Hoseya 2:1-23

2  “Yishoni kubafowenu nithi, ‘Abantu bami!’+ nakodadewenu nithi, ‘O wena wesifazane oboniswe isihe!’+  Mquliseni icala unyoko;+ mquliseni icala, ngoba akayena umkami+ nami angiyena umyeni wakhe.+ Kufanele asuse ubufebe bakhe phambi kwakhe nezenzo zakhe zokuphinga phakathi kwamabele akhe,+  ukuze ngingamhlubuli ahambe-ze+ futhi empeleni ngimbeke abe njengasosukwini lokuzalwa kwakhe,+ futhi ngimmise abe njengehlane+ ngimbeke abe njengezwe elingenamanzi+ futhi ngimbulale ngokoma.+  Ngeke ngiwabonise isihe amadodana akhe,+ ngoba angamadodana obufebe.+  Ngoba unina wenze ubufebe.+ Yena owawakhulelwa wenzé ngokuhlazisayo,+ ngoba uthe, ‘Ngifuna ukulandela labo abangikhanukelayo,+ abanginika isinkwa namanzi, uboya nelineni, amafutha nesiphuzo.’+  “Ngakho-ke bheka ngibiyela indlela yakho nxazonke ngameva; ngiyomisa udonga lwamatshe ngokumelene naye,+ ngeke azithole izindlela zakhe.+  Empeleni uyogijima alandele izithandwa zakhe ezimkhanukelayo, kodwa ngeke azifice;+ ngokuqinisekile uyozifuna, kodwa ngeke azithole. Khona-ke uyobe esethi, ‘Ngifuna ukuhamba ngibuyele kumyeni wami,+ owokuqala,+ ngoba kwakungcono ngaleso sikhathi kunamanje.’+  Kodwa yena ubengaqapheli+ ukuthi yimi engangimnike okusanhlamvu+ newayini elimnandi namafutha, nokuthi yimi engamandisela isiliva, negolide, abalisebenzisela uBhali.+  “‘Ngakho-ke ngizophenduka futhi ngokuqinisekile ngikuthathe okusanhlamvu kwami ngesikhathi sako newayini lami elimnandi ngenkathi yalo,+ futhi ngizobuhlwitha uboya bami nelineni lami lokumboza ubunqunu bakhe.+ 10  Manje ngizozembula izitho zakhe zangasese emehlweni ezithandwa zakhe ezimkhanukelayo,+ futhi ngeke kube namuntu oyomhlwitha esandleni sami.+ 11  Ngokuqinisekile ngizobangela ukuba kuphele konke ukwethaba kwakhe,+ umkhosi wakhe,+ ukwethwasa kwenyanga yakhe+ nesabatha lakhe nazo zonke izinkathi zakhe zemikhosi. 12  Ngizowenza ube yincithakalo umvini wakhe+ nomkhiwane wakhe,+ athé ngako: “Kuyisipho sami, engisiphiwe izithandwa zami ezingikhanukelayo”; futhi ngizokwenza kube yihlathi,+ ngokuqinisekile isilo sasendle siyokushwabadela. 13  Ngizomenza ukuba alandise+ ngenxa yezinsuku zemifanekiso kaBhali+ ayelokhu eyishunqisela umusi womhlatshelo,+ ngesikhathi elokhu evunula ngendandatho yakhe nangomhlobiso wakhe+ futhi elokhu elandela izithandwa zakhe ezimkhanukelayo,+ mina wangikhohlwa,’+ kusho uJehova. 14  “‘Ngakho-ke bhekani ngiyamehlula, futhi ngizombangela ukuba aye ehlane,+ futhi ngizokhuluma nenhliziyo yakhe.+ 15  Ngizomnika izivini zakhe kusukela ngaleso sikhathi kuqhubeke,+ nethafa eliphansi lase-Akori+ njengomnyango oya ethembeni; ngokuqinisekile lapho uzophendula njengasezinsukwini zobusha+ bakhe nanjengasosukwini lokukhuphuka kwakhe ephuma ezweni laseGibhithe.+ 16  Kuyothi ngalolo suku,’ kusho uJehova, ‘wena ungibize ngokuthi, myeni wami, futhi ngeke usangibiza ngokuthi mnikazi wami.’+ 17  “‘Ngiyowasusa amagama emifanekiso kaBhali emlonyeni wakhe,+ futhi ngeke isakhunjulwa ngegama layo.+ 18  Bona ngokuqinisekile ngiyobenzela isivumelwano ngalolo suku ngokuphathelene nesilo sasendle+ nesidalwa esindizayo samazulu nento enwabuzelayo yasemhlabathini, futhi umnsalo nenkemba nempi ngiyokwephula kuphele ezweni,+ ngiyobalalisa ngokulondeka.+ 19  Ngiyokwenza ube ngowami kuze kube nini nanini,+ futhi ngiyokwenza ube ngowami ngokulunga nangobulungisa nangomusa wothando nangesihe.+ 20  Ngiyokwenza ube ngowami ngokwethembeka; ngokuqinisekile uyomazi uJehova.’+ 21  “‘Kuyothi ngalolo suku ngiphendule,’ kusho uJehova, ‘ngiphendule amazulu, wona aphendule umhlaba;+ 22  umhlaba wona, uyophendula okusanhlamvu+ newayini elimnandi namafutha; kona, kuphendule uJizreyeli [‘uNkulunkulu uyohlwanyela imbewu’].+ 23  Ngokuqinisekile ngiyomhlwanyela njengembewu ehlwanyelelwa mina emhlabathini,+ futhi ngiyombonisa isihe yena obengaboniswanga isihe,+ ngiyothi kulabo abangebona abantu bami: “Ningabantu bami”;+ bona, bayothi: “UnguNkulunkulu wami.”’”+

Imibhalo yaphansi