Duteronomi 7:1-26
7 “Lapho uJehova uNkulunkulu wakho ekugcineni ekungenisa ezweni oya kulo ukuba ulidle,+ uyosusa futhi nezizwe ezinabantu abaningi phambi kwakho,+ amaHeti+ namaGirigashi+ nama-Amori+ namaKhanani+ namaPherizi+ namaHivi+ namaJebusi,+ izizwe eziyisikhombisa ezinabantu abaningi nezinamandla kunawe.+
2 UJehova uNkulunkulu wakho ngokuqinisekile uyozinikela kuwe, wena kumelwe uzihlule.+ Kumelwe nakanjani uzinikele ekubhujisweni.+ Akumelwe wenze isivumelwano nazo futhi ungazibonisi umusa nakancane.+
3 Akumelwe wakhe ubuhlobo bomshado nazo. Indodakazi yakho akumelwe uyinike indodana yakhe, nendodakazi yakhe akumelwe uyithathele indodana yakho.+
4 Ngoba iyophendula indodana yakho ingabe isangilandela, ngokuqinisekile bakhonze abanye onkulunkulu;+ intukuthelo kaJehova iyonivuthela impela, futhi ngokuqinisekile akubhuqe ngokushesha.+
5 “Ngakolunye uhlangothi, yilokhu okufanele nikwenze kuzo: Ama-altare azo kufanele niwadilize,+ izinsika zazo ezingcwele nizibhidlize,+ izigxobo zazo ezingcwele+ nizinqume,+ nemifanekiso yazo ebaziwe niyishise ngomlilo.+
6 Ngoba uyisizwe esingcwele kuJehova uNkulunkulu wakho.+ Nguwe uJehova uNkulunkulu wakho akukhethile ukuba ube yisizwe sakhe, impahla ekhethekile, kuzo zonke izizwe ezisebusweni bomhlaba.+
7 “Kwakungengenxa yokuba niyisizwe esinabantu abaningi kunazo zonke izizwe ukuthi uJehova wanithanda waze wanikhetha,+ ngoba naniyisizwe esincane kunazo zonke izizwe.+
8 Kodwa kwakungenxa yokunithanda kukaJehova,+ nangenxa yokugcina kwakhe isifungo ayesenze kokhokho benu,+ ukuze uJehova anikhiphe ngesandla esinamandla,+ ukuze anikhulule endlini yezigqila,+ esandleni sikaFaro inkosi yaseGibhithe.
9 Futhi wazi kahle ukuthi uJehova uNkulunkulu wakho unguNkulunkulu weqiniso,+ uNkulunkulu othembekile,+ ogcina isivumelwano+ nomusa wothando kulabo abamthandayo nalabo abagcina imiyalo yakhe kuze kube sezizukulwaneni eziyinkulungwane,+
10 kodwa obuyisela ebusweni balowo omzondayo ngokumbhubhisa.+ Ngeke anqikaze kulowo omzondayo; uyombuyisela ebusweni bakhe.
11 Kumelwe ugcine umyalo neziqondiso nezinqumo zokwahlulela engikuyala ngakho namuhla ngokuba ukwenze.+
12 “Ngenxa yokuthi niyaqhubeka nizilalela lezi zinqumo zokwahlulela futhi niyazenza niyazifeza,+ uJehova uNkulunkulu wakho uyosigcina kuwe isivumelwano+ nomusa wothando afunga ngakho kokhokho bakho.+
13 Ngokuqinisekile uyokuthanda akubusise,+ akwandise+ futhi abusise isithelo sesisu sakho+ nesithelo senhlabathi yakho,+ okusanhlamvu kwakho newayini lakho elisha namafutha akho, amathole ezinkomo zenu nenzalo yomhlambi wakho wezimvu nezimbuzi,+ ezweni afunga kokhokho bakho ukukunika lona.+
14 Uyoba yisizwe esibusiswe kunazo zonke izizwe.+ Ngeke kube khona phakathi kwakho owesilisa noma owesifazane ongenabo abantwana, ngisho naphakathi kwezilwane zakho ezifuywayo.+
15 Ngokuqinisekile uJehova uyosusa kuwe konke ukugula; zonke izifo ezimbi zaseGibhithe owazazi,+ ngeke azibeke phezu kwakho, impela uyozibeka phezu kwabo bonke abakuzondayo.
16 Kumelwe uzidle zonke izizwe uJehova uNkulunkulu wakho akunika zona.+ Iso lakho akumelwe lizihawukele;+ futhi ungabakhonzi onkulunkulu bazo,+ ngoba lokho kuyoba ugibe kuwe.+
17 “Uma kwenzeka uthi enhliziyweni yakho, ‘Lezi zizwe ziningi kakhulu kunami. Ngizokwazi kanjani ukuzixosha?’+
18 akumelwe uzesabe.+ Kufanele nakanjani ukhumbule lokho uJehova uNkulunkulu wakho akwenza kuFaro nakulo lonke iGibhithe,+
19 ubufakazi obukhulu amehlo akho abubona,+ nezibonakaliso nezimangaliso+ nesandla esinamandla+ nengalo eyeluliwe+ uJehova uNkulunkulu wakho akukhipha ngako.+ Yileyo ndlela uJehova uNkulunkulu wakho ayokwenza ngayo kuzo zonke izizwe enizesabayo.+
20 UJehova uNkulunkulu wakho uyothumela futhi umuzwa wokudangala+ phezu kwazo, zize zishabalale lezo ezazivunyelwe ukuba zisale+ nalezo ezazizithukusile phambi kwakho.
21 Akumelwe wethuke ngenxa yazo, ngoba uJehova uNkulunkulu wakho uphakathi kwakho,+ uNkulunkulu omkhulu nowesabekayo.+
22 “UJehova uNkulunkulu wakho ngokuqinisekile uyozidudula lezi zizwe zisuke phambi kwakho kancane kancane.+ Ngeke uvunyelwe ukuba uziqede nya ngokushesha, funa izilo zasendle zikwandele.
23 UJehova uNkulunkulu wakho ngempela uyozinikela kuwe futhi uyozingquzula ngokungquzula okukhulu, zize zibhuqwe.+
24 Ngokuqinisekile uyonikela amakhosi azo esandleni sakho,+ futhi kumelwe uwabhubhise amagama awo phansi kwamazulu.+ Akekho oyomelana nawe ngokuqinile,+ kuze kube yilapho usuziqothulile.+
25 Imifanekiso ebaziwe yonkulunkulu bazo kufanele niyishise ngomlilo.+ Ungalifisi isiliva negolide eliphezu kwayo,+ noma empeleni uzithathele lona,+ funa ubanjwe ngalo;+ ngoba kuyinto enengekayo+ kuJehova uNkulunkulu wakho.
26 Ungayilethi into enengekayo endlini yakho bese empeleni uba yinto enikelwe ekubhujisweni njengayo. Kufanele uyenyanye ngokuphelele futhi ikunenge ngokuphelele,+ ngoba iyinto enikelwe ekubhujisweni.+

