Duteronomi 32:1-52

32  “Bekani indlebe, mazulu, ngikhulume;Umhlaba mawuzwe amazwi omlomo wami.+   Imfundiso yami iyoconsa njengemvula,+Amazwi ami aconse njengamazolo,+Njengemikhemezelo phezu kotshani+Nanjengezihlambi ezinkulu phezu kwezimila.+   Ngoba ngizolimemezela igama likaJehova.+Mnikeni ubukhulu uNkulunkulu wethu!+   IDwala, uphelele umsebenzi wakhe,+Ngoba zonke izindlela zakhe ziwubulungisa.+UNkulunkulu wokuthembeka,+ okungekho ukungabi nabulungisa kuye;+Ulungile futhi uqotho yena.+   Baye benza ngendlela eyonakele bona;+Ababona abantwana bakhe, isici singesabo.+Isizukulwane esiyisigwegwe nesisontekile!+   Ingabe nenza ngale ndlela kuJehova,+bantu abayiziphukuphuku nabangahlakaniphile?+Akayena yini uYihlo owaniveza,+Yena owanisimamisa na?+   Khumbula izinsuku zakudala,+Cabangani ngeminyaka yakudala ezizukulwaneni ngezizukulwane;Buza uyihlo, angakutshela;+Amadoda akini amadala, angakuxoxela.+   Lapho oPhezukonke enika izizwe ifa,+Lapho ehlukanisa amadodana ka-Adamu,+Wawumisa umngcele wezizwe+Ecabangela isibalo sabantwana bakwa-Israyeli.+   Ngoba isabelo sikaJehova siyisizwe sakhe;+UJakobe uyisabelo sakhe asizuzayo njengefa.+ 10  Wamthola ezweni eliyihlane,+Ogwadule olungenalutho, oluhewulayo.+Wamhaqa,+ wamnakekela,+Wamlonda njengenhlamvu yeso lakhe.+ 11  Njengoba nje ukhozi lunyakazisa isidleke salo,Luzaza phezu kwamaphuphu alo,+Lwelula amaphiko alo, luwathathe,Luwathwale ngezimpaphe zalo,+ 12  UJehova yedwa waqhubeka emhola,+Kwakungekho nkulunkulu wesinye isizwe kanye naye.+ 13  Wamgibelisa ezindaweni zomhlaba eziphakeme,+Kangangokuba wadla umkhiqizo wasendle.+Wammuncisa uju edwaleni,+Namafutha edwaleni lensengetsha;+ 14  Ibhotela lomhlambi wezinkomo nobisi lomhlambi wezimvu nezimbuzi+Kanye namafutha ezinqama,Nezimvu ezingamaduna, zohlobo lwaseBhashani, nezimpongo+Kanye namanoni ezinso kakolweni;+Futhi waphuza igazi lamagilebhisi njengewayini.+ 15  Lapho uJeshuruni+ eqala ukukhuluphala, wakhahlela.+Usukhuluphele wena, usumkhulu, ususuthi.+Ngakho wamshiya uNkulunkulu, owamenzayo,+Wadelela iDwala+ lensindiso yakhe. 16  Baqala ukumvusela isikhwele+ ngonkulunkulu abangaziwa;+Balokhu bemcasula ngezinto ezinengekayo.+ 17  Bahlabela amademoni, hhayi uNkulunkulu,+Onkulunkulu ababengabazi,+Abasha abafike muva nje,+Okhokho benu ababengajwayelene nabo. 18  IDwala elakuzalayo, walikhohlwa,+Wamkhohlwa uNkulunkulu, Lowo okuzala ngezinhlungu zokubeletha.+ 19  Lapho uJehova ekubona lokho, wabadelela,+Ngenxa yenkathazo eyabangelwa amadodana namadodakazi akhe. 20  Ngakho wathi, ‘Mangibufihle ubuso bami kubo,+Mangibone ukuthi ukuphela kwabo kuyoba yini kamuva.Ngoba bayisizukulwane esonakele,+Abantwana abangathembekile.+ 21  Bona, bangivusele isikhwele ngalokho okungeyena unkulunkulu;+Bangikhathazile ngezithombe zabo eziyize;+Mina, ngizobavusela isikhwele ngalokho okungesona isizwe;+Ngizobacasula ngesizwe esiyisiwula.+ 22  Ngenxa yentukuthelo yami kokheleke umlilo+Futhi uzovutha kuze kufike phansi eShiyoli, indawo ephansi kunazo zonke,+Uzodla umhlaba nomkhiqizo wawo+Uzothungela izisekelo zezintaba.+ 23  Ngizokwandisa izinhlekelele phezu kwabo;+Ngisebenzise imicibisholo yami kubo.+ 24  Bazophela amandla ngenxa yendlala+ badliwe umkhuhlane ovuthayo+Nayimbubhiso eletha umunyu.+Ngizobathumelela amazinyo ezilwane,+Kanye nesihlungu sezilwane ezihuquzelayo zasothulini.+ 25  Ngaphandle inkemba iyobaphuca,+Ngaphakathi ukwethuka,+Kokubili insizwa nentombi,+Osancela kanye nendoda esimpunga.+ 26  Ngabe ngithé: “Ngizobahlakaza,+Ngizokwenza ukuba abantu abafayo bangabe besaliphatha nokuliphatha igama labo,”+ 27  Ukube bekungekhona ukuthi bengesaba ukukhathazwa isitha,+Ukuthi abaphikisana nabo bangase bakuqonde kabi,+Ukuthi bangase bathi: “Isandla sethu siye saba namandla,+Akuyena uJehova ofeze konke lokhu.”+ 28  Ngoba bayisizwe iseluleko esishabalalayo kuso,+Phakathi kwabo akukho ukuqonda.+ 29  O ukube bebehlakaniphile!+ Khona-ke bebeyozindla ngalokhu.+ Bebeyocabanga ngesiphetho sabo kamuva.+ 30  Umuntu oyedwa angayixosha kanjani inkulungwane,Ababili benze izinkulungwane eziyishumi zibaleke?+Kungenzeke ngaphandle uma iDwala labo libathengisile+Futhi uJehova ebanikelile. 31  Ngoba idwala labo alifani neDwala lethu,+Nezitha zethu akuzona okumelwe zinqume.+ 32  Ngoba umvini wabo uvela emvinini waseSodomaNasemasimini aseGomora.+Amagilebhisi awo angamagilebhisi obuthi,Amahlukuzo awo ayababa.+ 33  Iwayini lawo liyisihlungu sezinyoka ezinkuluUbuthi bezimfezi obunesihluku.+ 34  Alibekelelwanga yini kimi,Lananyathiselwa uphawu enqolobaneni yami?+ 35  Impindiselo ingeyami, nokubuyisela.+ Ngesikhathi esimisiwe unyawo lwabo luyohamba ngokuntenga,+Ngoba usuku lwenhlekelele yabo luseduze,+Nezenzakalo ezilungele bona ziyashesha.’+ 36  Ngoba uJehova uyokwahlulela abantu bakhe+Uyodabuka ngezinceku zakhe,+Ngoba uyobona ukuthi uzime lunyamaleleKusele ongakwazi ukuzisiza nongenanzuzo. 37  Ngokuqinisekile uyothi, ‘Baphi onkulunkulu babo,+Idwala abafuna kulo isiphephelo,+ 38  Ababedla amanoni emihlatshelo yabo,+Bephuza iwayini leminikelo yabo yokuphuzwayo?+Mabavuke banisize.+Mababe indawo yenu yokucasha.+ 39  Bhekani manje ukuthi mina—mina nginguye+Futhi abekho onkulunkulu abakanye nami.+Ngiyabulala, ngiphilise.+Ngilimazile+ kakhulu, futhi mina—mina ngizophulukisa,+Akekho ohlwithayo esandleni sami.+ 40  Ngoba ngiphakamisela isandla sami ezulwini ngifunga,+Ngithi: “Kuphila kwami kuze kube nini nanini,”+ 41  Uma impela ngilola inkemba yami ebenyezelayo,+Nesandla sami sibambelela ekwahluleleni,+Ngizobuyisela impindiselo kwabaphikisana nami+Ngiphindisele kulabo abangizonda kakhulu.+ 42  Ngizodakisa imicibisholo yami ngegazi,+Inkemba yami yona izodla inyama,+Kanye negazi lababuleweyo nezithunjwa,Namakhanda abaholi besitha.’+ 43  Thokozani nina zizwe, kanye nesizwe sakhe,+Ngoba uyophindisela igazi lezinceku zakhe,+Futhi uyophindisela kwabaphikisana naye+Awenzele impela isihlawulelo umhlabathi wesizwe sakhe.” 44  Ngakho uMose weza wawakhuluma wonke amazwi ale ngoma abantu bezwa,+ yena noHosheya indodana kaNuni.+ 45  Ngemva kokuba uMose eseqedile ukukhuluma wonke la mazwi ku-Israyeli wonke, 46  waqhubeka wathi kuye: “Gxilisani izinhliziyo zenu kuwo wonke amazwi engiwakhuluma kini nginixwayisa namuhla,+ ukuze niyale abantwana benu ukuba baqaphele ukuwenza wonke amazwi alo mthetho.+ 47  Ngoba akulona izwi elingasizi ngalutho kini,+ kodwa lisho ukuphila kwenu,+ futhi ngaleli zwi ningazandisa izinsuku zenu ezweni eniwela iJordani ukuyolithatha.”+ 48  UJehova wakhuluma noMose ngalo lolu suku olufanayo, wathi: 49  “Yenyukela kule ntaba yase-Abharimi,+ iNtaba iNebo,+ esezweni lakwaMowabi, ebheké ngaseJeriko, ubone izwe laseKhanani, engilinika abantwana bakwa-Israyeli njengefa.+ 50  Khona-ke ufele kule ntaba onyukela kuyo, ubuthelwe kubantu bakini,+ njengoba nje no-Aroni umfowenu afela eNtabeni yaseHori+ wabuthelwa kubantu bakubo; 51  ngenxa yokuthi nina madoda anisinakanga isibopho senu kimi+ phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli emanzini aseMeriba+ laseKadeshi ehlane laseZini; ngenxa yokuthi nina madoda anizange ningingcwelise phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli.+ 52  Ngoba uzolibona leli zwe ukude, kodwa ngeke ungene ezweni engilinika abantwana bakwa-Israyeli.”+

Imibhalo yaphansi