Hoseya 8:1-14

8  “Emlonyeni —uphondo!+ Umuntu uza njengokhozi+ emelene nendlu kaJehova, ngesizathu sokuthi yeqe isivumelwano sami,+ futhi yeqe umthetho wami.+  Ilokhu ingimemeza ithi, ‘O Nkulunkulu wami, thina, Israyeli, sazé wena.’+  “U-Israyeli ulahle okuhle.+ Umuntu oyisitha makamsukele.+  Yena uzimisele amakhosi,+ kodwa hhayi ngenxa yami. Umise izikhulu, kodwa mina angazanga. Ngesiliva lakhe nangegolide lakhe uzenzele izithombe,+ ukuze anqunywe.+  O Samariya, ithole lakho lilahliwe.+ Intukuthelo yami ibavuthele.+ Kuyoze kube nini bengakwazi ukuba msulwa?+  Ngoba kusukela kwa-Israyeli bekulokhu kuyikho lokhu.+ Yingcweti nje ekwenzile,+ akuyena uNkulunkulu; ngoba ithole laseSamariya liyoba amabazelo nje.+  “Ngoba baqhubeka behlwanyela umoya, futhi bayovuna isivunguvungu.+ Akukho lutho olunokusanhlamvu okumile.+ Akukho hlumela eliveza ufulawa.+ Uma kungenzeka kube khona eliwuvezayo, izihambi ziyowugwinya.+  “U-Israyeli uzogwinywa.+ Manje uzoba phakathi kwezizwe,+ njengesitsha umuntu angajabuli ngaso.+  Ngoba yena ukhuphukele e-Asiriya,+ njengedube elingalodwa.+ U-Efrayimi yena, uqashe izithandwa.+ 10  Futhi, nakuba eqhubeka eziqasha phakathi kwezizwe,+ manje ngizomqoqela ndawonye; futhi uzoba sezinhlungwini ezinzima+ isikhashana ngenxa yomthwalo osindayo wenkosi nowezikhulu. 11  “Ngoba u-Efrayimi wandise ama-altare ukuze one.+ Uye waba nama-altare ukuze one.+ 12  Ngambhalela izinto eziningi zomthetho wami;+ zabhekwa njengezinto eziyinqaba.+ 13  Balokhu benza umhlatshelo ngenyama ukuba ibe yimihlatshelo yami eyisipho,+ futhi balokhu bedla lokho uJehova angazange ajabule ngakho.+ Manje uzosikhumbula isiphambeko sabo futhi abenze balandise ngezono zabo.+ Bona babuyela eGibhithe.+ 14  U-Israyeli wamkhohlwa uMenzi wakhe+ wakha amathempeli;+ uJuda yena, wandisa imizi enezivikelo eziqinile.+ Mina ngokuqinisekile ngizothumela umlilo emizini yakhe futhi uzoshwabadela imibhoshongo yokuhlala yalowo nalowo.”+

Imibhalo yaphansi