Duteronomi 9:1-29

9  “O Israyeli, yizwa, namuhla uwela iJordani+ ukuze ungene futhi uphuce izizwe ezinkulu nezinamandla kunawe ifa lazo,+ imizi emikhulu nenezivikelo eziqinile ezifinyelela emazulwini,+  isizwe esinabantu abakhulu nabade, abantwana bama-Anaki,+ wena ngokwakho owaziyo ngawo futhi wena ngokwakho oye wezwa kuthiwa, ‘Ubani ongema aqine phambi kwabantwana bama-Anaki?’  Wazi kahle namuhla ukuthi uJehova uNkulunkulu wakho uwela phambi kwakho.+ Ungumlilo oqothulayo.+ Uzozibhuqa,+ futhi yena ngokwakhe uzozinqoba phambi kwakho; kumelwe uziphuce ifa lazo futhi uzibhubhise ngokushesha, njengoba nje uJehova ekhulumile kuwe.+  “Ungasho enhliziyweni yakho lapho uJehova uNkulunkulu wakho ezidudula zisuke phambi kwakho ukuthi, ‘Kwakungenxa yokulunga kwami ukuthi uJehova ungingenisile ukuba ngilidle leli zwe,’+ kuyilapho uJehova exosha lezi zizwe phambi kwakho ngenxa yobubi bazo.+  Akungenxa yokulunga kwakho+ noma ubuqotho benhliziyo yakho+ ukuthi uyangena ulidle izwe lazo; eqinisweni, kungenxa yobubi balezi zizwe ukuthi uJehova uNkulunkulu wakho uyazixosha phambi kwakho,+ nokuba afeze izwi uJehova alifungela okhokho bakho, u-Abrahama,+ u-Isaka+ noJakobe.+  Futhi kumelwe wazi ukuthi akungenxa yokulunga kwakho ukuthi uJehova uNkulunkulu wakho ukunika leli zwe elihle ukuba udle ifa lalo; ngoba uyisizwe esintamo-lukhuni.+  “Khumbula: Ungayikhohlwa indlela omcasule ngayo uJehova uNkulunkulu wakho ehlane.+ Kusukela osukwini owaphuma ngalo ezweni laseGibhithe kuze kube sekufikeni kwenu kule ndawo niye nadlubulunda kuJehova ngokuziphatha kwenu.+  Ngisho naseHorebe navusela uJehova intukuthelo kangangokuba uJehova wanivuthela ngolaka kwaze kwaba seqophelweni lokufuna ukunibhuqa.+  Lapho ngenyukela entabeni ukuba ngamukele izibhebhe zamatshe,+ izibhebhe zesivumelwano uJehova ayesenze nani,+ futhi ngiqhubeka ngihlezi entabeni izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane,+ (angidlanga sinkwa futhi angiphuzanga manzi,) 10  khona-ke uJehova wanginika izibhebhe ezimbili zamatshe zilotshwe ngomunwe kaNkulunkulu;+ kukhona kuzo wonke amazwi uJehova ayewakhulume nani entabeni phakathi komlilo ngosuku lombuthano.+ 11  Kwathi ekupheleni kwezinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane uJehova wanginika izibhebhe ezimbili zamatshe, izibhebhe zesivumelwano;+ 12  uJehova wathi kimi, ‘Sukuma, yehla masinyane lapha, ngoba abantu bakho obakhiphe eGibhithe benzé ngendlela eyonakele.+ Baphambuké ngokushesha endleleni engibayale ngayo. Bazenzelé umfanekiso obunjiwe.’+ 13  UJehova waqhubeka washo lokhu kimi, ‘Ngisibonile lesi sizwe, bheka! siyisizwe esintamo-lukhuni.+ 14  Ngiyeke ngisibhuqe+ ngisule igama laso phansi kwamazulu,+ futhi ngenze wena ube yisizwe esinamandla nesinabantu abaningi kunaso.’+ 15  “Ngemva kwalokho ngaphenduka ngehla entabeni, ngesikhathi intaba ivutha umlilo;+ izibhebhe ezimbili zesivumelwano zazisezandleni zami zombili.+ 16  Khona-ke ngabheka, bheka, nanonile kuJehova uNkulunkulu wenu! Nanizenzele ithole elibunjiwe.+ Naniphambuke ngokushesha endleleni uJehova ayeniyale ngayo.+ 17  Ngakho ngazithatha izibhebhe ezimbili ngazijikijela phansi ngazo zombili izandla zami ngaziphihliza phambi kwamehlo enu.+ 18  Ngawa ngobuso phambi kukaJehova, njengasekuqaleni, izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane. Angidlanga sinkwa futhi angiphuzanga manzi,+ ngenxa yaso sonke isono senu enanisenzile ngokwenza okubi emehlweni kaJehova nimcasula.+ 19  Ngoba ngangesaba ngenxa yentukuthelo evuthayo uJehova ayenithukuthelele ngayo kwaze kwaba seqophelweni lokufuna ukunibhuqa.+ Nokho, uJehova wangilalela nangaleso sikhathi.+ 20  “UJehova wamvuthela ngolaka no-Aroni futhi, kwaze kwaba seqophelweni lokufuna ukumbhuqa;+ kodwa ngamnxusela+ no-Aroni ngaleso sikhathi. 21  Isono senu enanisenzile, ithole,+ ngalithatha, ngalishisa ngomlilo ngalichoboza, ngaligayisisa kwaze kwaba yilapho selicoleke njengothuli; okwathi ngemva kwalokho ngaphonsa uthuli lwalo esifufuleni esasehla entabeni.+ 22  “Ngaphezu kwalokho, eThabehera+ naseMasa+ naseKibiroti-hathawa+ navusela uJehova intukuthelo.+ 23  Futhi lapho uJehova enithuma niseKadeshi-barineya,+ ethi, ‘Hambani nilidle izwe engizoninika lona nakanjani!’ khona-ke nadlubulunda emyalweni kaJehova uNkulunkulu wenu,+ anilubonisanga ukholo+ kuye futhi anililalelanga izwi lakhe.+ 24  Niye nadlubulunda kuJehova ngokuziphatha kwenu+ kusukela osukwini enganazi ngalo. 25  “Ngakho ngawa ngobuso phambi kukaJehova izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane,+ ngawa ngobuso kanjalo ngoba uJehova wayekhulume ukuthi uzonibhuqa.+ 26  Nganxusa+ uJehova ngathi, ‘O Nkosi EnguMbusi Jehova, ungasichithi isizwe sakho, yebo impahla yakho wedwa,+ owasikhulula ngobukhulu bakho, owasikhipha eGibhithe+ ngesandla esinamandla.+ 27  Khumbula izinceku zakho o-Abrahama, no-Isaka noJakobe.+ Ungabuphenduleli ubuso bakho ebulukhunini balesi sizwe nasebubini baso nasesonweni saso,+ 28  funa izwe+ osikhiphe kulo lithi: “Ngenxa yokuba uJehova engakwazi ukusingenisa ezweni asithembise lona, nangenxa yokuba esizonda, wasikhipha ukuze asibulale ehlane.”+ 29  Futhi, siyisizwe sakho, nempahla yakho wedwa+ owayikhipha ngamandla akho amakhulu nangengalo yakho eyeluliwe.’+

Imibhalo yaphansi