNkulunkulu?”+
18 Manje lapho bezwa lezi zinto, bathula,+ futhi bakhazimulisa uNkulunkulu,+ bethi: “Khona-ke, uNkulunkulu uye wanika nabantu bezizwe+ ukuphenduka ngenjongo yokuphila.”
19 Ngenxa yalokho labo ababehlakazwe+ usizi olwaqubuka ngoStefanu bahamba baze bayofika eFenike+ naseKhupro+ nase-Antiyokiya, kodwa bengalikhulumi kumuntu izwi, kumaJuda kuphela.+
20 Nokho, kubo kwakukhona amadoda athile aseKhupro naseKhurene afika e-Antiyokiya akhuluma nabantu abakhuluma isiGreki,+ ememezela izindaba ezinhle zeNkosi uJesu.+
21 Ngaphezu kwalokho, isandla sikaJehova+ sasinawo, futhi isibalo esikhulu esaba ngamakholwa saphendukela eNkosini.+
22 Indaba yaso yafika ezindlebeni zebandla elaliseJerusalema, lathumela uBarnaba+ e-Antiyokiya.
23 Lapho efika futhi ebona umusa ongafanelwe+ kaNkulunkulu, wajabula+ wabakhuthaza bonke ukuba baqhubeke eNkosini ngenjongo eqotho;+
24 ngoba wayeyindoda enhle negcwele umoya ongcwele nokholo. Futhi kwanezelwa isixuku esikhulu eNkosini.+
25 Ngakho waya eTarsu+ eyofuna uSawulu yonke indawo,+
26 futhi ngemva kokuba esemtholile, wamletha e-Antiyokiya. Kanjalo unyaka wonke babehlangana ndawonye nabo ebandleni bafundise isixuku esikhulu impela, futhi kwaqala e-Antiyokiya ukuba ngokwelungiselelo laphezulu abafundi babizwe ngokuthi amaKristu.+
27 Manje kulezi zinsuku abaprofethi+ behlela e-Antiyokiya bevela eJerusalema.
28 Omunye wabo ogama lakhe lingu-Agabu+ wasukuma wabonisa ngomoya ukuthi kukhona indlala enkulu eyayizokwehlela wonke umhlaba owakhiwe;+ empeleni, yaba khona esikhathini sikaKlawudiyu.
29 Ngakho labo ababengabafundi banquma, yilowo nalowo kubo ngokwalokho umuntu ayenamandla okukwenza,+ ukuba benze inkonzo ngokuthumela usizo+ kubazalwane abahlala eJudiya;
30 lokhu bakwenza, beluthumela emadodeni amadala ngesandla sikaBarnaba noSawulu.+