Hoseya 11:1-12

11  Lapho u-Israyeli esengumfana, ngamthanda+ ngaleso sikhathi, futhi ngayibiza indodana yami ukuba iphume eGibhithe.+  “Bababiza.+ Basuka phambi kwabo ngesilinganiso esifanayo.+ Benzela imifanekiso yoBhali imihlatshelo,+ futhi bashunqisela imifanekiso ebaziweyo umusi womhlatshelo.+  Mina-ke, ngafundisa u-Efrayimi ukuhamba,+ ngimthwala ngezingalo zami;+ akazange aqaphele ukuthi ngangimphulukisile.+  Ngaqhubeka ngimdonsa ngezindophi zomuntu wasemhlabeni, ngamagoda othando,+ kangangokuba ngaba kuye njengalabo abasusa ijoka emihlathini yakhe,+ futhi ngobumnene ngaletha ukudla kulowo nalowo.+  Ngeke abuyele ezweni laseGibhithe, kodwa i-Asiriya liyoba yinkosi yakhe,+ ngoba benqabile ukubuya.+  Ngokuqinisekile inkemba iyozululeka emizini yakhe+ iqede imigoqo yakhe futhi ishwabadele+ ngenxa yamacebo akhe.+  Futhi isizwe sami sithambekela ekungathembekini kimi.+ Basibizela phezulu; akekho nhlobo ovukayo.  “O Efrayimi,+ ngingakudela kanjani? O Israyeli,+ ngingakunikela kanjani? Ngingakumisa kanjani ube njenge-Adima?+ Ngingakubeka kanjani ube njengeZebhoyimi?+ Inhliziyo yami ishintshile ngaphakathi kimi;+ ngesikhathi esifanayo ububele bami buyavutha.  Ngeke ngiyibonise intukuthelo yami evuthayo.+ Ngeke ngiphinde ngimchithe u-Efrayimi,+ ngoba mina nginguNkulunkulu+ angiyena umuntu, oNgcwele ophakathi kwenu;+ ngeke ngize nginevuso. 10  Bayolandela uJehova.+ Uyobhonga njengengonyama;+ ngoba yena ngokwakhe uyobhonga,+ futhi amadodana ayofika ethuthumela evela entshonalanga.+ 11  Bayophuma eGibhithe bethuthumela njengenyoni,+ baphume ezweni lase-Asiriya njengejuba;+ ngokuqinisekile ngiyobenza ukuba bahlale ezindlini zabo,” kusho uJehova.+ 12  “U-Efrayimi ungihaqé ngamanga,+ nendlu ka-Israyeli ngenkohliso. Kodwa uJuda usahambahamba noNkulunkulu,+ futhi uthembekile koNgcwelengcwele.”

Imibhalo yaphansi