Eksodusi 16:1-36

16  Kamuva basuka e-Elimi,+ futhi yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli ekugcineni yafika ehlane laseSini,+ eliphakathi kwe-Elimi neSinayi, ngosuku lweshumi nanhlanu lwenyanga yesibili ngemva kokuphuma kwayo ezweni laseGibhithe.  Yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli yaqala ukububula ngoMose no-Aroni ehlane.+  Abantwana bakwa-Israyeli babelokhu bethi kubo: “Ngabe kungcono ukube safa+ ngesandla sikaJehova ezweni laseGibhithe lapho sasihlala ngasezimbizeni zenyama,+ lapho sasidla isinkwa size saneliseke, ngoba usikhiphele kuleli hlane ukuze ubulale lonke leli bandla ngendlala.”+  Khona-ke uJehova wathi kuMose: “Bheka ngininisela isinkwa esivela emazulwini;+ abantu kumelwe baphume babuthe yilowo nalowo isilinganiso sakhe sosuku nosuku,+ ukuze ngibavivinye ngibone ukuthi bazohamba yini emthethweni wami noma cha.+  Ngosuku lwesithupha+ kumelwe balungise lokho abazokungenisa, futhi kumelwe kube okuphindwe kabili kulokho abakubutha njalo usuku nosuku.”+  Ngakho uMose no-Aroni bathi kubo bonke abantwana bakwa-Israyeli: “Kusihlwa nizokwazi ngokuqinisekile ukuthi nguJehova onikhiphe ezweni laseGibhithe.+  Futhi ekuseni nizoyibona impela inkazimulo kaJehova,+ ngoba ukuzwile ukububula kwenu ngoJehova. Siyini thina ukuba ningabubula ngathi?”  UMose waqhubeka wathi: “Lokho kuzokwenzeka lapho uJehova enipha inyama kusihlwa ukuba nidle nesinkwa ekuseni nize nisuthe, ngoba uJehova ukuzwile ukububula kwenu ngaye. Thina siyini? Anibubuli ngathi kodwa nibubula ngoJehova.”+  UMose wathi ku-Aroni: “Yisho kuyo yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli uthi, ‘Sondelani phambi kukaJehova, ngoba ukuzwile ukububula kwenu.’”+ 10  Khona-ke kwathi ngokushesha nje lapho u-Aroni esekhulumile kuyo yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli, baphenduka babheka ngasehlane, bheka! inkazimulo kaJehova yabonakala efwini.+ 11  UJehova wakhuluma noMose, wathi: 12  “Ngikuzwile ukububula kwabantwana bakwa-Israyeli.+ Khuluma nabo, uthi, ‘Phakathi kokuhlwa okubili nizodla inyama futhi ekuseni nisuthe isinkwa;+ nizokwazi ngokuqinisekile ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wenu.’”+ 13  Kanjalo kwathi kusihlwa izigwaca+ zaqala ukufika zasibekela ikamu, futhi ekuseni kwakuvelé umlalela wamazolo nxazonke zekamu.+ 14  Ngemva kwesikhathi wahwamuka umlalela wamazolo futhi phezu kobuso behlane kwakukhona into ecolekileyo eyizingcwecwana,+ icoleke njengesithwathwa+ phezu komhlaba. 15  Lapho abantwana bakwa-Israyeli beyibona, bathi omunye komunye: “Kuyini lokhu?” Ngoba babengazi ukuthi kuyini. Ngakho uMose wathi kubo: “Yisinkwa uJehova aniphe sona ukuba sibe ukudla.+ 16  UJehova uyale ngaleli zwi, ‘Buthani esinye saso, ngamunye ngokulingana nokudla kwakhe. Kumelwe nithathe i-omere+ lomuntu ngamunye ngokwesibalo semiphefumulo umuntu ngamunye kini anayo etendeni lakhe.’” 17  Abantwana bakwa-Israyeli baqala ukwenza kanjalo; basibutha, abanye bebutha kakhulu abanye bebutha kancane. 18  Lapho besilinganisa nge-omere, owayebuthe kakhulu akabanga nensalela nowayebuthe kancane akantulanga.+ Basibutha ngamunye ngokulingana nokudla kwakhe. 19  Khona-ke uMose wathi kubo: “Makungabikho muntu osishiyayo kuze kube sekuseni.”+ 20  Kodwa abamlalelanga uMose. Kwakuthi lapho abanye abantu besishiyile kwaze kwaba sekuseni, sizalele izibungu futhi sinuke;+ kangangokuthi uMose wabathukuthelela.+ 21  Babesibutha njalo ekuseni,+ ngamunye ngokulingana nokudla kwakhe. Lapho ilanga selishisa, sasincibilika. 22  Kwathi ngosuku lwesithupha babutha isilinganiso sesinkwa esiphindwe kabili,+ ama-omere amabili umuntu emunye. Ngakho zonke izikhulu zenhlangano zeza zabika kuMose. 23  Wathi kuzo: “Yilokho uJehova akukhulumile. Kusasa kuzogcinelwa uJehova isabatha elingcwele.+ Eningakubhaka, kubhakeni, nalokho eningakubilisa, kubiliseni,+ futhi konke okusele zigcineleni kona njengento okumelwe igcinwe kuze kube sekuseni.” 24  Ngakho bakugcina kwaze kwaba sekuseni, njengoba nje uMose ayeyalile; akunukanga futhi akuvelanga izimpethu.+ 25  Khona-ke uMose wathi: “Yidlani kona namuhla, ngoba namuhla yisabatha+ kuJehova. Namuhla ngeke nikuthole esigangeni. 26  Niyokubutha izinsuku eziyisithupha, kodwa ngosuku lwesikhombisa yisabatha.+ Ngeke kwakheke ngalo.” 27  Nokho, kwathi ngosuku lwesikhombisa abanye babantu baphuma beyokubutha, kodwa abatholanga lutho. 28  Ngakho uJehova wathi kuMose: “Kuyoze kube nini nenqaba ukugcina imiyalo yami nemithetho yami?+ 29  Liphawuleni iqiniso lokuthi uJehova uninike isabatha.+ Kungaleso sizathu ngosuku lwesithupha eninika isinkwa sezinsuku ezimbili. Yilowo nalowo makahlale endaweni yakhe.+ Makungabikho muntu ophumayo endaweni yakhe ngosuku lwesikhombisa.” 30  Abantu baligcina isabatha ngosuku lwesikhombisa.+ 31  Indlu ka-Israyeli yaqala ukubiza igama lako ngokuthi “imana.” Kwakumhlophe njengembewu yekoriyanderi, futhi ukunambitheka kwako kwakufana nokwamaqebelengwane ayisicaba anoju.+ 32  Khona-ke uMose wathi: “UJehova uyale ngaleli zwi, ‘Gcwalisa i-omere lalo njengento okumelwe igcinwe kuzo zonke izizukulwane zenu,+ ukuze zisibone isinkwa engenza ukuba nisidle ehlane lapho nginikhipha ezweni laseGibhithe.’”+ 33  Ngakho uMose wathi ku-Aroni: “Thatha imbiza ufake kuyo i-omere eligcwele lemana ulibeke phambi kukaJehova njengento okumelwe igcinwe kuzo zonke izizukulwane zenu.”+ 34  Njengoba nje uJehova ayemyalile uMose, u-Aroni walibeka phambi kobuFakazi+ njengento okumelwe igcinwe. 35  Abantwana bakwa-Israyeli badla imana iminyaka engamashumi amane,+ kwaze kwaba yilapho befika ezweni elakhiweyo.+ Imana yilo abalidla baze bafika emngceleni wezwe laseKhanani.+ 36  I-omere lingokweshumi kwe-efa.

Imibhalo yaphansi