Hoseya 13:1-16

13  “Lapho u-Efrayimi ekhuluma, kwakuba khona ukuthuthumela; wayenesisindo kwa-Israyeli.+ Kodwa waba necala ngokuphathelene noBhali+ futhi wafa.+  Manje benza esinye isono bazenzela isithombe esincibilikisiwe ngesiliva labo,+ izithombe ngokokuqonda kwabo siqu,+ umsebenzi wezingcweti, wonke.+ Bathi kuzo, ‘Abantu abenza imihlatshelo mabange amathole angelutho.’+  Ngakho-ke bayoba njengamafu asekuseni+ nanjengamazolo amukayo ekuseni; njengamakhoba apheshulwa ngamandla esibuyeni+ nanjengomusi embotsheni yophahla.  “Kodwa mina nginguJehova uNkulunkulu wakho kwasezweni laseGibhithe,+ futhi kwakungekho Nkulunkulu owawumazi ngaphandle kwami; futhi kungekho msindisi ngaphandle kwami.+  Mina ngokwami ngakwazi ehlane,+ ezweni lemikhuhlane.+  Baneliseka ngokwamadlelo abo.+ Baneliseka futhi inhliziyo yabo yaqala ukuphakama.+ Yingakho bangikhohlwa.+  Kubo ngizoba njengebhongo lengonyama.+ Ngizoqhubeka ngibhekile njengengwe ngasendleleni.+  Ngizonqwamana nabo njengebhere elilahlekelwe amawundlu,+ futhi ngizosidabula isihenqo senhliziyo yabo. Ngizobashwabadela lapho njengengonyama;+ isilo sasendle sizobadwengula.+  Ngokuqinisekile sizokuchitha,+ Israyeli, ngoba wawumelene nami, umelene nomsizi wakho.+ 10  “Iphi-ke inkosi yakho, ukuze ikusindise kuyo yonke imizi yakho,+ nabahluleli bakho, owathi ngabo, ‘Nginike inkosi nezikhulu?+ 11  Ngakunika inkosi ngentukuthelo yami,+ futhi ngizoyisusa ngokufutheka kwami.+ 12  “Isiphambeko sika-Efrayimi sisongiwe, isono sakhe silondiwe.+ 13  Yimihelo yowesifazane obelethayo ezomfikela.+ Uyindodana engahlakaniphile,+ ngoba lapho kuba inkathi ngeke eme ekuphumeni kwamadodana esibelethweni.+ 14  “Ngizobakhulula esandleni seShiyoli;+ ngizobophula ekufeni.+ O Kufa, ziphi izindosi zakho?+ O Shiyoli, kuphi ukubhubhisa kwakho?+ Ububele buyofihlwa emehlweni ami.+ 15  “Uma kwenzeka yena njengendodana yezitshalo zomhlanga athele,+ kuyofika umoya wasempumalanga, umoya kaJehova.+ Uyakhuphuka uvela ehlane, futhi uyokomisa umthombo wakhe ushise isiphethu sakhe.+ Lowo uyophanga ingcebo yazo zonke izinto ezifiselekayo.+ 16  “ISamariya liyobhekwa njengelinecala,+ ngoba empeleni liyadlubulunda kuNkulunkulu walo.+ Liyokuwa ngenkemba.+ Abantwana balo bayophahlazwa,+ nabesifazane balo abakhulelweyo bayoqhaqhwa.”+

Imibhalo yaphansi