IzEnzo 10:1-48

10  Manje eKhesariya kwakukhona umuntu othile ogama lakhe linguKorneliyu, isikhulu sebutho+ esiphethe iviyo lase-Italiya,+ njengoba lalibizwa kanjalo,  umuntu ozinikele+ nowesaba+ uNkulunkulu nayo yonke indlu yakhe, wayenzela abantu izipho eziningi zesihe+ futhi enxusa njalo kuNkulunkulu.+  Cishe nje ngehora lesishiyagalolunye+ losuku wabona ngokucacile embonweni+ ingelosi+ kaNkulunkulu ingena iza kuye futhi ithi kuye: “Korneliyu!”  Lo muntu wayigqolozela, efikelwa ukwethuka, wathi: “Kwenzenjani, Nkosi?” Yathi kuye: “Imithandazo+ nezipho zakho zesihe kunyukile kwaba njengesikhumbuzo phambi kukaNkulunkulu.+  Ngakho manje thuma amadoda eJopha ubize uSimoni othile osibongo sakhe singuPetru.  Lo muntu ubungazwa uSimoni othile, umshuki, onendlu ngasolwandle.”+  Ngokushesha nje lapho ingelosi ebikhuluma naye isihambile, wabiza ezimbili zezinceku zakhe zasendlini nesosha elizinikele phakathi kwalabo ababemkhonza njalo,+  wabalandisa konke wayesebathuma eJopha.+  Ngosuku olulandelayo njengoba beqhubeka nohambo lwabo futhi besondela emzini, uPetru wakhuphukela phezu kwendlu+ cishe ngehora lesithupha eyothandaza.+ 10  Kodwa walamba kakhulu wafuna ukudla. Lapho besalungisa, wathathwa isihlwathi+ 11  wabona izulu livulekile+ nokuthile okunjengesitsha kwehla njengendwangu enkulu yelineni yehliselwa emhlabeni ngamachopho ayo amane; 12  kukho kwakukhona zonke izinhlobo zezidalwa ezinezinyawo ezine nezinto ezinwabuzelayo zomhlaba nezinyoni zezulu.+ 13  Kwafika kuye izwi lathi: “Vuka, Petru, hlaba udle!”+ 14  Kodwa uPetru wathi: “Lutho neze, Nkosi, ngoba angikaze ngidle noma yini engcolile nengahlanzekile.”+ 15  Izwi laphinde lakhuluma naye, okwesibili lathi: “Yeka ukubiza izinto uNkulunkulu azihlanzile ngokuthi zingcolile.”+ 16  Lokhu kwenzeka okwesithathu, masinyane isitsha sanyuselwa ezulwini.+ 17  Manje lapho uPetru esasambatheke kakhulu ngaphakathi kwakhe ngokuthi lo mbono ayewubonile ungase usho ukuthini, bheka! amadoda ayethunywe uKorneliyu ayebuze ngendlu kaSimoni futhi esemi laphaya esangweni.+ 18  Amemeza abuza ukuthi uSimoni osibongo sakhe singuPetru wayebungazwa khona yini. 19  Njengoba uPetru ecabanga engqondweni yakhe ngalo mbono, umoya+ wathi: “Bheka! Kukhona amadoda amathathu akufunayo. 20  Nokho, vuka, wehlele phansi futhi uhambe nawo, ungangabazi neze, ngoba ngiwathumile.”+ 21  Ngakho uPetru wehlela phansi kulawo madoda futhi wathi: “Bhekani! Yimi enimfunayo. Kungani nilapha?” 22  Athi: “UKorneliyu, isikhulu sebutho, indoda elungile neyesaba uNkulunkulu+ futhi ekhulunyelwa kahle+ yiso sonke isizwe samaJuda, unikwe iziyalezo zaphezulu yingelosi engcwele zokuba athumele ukuba uze endlini yakhe futhi ezwe izinto ozozisho.” 23  Ngakho-ke wawangenisa, wawabungaza. Ngosuku olulandelayo wavuka wahamba nawo, nabanye kubazalwane baseJopha bahamba naye. 24  Ngosuku olungemva kwalolo wangena eKhesariya. Yebo, uKorneliyu wayebalindele futhi ebizele ndawonye izihlobo zakhe nabangane abaseduze. 25  Njengoba uPetru engena, uKorneliyu wamhlangabeza, wawa phansi ezinyaweni zakhe wamkhothamela. 26  Kodwa uPetru wamphakamisa, wathi: “Vuka; nami ngokwami ngingumuntu.”+ 27  Njengoba exoxa naye wangena wathola abantu abaningi behlangene, 28  wathi kubo: “Niyazi kahle indlela okungemthetho ngayo ngomJuda ukuba azihlanganise nomuntu wolunye uhlanga noma asondele kuye;+ nokho uNkulunkulu ungibonisile ukuthi ngingabizi muntu ngokuthi ungcolile noma akahlanzekile.+ 29  Ngakho ngizile, ngempela ngaphandle kokuphikisa, lapho kuthunyelwa ukuba ngilandwe. Ngakho-ke ngibuza isizathu sokuthumela kwenu ukuba ngilandwe.” 30  UKorneliyu wathi: “Ezinsukwini ezine ezidlule uma ngibala kusukela kuleli hora bengithandaza endlini yami ngehora lesishiyagalolunye,+ lapho, bheka! indoda ethile egqoke isembatho esikhanyayo+ ima phambi kwami 31  ithi, ‘Korneliyu, umthandazo wakho uzwakele ngomusa, nezipho zakho zesihe zikhunjuliwe phambi kukaNkulunkulu.+ 32  Ngakho-ke, thumela eJopha ubize uSimoni, osibongo sakhe singuPetru.+ Lo muntu ubungazwa endlini kaSimoni, umshuki, ngasolwandle.’+ 33  Ngakho-ke ngaso leso sikhathi ngiye ngathumela kuwe, futhi wenzé kahle ngokuza lapha. Ngakho manje sonke silapha phambi kukaNkulunkulu ukuba sizwe zonke izinto oyalwe nguJehova ukuba uzisho.”+ 34  Khona-ke uPetru wavula umlomo wakhe wathi: “Ngokuqinisekile ngiyaqonda ukuthi uNkulunkulu akakhethi,+ 35  kodwa ezizweni zonke umuntu omesabayo futhi enze ukulunga uyamukeleka kuye.+ 36  Wathumela izwi+ kubantwana bakwa-Israyeli ukuze amemezele kubo izindaba ezinhle zokuthula+ ngoJesu Kristu: Lona uyiNkosi yabo bonke abanye.+ 37  Niyayazi indaba okwakukhulunywa ngayo kulo lonke elaseJudiya, kusukela eGalile ngemva kobhapathizo olwalushunyayelwa uJohane,+ 38  okuyile, uJesu waseNazaretha, indlela uNkulunkulu amgcoba ngayo ngomoya ongcwele+ nangamandla, futhi wadabula izwe enza okuhle, ephulukisa bonke abacindezelwe uDeveli;+ ngoba uNkulunkulu wayenaye.+ 39  Thina singofakazi bazo zonke izinto azenza kokubili ezweni lamaJuda naseJerusalema; kodwa futhi bambulala ngokumlengisa esigxotsheni.+ 40  UNkulunkulu wamvusa lo ngosuku lwesithathu futhi wamvumela ukuba abonakale,+ 41  hhayi kubo bonke abantu, kodwa kofakazi abamiswa uNkulunkulu+ kusengaphambili, kithi, esadla futhi saphuza naye+ ngemva kokuvuka kwakhe kwabafileyo. 42  Wasiyala ukuba sishumayele+ kubantu, sinikeze ubufakazi obuphelele bokuthi lo nguYe uNkulunkulu anquma ukuba abe umahluleli wabaphilayo nabafileyo.+ 43  Bonke abaprofethi bafakaza ngaye,+ ukuthi wonke umuntu oba nokholo kuye uyathethelelwa izono ngegama lakhe.”+ 44  Lapho uPetru esakhuluma ngalezi zindaba umoya ongcwele wehlela kubo bonke ababezwa izwi.+ 45  Futhi abathembekileyo ababeze noPetru ababengabalabo abasokile, bamangala, ngoba isipho samahhala somoya ongcwele sasithululelwe naphezu kwabantu bezizwe.+ 46  Ngoba babezwa bekhuluma ngezilimi bedumisa uNkulunkulu.+ Khona-ke uPetru wathi: 47  “Ingabe ukhona ongenqaba namanzi ukuba bangabhapathizwa+ laba abamukele umoya ongcwele njengoba nje nathi siwamukele?” 48  Khona manjalo wabayala ukuba babhapathizwe egameni likaJesu Kristu.+ Khona-ke bamcela ukuba ahlale izinsuku ezithile.

Imibhalo yaphansi