Duteronomi 33:1-29
33 Manje yilesi isibusiso+ uMose umuntu kaNkulunkulu weqiniso+ ababusisa ngaso abantwana bakwa-Israyeli ngaphambi kokufa kwakhe.
2 Wathi:
“UJehova—weza evela eSinayi,+Wabaneka phezu kwabo eseSeyiri.+Wakhanya esesifundeni sezintaba sasePharanu,+Kanye naye kwakukhona amashumi ezinkulungwane ezingcwele,+Ngasesandleni sakhe sokunene kukhona amaqhawe azo.+
3 Wayebanakekela ngesisa abantu bakhe;+Bonke abangcwele babo basesandleni sakho.+Futhi bona—bona bahlala ezinyaweni zakho;+Baqala ukwamukela amanye amazwi akho.+
4 (UMose wabeka umthetho phezu kwethu njengomyalo,+Ifa lebandla likaJakobe.)+
5 Waba yinkosi eJeshuruni,+Lapho izinhloko zabantu zibuthana,+Sonke isibalo sezizwe zakwa-Israyeli.+
6 Makaphile uRubeni angafi,+Mawangabi mbalwa amadoda akhona.”+
7 Yilesi okwaba yisibusiso sikaJuda,+ njengoba aqhubeka ethi:
“O Jehova, yizwa izwi likaJuda,+Kwangathi ungamletha kubantu bakubo.Izingalo zakhe zilwelé okungokwakhe;Kwangathi ungazibonakalisa ungumsizi wakhe kwabaphikisana naye.”+
8 Ngokuqondene noLevi wathi:+
“IThumimi lakho ne-Urimi+ lakho kungokomuntu oqotho kuwe,+Owamvivinya eMasa.+Waqala ukuphikisana naye ngasemanzini aseMeriba,+
9 Umuntu owathi kuyise nonina, ‘Angimbonanga.’Ngisho nabafowabo akabavumanga,+Abantwana bakhe akabazanga.Ngoba bagcina izwi lakho,+Nesivumelwano sakho baqhubeka besigcina.+
10 Mabafundise uJakobe ngezinqumo zakho zokwahlulela+No-Israyeli ngomthetho wakho.+Mabanikele impepho phambi kwamakhala akho+Nomnikelo ophelele phezu kwe-altare lakho.+
11 O Jehova, busisa amandla akhe,+Kwangathi ungabonisa ukuwujabulela umsebenzi wezandla zakhe.+Balimaze kakhulu ezinqulwini zabo labo abamvukelayo,+Nalabo abamzonda kakhulu, ukuze bangavuki.”+
12 Ngokuqondene noBhenjamini wathi:+
“Othandekayo+ kaJehova makahlale ngokulondeka ngakuye,+Kuyilapho emkhoselisa usuku lonke,+Kumelwe ahlale phakathi kwamahlombe akhe.”+
13 Ngokuqondene noJosefa wathi:+
“Kwangathi izwe lakhe lingabusiswa uJehova njalo,+Ngezinto zekhethelo zezulu, ngamazolo+Nangotwa lwamanzi angaphansi,+
14 Nangezinto zekhethelo, imikhiqizo yelanga,+Nangezinto zekhethelo, isivuno sezinyanga,+
15 Nangezinto zekhethelo isibili ezivela ezintabeni zasempumalanga,+Nangezinto zekhethelo zamagquma ami kuze kube nini nanini,
16 Nangezinto zekhethelo zomhlaba nokugcwala kwawo,+Nangokwamukelwa yiLowo ohlala esihlahleni somunga.+
Kwangathi zingehlela phezu kwekhanda likaJosefa+Naphezu kokhakhayi lwalowo owakhethwa kubafowabo.+
17 Njengezibulo lenkunzi bunjalo ubukhazikhazi bakhe,+Izimpondo zakhe ziyizimpondo zenkunzi yasendle.+Uyosunduza ngazo izizwe+Zonke zihlangene azisunduzele emikhawulweni yomhlaba,Zingamashumi ezinkulungwane zika-Efrayimi,+Ziyizinkulungwane zikaManase.”
18 Ngokuqondene noZebhuloni wathi:+
“O Zebhuloni, jabula ekuphumeni kwakho,+Nawe, Isakare, ematendeni akho.+
19 Bayobizela izizwe ezintabeni.Lapho bayohlabela khona imihlatshelo yokulunga.+Ngoba bayoncela umcebo omningi wezilwandle+Nezindimbane ezifihliwe zasesihlabathini.”
20 Ngokuqondene noGadi wathi:+
“Ubusisiwe oyenza ibe banzi imingcele kaGadi.+Kumelwe ahlale njengengonyama,+Kumelwe adwengule ingalo, yebo, ukhakhayi.+
21 Uyozikhethela ingxenye yokuqala,+Ngoba isabelo somniki-zimiso sigcinwé lapho.+Izinhloko zabantu ziyobuthana ndawonye.Ngokuqinisekile uyokwenza ukulunga kukaJehovaNezinqumo zakhe zokwahlulela ku-Israyeli.”
22 Ngokuqondene noDani wathi:+
“UDani uyiwundlu lengonyama.+Uyogxuma aphume eBhashani.”+
23 Ngokuqondene noNafetali wathi:+
“UNafetali wanelisekile ukwamukelwaUgcwele isibusiso sikaJehova.Yidla ifa lentshonalanga neningizimu.”+
24 Ngokuqondene no-Asheri wathi:+
“Ubusiswé ngamadodana u-Asheri.+Makabe ngowamukelekayo kubafowabo,+Nocwilisa unyawo lwakhe emafutheni.+
25 Izihluthulelo zamasango akho ziyinsimbi nethusi,+Futhi ukuhamba kwakho kokuphumula kulingana nezinsuku zakho.
26 Akekho onjengoNkulunkulu weqiniso+ kaJeshuruni,+Ogibela izulu ekusiza+Nezibhakabhaka ezinamafu ngokuphakama kwakhe.+
27 Uyindawo yokucasha uNkulunkulu wesikhathi sasendulo,+Futhi ngaphansi kukhona izingalo ezihlala kuze kube nini nanini.+Uyosixosha isitha sisuke phambi kwakho,+Uyothi, ‘Babhuqe!’+
28 U-Israyeli uyohlala ngokulondeka,+Umthombo kaJakobe uyohlala wodwa,+Ezweni lokusanhlamvu newayini elisha.+Yebo, amazulu akhe ayodedela amazolo aconsele phansi.+
29 Uyajabula, Israyeli!+
Ubani onjengawe,+Isizwe esijabulela insindiso kuJehova,+Isihlangu sosizo lwakho,+NaLowo oyinkemba yakho ephakeme?+Kanjalo izitha zakho ziyothothongana phambi kwakho,+Futhi wena—uyonyathela izindawo zazo eziphakeme.”+

