Duteronomi 4:1-49
4 “O Israyeli, lalela manje iziqondiso nezinqumo zokwahlulela enginifundisa ukuba nizenze, ukuze niphile+ futhi ngempela ningene nilithathe izwe uJehova uNkulunkulu wokhokho benu aninika lona.
2 Akumelwe ninezele ezwini enginiyala ngalo, futhi akumelwe nisuse utho kulo,+ ukuze nigcine imiyalo kaJehova uNkulunkulu wenu enginiyala ngayo.
3 “Amehlo enu yiwo akubona lokho uJehova akwenza endabeni kaBhali wasePheyori,+ ukuthi bonke abantu abalandela uBhali wasePheyori yibo uJehova uNkulunkulu wakho ababhuqa phakathi kwakho.+
4 Kodwa nina eninamathela+ kuJehova uNkulunkulu wenu niyaphila nonke namuhla.
5 Bhekani, nginifundisile iziqondiso+ nezinqumo zokwahlulela,+ njengoba nje uJehova uNkulunkulu wami engiyalile, ukuze nenze ngaleyo ndlela phakathi kwezwe eniyolithatha.
6 Kumelwe nizigcine futhi nizenze, ngoba kuwukuhlakanipha+ nokuqonda+ kini phambi kwamehlo ezizwe eziyozwa ngazo zonke lezi ziqondiso, futhi ngokuqinisekile ziyothi, ‘Lesi sizwe esikhulu ngokungangabazeki siyisizwe esihlakaniphile nesiqondayo.’+
7 Ngoba yisiphi isizwe+ esikhulu esinawonkulunkulu abaseduze naso ngendlela uJehova uNkulunkulu wethu aseduze ngayo kukho konke ukumbiza kwethu?+
8 Futhi yisiphi isizwe esikhulu esineziqondiso ezilungile nezinqumo zokwahlulela njengawo wonke lo mthetho engiwubeka phambi kwenu namuhla?+
9 “Kuphela ziqaphele futhi unakekele kahle umphefumulo wakho,+ ukuze ungazikhohlwa izinto amehlo akho azibonile+ futhi zingamuki enhliziyweni yakho zonke izinsuku zokuphila kwakho;+ futhi kumelwe uzazise abantwana bakho nabazukulu bakho,+
10 ngosuku owama ngalo phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho eHorebe,+ lapho uJehova ethi kimi, ‘Buthela abantu ndawonye kimi ukuba ngibazwise amazwi ami,+ ukuze bafunde ukungesaba+ zonke izinsuku abaziphilayo emhlabeni futhi bafundise abantwana babo.’+
11 “Ngakho nasondela nama phansi kwentaba, futhi intaba yayivutha umlilo ofinyelela emkhathini; kwakukhona ubumnyama, ifu nesigayegaye.+
12 UJehova wakhuluma nani ephakathi komlilo.+ Nanizwa umsindo wamazwi, kodwa ningaboni simo+—ningaboni lutho kodwa nizwa izwi kuphela.+
13 Washo isivumelwano sakhe kini,+ aniyala ukuba nisenze—amaZwi Ayishumi,+ okwathi ngemva kwalokho wawaloba ezibhebheni zamatshe ezimbili.+
14 Yimi uJehova angiyala ngaleso sikhathi ukuba nginifundise iziqondiso nezinqumo zokwahlulela, ukuze nizenze ezweni eniwelela kulo ukuyolithatha.+
15 “Ngakho kumelwe niyinakekele kahle imiphefumulo yenu,+ ngoba anibonanga simo+ ngosuku uJehova akhuluma nani ngalo eHorebe phakathi komlilo,
16 ukuze ningenzi ngendlela echithayo+ futhi empeleni ningazenzeli umfanekiso oqoshiwe, isimo sanoma imuphi umfanekiso, umfanekiso wowesilisa noma wowesifazane,+
17 umfanekiso wanoma isiphi isilwane esisemhlabeni,+ umfanekiso wanoma iyiphi inyoni enamaphiko endiza emazulwini,+
18 umfanekiso wanoma yini ehamba emhlabathini, umfanekiso wanoma iyiphi inhlanzi+ esemanzini ngaphansi komhlaba;
19 futhi ungaphakamiseli amehlo akho emazulwini, bese ubona ilanga nenyanga nezinkanyezi, lonke ibutho lamazulu, uyengeke ulikhothamele, ulikhonze,+ lelo uJehova uNkulunkulu wakho alabelé zonke izizwe ezingaphansi kwawo wonke amazulu.+
20 Kodwa nina, yinina uJehova anithatha ukuze anikhiphe esithandweni somlilo sensimbi,+ anikhiphe eGibhithe, ukuze nibe yisizwe esingesakhe kuphela+ njengakulolu suku.
21 “UJehova wangivuthela ngolaka ngenxa yenu,+ kangangokuba wafunga ukuthi akufanele ngiliwele iJordani noma ngingene ezweni elihle uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona njengefa.+
22 Ngoba mina ngizofela kuleli zwe.+ Angiliweli iJordani, kodwa nina niyaliwela, futhi kumelwe nilithathe leli zwe elihle.
23 Ziqapheleni ukuze ningasikhohlwa isivumelwano sikaJehova uNkulunkulu wenu asenza nani+ futhi ningazenzeli umfanekiso oqoshiwe, isimo sanoma yini uJehova uNkulunkulu wakho akuyale ngayo.+
24 Ngoba uJehova uNkulunkulu wakho ungumlilo oqothulayo,+ nguNkulunkulu ofuna ukuzinikela kuye kuphela.+
25 “Uma kwenzeka uzala abantwana nabazukulu futhi senihlale isikhathi eside ezweni bese nenza ngendlela echithayo,+ nenze umfanekiso oqoshiwe,+ isimo sanoma yini, nenze okubi emehlweni kaJehova uNkulunkulu wakho, nimcasule,+
26 ngimisa amazulu nomhlaba,+ njengawofakazi ngokumelene nani namuhla bokuthi niyoshabalala nokushabalala ngokushesha niphele ezweni eniwela iJordani ukuba nilithathe. Ngeke nizandise izinsuku zenu kulo, ngoba niyobhuqwa nokubhuqwa.+
27 Ngokuqinisekile uJehova uyonihlakazela phakathi kwezizwe,+ futhi impela niyosala nimbalwa+ phakathi kwezizwe uJehova ayonixoshela kuzo.
28 Lapho kuyomelwe ukuba nikhonze onkulunkulu,+ umkhiqizo wezandla zomuntu, ukhuni netshe,+ okungakwazi ukubona noma ukuzwa noma ukudla noma ukuhogela.+
29 “Uma nimfuna uJehova uNkulunkulu wakho ulapho, ngokuqinisekile uyomthola,+ ngoba uyomfuna ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo wakho.+
30 Lapho usebunzimeni obukhulu futhi wonke la mazwi esekuficile ekupheleni kwezinsuku, khona-ke uyobuyela kuJehova uNkulunkulu+ wakho ulalele izwi lakhe.+
31 Ngoba uJehova uNkulunkulu wakho unguNkulunkulu onesihe.+ Ngeke akulahle noma akuchithe noma akhohlwe yisivumelwano+ sokhokho bakho asifunga kubo.
32 “Manje, ngicela ubuze ngokuqondene nezinsuku zangaphambili+ ezaba khona ngaphambi kwakho, kusukela osukwini uNkulunkulu adala ngalo umuntu emhlabeni+ futhi kusukela komunye umkhawulo wamazulu kuze kufike komunye umkhawulo wamazulu, Yake yavezwa yini into enkulu njengale noma yake yezwakala yini into efana nayo?+
33 Sikhona yini esinye isizwe esezwa izwi likaNkulunkulu likhuluma phakathi komlilo ngendlela wena ngokwakho owalizwa ngayo, kodwa waqhubeka uphila? +
34 Noma ingabe uNkulunkulu wake wazama ukuzithathela isizwe phakathi kwesinye isizwe ngobufakazi,+ ngezibonakaliso,+ ngezimangaliso+ nangempi+ nangesandla esinamandla+ nangengalo eyeluliwe+ nangokwesabeka okukhulu+ njengakho konke lokho uJehova uNkulunkulu wenu anenzelé kona eGibhithe phambi kwamehlo enu?
35 Wena—wena ukubonisiwe, ukuze wazi ukuthi uJehova unguNkulunkulu weqiniso;+ akekho omunye ngaphandle kwakhe.+
36 Wenza ukuba uzwe izwi lakhe liphuma emazulwini ukuze akuqondise; emhlabeni wenza ukuba ubone umlilo wakhe omkhulu, futhi amazwi akhe wawezwa evela phakathi komlilo.+
37 “Kodwa [nokho uyaqhubeka uphila], ngoba yena wabathanda okhokho bakho kangangokuba wakhetha inzalo yabo ngemva kwabo+ futhi wakukhipha eGibhithe uphambi kwamehlo akhe ngamandla akhe amakhulu,+
38 ukuze axoshe izizwe ezinkulu nezinamandla kunawe phambi kwakho, ukuze akungenise, akunike izwe lazo njengefa njengakulolu suku.+
39 Wazi kahle namuhla, futhi kumelwe ukukhumbule enhliziyweni yakho ukuthi uJehova unguNkulunkulu weqiniso emazulwini phezulu nasemhlabeni phansi.+ Akekho omunye.+
40 Kumelwe ugcine iziqondiso zakhe+ nemiyalo yakhe engikuyala ngayo namuhla, ukuze kukuhambele kahle+ wena nabantwana bakho ngemva kwakho, futhi uzandise izinsuku zakho ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona,+ ngaso sonke isikhathi.”
41 Ngaleso sikhathi uMose wabekela eceleni imizi emithathu ngasohlangothini lweJordani ngasempumalanga,+
42 ukuze kubalekele khona umbulali, obulala umuntu wakubo engazi,+ kuyilapho ayengamzondi ngaphambili;+ kumelwe abalekele komunye wale mizi futhi aphile,+
43 okungukuthi iBhezeri+ ehlane ezweni elendlalekile eliyoba elabakwaRubeni, neRamoti+ eGileyadi eliyoba elabakwaGadi, neGolani+ eBhashani eliyoba elabakwaManase.+
44 Manje nanku umthetho+ uMose awubeka phambi kwabantwana bakwa-Israyeli.
45 Lokhu kuwubufakazi+ neziqondiso+ nezinqumo zokwahlulela+ uMose azikhuluma kubantwana bakwa-Israyeli ekuphumeni kwabo eGibhithe,
46 esifundeni saseJordani esigodini phambi kweBheti-peyori,+ ezweni likaSihoni inkosi yama-Amori, owayehlala eHeshibhoni,+ lowo uMose nabantwana bakwa-Israyeli abamhlula ekuphumeni kwabo eGibhithe.+
47 Balithatha izwe lakhe nezwe lika-Ogi+ inkosi yaseBhashani, amakhosi amabili ama-Amori ayesesifundeni seJordani ngasempumalanga,
48 ukusuka e-Aroweri,+ elisosebeni lwesigodi sesifufula sase-Arinoni, kuze kufike phezulu eNtabeni iSiyoni, okungukuthi, iHermoni,+
49 nalo lonke i-Araba+ esifundeni seJordani ngasempumalanga, kuze kufike olwandle lwase-Araba+ phansi kwemithambeka yePhisiga.+

