IzAga 31:1-31

31  Amazwi kaLemuweli inkosi, umyalezo onohlonze+ unina amnika wona emqondisa:+  O ndodana yami, yini engiyishoyo, yini enye, ndodana yesisu sami,+ yini enye futhi ndodana yezithembiso zami?+  Unganiki abesifazane amandla akho,+ nezindlela zakho ungaziniki lokho okuholela ekuqothulweni kwamakhosi.+  Akukhona okwamakhosi, Lemuweli, akukhona okwamakhosi ukuphuza iwayini noma okwezikhulu eziphakeme ukuba zithi: “Luphi uphuzo oludakayo?”+  ukuze umuntu angaphuzi abese ekhohlwa okunqunyiwe futhi aphendukezele udaba lwanoma ubani kubantwana bokuhlupheka.+  Lunikeni osezoshabalala+ uphuzo oludakayo, newayini nilinike labo abamunyu emphefumulweni.+  Umuntu makaphuze akhohlwe ngubumpofu bakhe, angabe esayikhumbula inkathazo yakhe.  Umlomo wakho wuvulele ongakhulumi,+ odabeni lwabo bonke abadlulayo.+  Vula umlomo wakho, yahlulela ngokulunga umele udaba lohluphekile nompofu.+ א [ʼAʹleph] 10  Ngubani ongathola umfazi onekhono?+ Inani lakhe lilidlula kude elamakhorali. ב [Behth] 11  Inhliziyo yomnikazi wakhe ibeke ithemba kuye, futhi akukho nzuzo entulekayo.+ ג [Giʹmel] 12  Umvuzé ngokuhle, hhayi ngokubi, zonke izinsuku zokuphila kwakhe.+ ד [Daʹleth] 13  Ufuné uboya nelineni, futhi wenza noma yini izandla zakhe eziyijabulelayo.+ ה [Heʼ] 14  Ubé njengemikhumbi yomthengisi.+ Ukulanda kude ukudla kwakhe. ו [Waw] 15  Futhi uvuka kusesebusuku,+ aphe abendlu yakhe ukudla anike nezintombi+ zakhe izabelo ezimisiwe. ז [Zaʹyin] 16  Ucabangelé insimu wayithola;+ ngezithelo zezandla zakhe uye watshala isivini.+ ח [Chehth] 17  Ubhince izikhwepha okhalweni lwakhe, futhi uhlumelelisa izingalo zakhe.+ ט [Tehth] 18  Uqaphelile ukuthi ukuhweba kwakhe kuhle; isibani sakhe asicimi ebusuku.+ י [Yohdh] 19  Welulelé izandla zakhe othini lokubamba imicu, izandla zakhe zibamba uthi lokuphotha.+ כ [Kaph] 20  Intende yesandla sakhe uyelulele ohluphekile, futhi izandla zakhe uzelulele ompofu.+ ל [Laʹmedh] 21  Akabesabeli abendlu yakhe ngenxa yeqhwa, ngoba bonke abendlu yakhe bembethe izingubo eziphindwe kabili.+ מ [Mem] 22  Uzenzelé izindwangu zokwemboza.+ Izembatho zakhe zingezelineni noboya obudaywe baba nsomi ngokubomvu.+ נ [Nun] 23  Umnikazi+ wakhe ngumuntu owaziwayo emasangweni,+ lapho ehlala phansi kanye namanye amadoda amadala ezwe. ס [Saʹmekh] 24  Wenzé ngisho nezingubo zangaphansi+ futhi wazithengisa, wanika namadoda angabahwebi amabhande. ע [ʽAʹyin] 25  Izikhwepha nobukhazikhazi yizembatho zakhe,+ futhi uyaluhleka usuku oluzayo.+ פ [Peʼ] 26  Umlomo wakhe uwuvule ngokuhlakanipha,+ nomthetho womusa wothando usolimini lwakhe.+ צ [Tsa·dhehʹ] 27  Uqapha okwenzekayo endlini yakhe, futhi akasidli isinkwa sobuvila.+ ק [Qohph] 28  Amadodana akhe asukumile athi uyajabula;+ umnikazi wakhe uyasukuma amdumise.+ ר [Rehsh] 29  Baningi abesifazane+ abanekhono, kodwa wena—wena ubadlula bonke.+ ש [Shin] 30  Ukukhanga kungase kube yinkohliso,+ nobuhle bungase bube yize;+ kodwa owesifazane owesaba uJehova nguye ozitholela udumo.+ ת [Taw] 31  Mnikeni izithelo zezandla zakhe,+ futhi imisebenzi yakhe mayimdumise emasangweni.+

Imibhalo yaphansi