Hoseya 3:1-5

3  UJehova waqhubeka wathi kimi: “Hamba uphinde futhi uthande owesifazane othandwa ngumngane wakho+ futhi ophingayo, njengasendabeni yokuthanda kukaJehova abantwana bakwa-Israyeli+ kuyilapho bona bephendukela kwabanye onkulunkulu+ futhi bethanda amaqebelengwane enziwe ngamagilebhisi omisiwe.”+  Ngazithengela yena ngezinhlamvu zesiliva eziyishumi nanhlanu+ nangehomere lebhali nangengxenye yehomere lebhali.  Khona-ke ngathi kuye: “Uzohlala izinsuku eziningi ungowami.+ Akumelwe ufebe,+ futhi akumelwe ube ngowenye indoda;+ nami ngizoba njalo kuwe.”  Lokhu kungenxa yokuthi izinsuku eziningi abantwana bakwa-Israyeli bayohlala bengenayo inkosi+ futhi bengenaso isikhulu futhi bengenawo nomhlatshelo,+ bengenayo nensika engenayo ne-efodi+ namatherafi.+  Ngemva kwalokho abantwana bakwa-Israyeli bayobuya futhi ngokuqinisekile bamfune uJehova uNkulunkulu wabo,+ noDavide inkosi yabo;+ ngokuqinisekile bayoza bethuthumela kuJehova+ nasebuhleni bakhe engxenyeni yokugcina yezinsuku.+

Imibhalo yaphansi