Duteronomi 30:1-20
30 “Kuyothi lapho onke la mazwi ekwehlela, isibusiso+ nesiqalekiso,+ engikubeke phambi kwakho, futhi usuwabuyisile enhliziyweni yakho+ phakathi kwazo zonke izizwe uJehova uNkulunkulu wakho akuhlakazele kuzo,+
2 futhi usubuyelé kuJehova uNkulunkulu wakho+ walilalela izwi lakhe ngokuvumelana nakho konke engikuyala ngakho namuhla, wena nabantwana bakho, ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo wakho,+
3 uJehova uNkulunkulu wakho abuyise izithunjwa zakho+ akubonise isihe+ aphinde akuqoqe kuzo zonke izizwe uJehova uNkulunkulu wakho akuhlakazele kuzo.+
4 Uma abantu bakho abahlakazekile beyobe besemkhawulweni wamazulu, uJehova uNkulunkulu wakho uyokuqoqa lapho akuthathe lapho.+
5 UJehova uNkulunkulu wakho uyokungenisa impela ezweni oyihlo abalithatha, ngokuqinisekile udle ifa lalo; impela uyokwenzela okuhle akwandise ngaphezu koyihlo.+
6 UJehova uNkulunkulu wakho kuyodingeka asoke inhliziyo yakho+ nenhliziyo yenzalo yakho,+ ukuze umthande uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo wakho ngenxa yokuphila kwakho.+
7 UJehova uNkulunkulu wakho ngokuqinisekile uyobeka zonke lezi zifungo phezu kwezitha zakho nalabo abakuzondayo, abakushushisile.+
8 “Kepha wena, uyophenduka futhi ngokuqinisekile ulilalele izwi likaJehova uyenze yonke imiyalo yakhe engikuyala ngayo namuhla.+
9 UJehova uNkulunkulu wakho impela uyokwenza ube nokungaphezu kokwanele kuwo wonke umsebenzi wesandla sakho,+ esithelweni sesisu sakho nasesithelweni semfuyo yakho+ nasezithelweni zenhlabathi yakho,+ kuphumele ekuchumeni;+ ngoba uJehova uyophinde ethabe ngawe kube kuhle, njengoba nje athaba ngokhokho bakho;+
10 ngoba uyolilalela izwi likaJehova uNkulunkulu wakho ukuze ugcine imiyalo yakhe nezimiso zakhe ezilotshwe kule ncwadi yomthetho,+ ngoba uyobuyela kuJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo wakho.+
11 “Ngoba lo myalo engikuyala ngawo namuhla awulukhuni neze kuwe, futhi awukude.+
12 Awukho emazulwini, ukuba kungaze kuthiwe, ‘Ngubani ozosenyukela aye emazulwini asitholele wona, asizwise wona ukuze siwenze?’+
13 Awukho futhi ngaphesheya kolwandle, ukuba kungaze kuthiwe, ‘Ngubani ozosiwelela aye phesheya kolwandle asitholele wona, asizwise wona ukuze siwenze?’
14 Ngoba leli zwi liseduze kakhulu kwakho, lisemlonyeni wakho nasenhliziyweni yakho,+ ukuze ulenze.+
15 “Bheka ngibeka phambi kwakho namuhla ukuphila nokuhle, ukufa nokubi.+
16 [Uma uzoyilalela imiyalo kaJehova uNkulunkulu wakho,] engikuyala ngayo namuhla, yokuthi umthande uJehova uNkulunkulu wakho,+ uhambe ezindleleni zakhe ugcine imiyalo yakhe+ nezimiso zakhe nezinqumo zakhe zokwahlulela,+ khona-ke nakanjani uyoqhubeka uphila+ futhi wanda, futhi uJehova uNkulunkulu wakho uyokubusisa ezweni oya kulo ukuyolithatha.+
17 “Kodwa uma inhliziyo yakho ifulathela futhi ungalaleli,+ empeleni uyengwa futhi ukhothamela abanye onkulunkulu ubakhonze,+
18 ngiyanitshela namuhla ukuthi niyoshabalala nokushabalala.+ Ngeke nizandise izinsuku zenu ezweni eniwela iJordani ukuyolithatha.
19 Ngimisa amazulu nomhlaba njengofakazi ngokumelene nani namuhla,+ bokuthi ngibeke ukuphila nokufa phambi kwakho,+ isibusiso+ nesiqalekiso;+ kumelwe ukhethe ukuphila ukuze uqhubeke uphila,+ wena nenzalo yakho,+
20 ngokuthanda uJehova uNkulunkulu wakho,+ ngokulalela izwi lakhe nangokunamathela kuye;+ ngoba ungukuphila kwakho nobude bezinsuku zakho,+ ukuze uhlale ezweni uJehova afunga kokhokho bakho o-Abrahama, u-Isaka noJakobe ukubanika lona.”+

