Duteronomi 3:1-29
3 “Khona-ke saphenduka sakhuphuka ngendlela yaseBhashani. U-Ogi+ inkosi yaseBhashani waphuma, yena nabo bonke abantu bakhe, ukuba asihlangabeze empini e-Edireyi.+
2 Ngakho uJehova wathi kimi, ‘Ungamesabi,+ ngoba ngokuqinisekile ngizomnikela esandleni sakho yena nabo bonke abantu bakhe nezwe lakhe; kumelwe wenze kuye njengoba nje wenzile kuSihoni+ inkosi yama-Amori, owayehlala eHeshibhoni.’
3 Ngakho uJehova uNkulunkulu wethu wamnikela no-Ogi inkosi yaseBhashani nabo bonke abantu bakhe esandleni sethu, sambulala kwaze kwangasala noyedwa osindileyo kuye.+
4 Sayithumba yonke imizi yakhe ngaleso sikhathi. Akubanga khona nowodwa umuzi esingazange siwuthathe kubo, imizi engamashumi ayisithupha,+ sonke isifunda sase-Arigobhi,+ umbuso ka-Ogi eBhashani.+
5 Yonke lena kwakuyimizi enezivikelo eziqinile enodonga oluphakeme, izicabha nemigoqo, ngaphandle kwemizana eminingi kakhulu yasemaphandleni.
6 Nokho, sayinikela ekubhujisweni+ njengoba nje sasenzile kuSihoni inkosi yaseHeshibhoni, ngokunikela yonke imizi ekubhujisweni, amadoda, abesifazane nabantwana abancane.+
7 Yonke imfuyo nempango yemizi sazithathela kona njengempango.+
8 “Ngaleso sikhathi salithatha izwe esandleni sala makhosi amabili ama-Amori+ ayesesifundeni saseJordani, ukusuka esigodini sesifufula sase-Arinoni+ kuze kufike eNtabeni iHermoni;+
9 (amaSidoni ayebiza iHermoni ngokuthi iSiriyoni,+ kanti ama-Amori ayeyibiza ngokuthi iSeniri,)+
10 yonke imizi yezwe elindlalekile nalo lonke iGileyadi nalo lonke iBhashani kuze kufike eSaleka+ nase-Edireyi,+ imizi yombuso ka-Ogi eBhashani.
11 Ngoba ngu-Ogi inkosi yaseBhashani kuphela owasala kumaRefa ayesele.+ Bheka! Uhlaka lwakhe lokungcwaba lwaluwuhlaka lwensimbi. Alukho yini eRaba+ labantwana bakwa-Amoni? Ubude balo buyizingalo eziyisishiyagalolunye, nobubanzi balo buyizingalo ezine, ngokwengalo yendoda.
12 Salithatha leli zwe ngaleso sikhathi; kusuka e-Aroweri,+ elingasesigodini sesifufula sase-Arinoni, nengxenye yesifunda sezintaba saseGileyadi, nemizi yaso ngikuniké abakwaRubeni nabakwaGadi.+
13 Yonke ingxenye esele yeGileyadi+ nalo lonke iBhashani+ lombuso ka-Ogi ngikuniké ingxenye yesizwe sakwaManase. Sonke isifunda sase-Arigobhi+ salo lonke iBhashani, asibizwa yini ngokuthi izwe lamaRefa?+
14 “UJayire+ indodana kaManase wasithatha sonke isifunda sase-Arigobhi+ kuze kufike emngceleni wamaGeshuri+ nowamaMahakhati,+ waqamba leyo mizana yaseBhashani ngelakhe igama, ngokuthi iHavoti-jayire,+ kuze kube yilolu suku.
15 UMakiri+ ngimniké iGileyadi.+
16 AbakwaRubeni+ nabakwaGadi ngibaniké ukusuka eGileyadi+ kuya esigodini sesifufula sase-Arinoni, njengoba inkaba yesigodi sesifufula iwumngcele, futhi kuze kufike eJabhoki, isigodi sesifufula esiwumngcele wabantwana bakwa-Amoni;+
17 ne-Araba neJordani nomngcele, ukusuka eKhinereti+ kuya olwandle lwase-Araba, uLwandle LukaSawoti,+ phansi kwemithambeka yePhisiga+ ngasempumalanga.
18 “Ngakho nganiyala ngaleso sikhathi, ngathi, ‘UJehova uNkulunkulu wenu uninike leli zwe ukuba nilithathe. Niyowela nihlomile, phambi kwabafowenu, abantwana bakwa-Israyeli, wonke amadoda angamaqhawe.+
19 Ngomkenu nabancane benu nemfuyo yenu (ngazi kahle ukuthi ninemfuyo eningi kakhulu) kuphela okuzosala kuhlala emizini yenu engininike yona,+
20 kuze kube yilapho uJehova enika abafowenu ukuphumula, kanye nani, futhi nabo sebelithathile izwe uJehova uNkulunkulu wenu abanika lona ngaphesheya kweJordani; kuyothi ngemva kwalokho nibuyele, kube yilowo nalowo efeni lakhe engininike lona.’+
21 “Ngayala uJoshuwa+ ngaleso sikhathi, ngathi, ‘Amehlo akho ayakubona konke lokho uJehova uNkulunkulu wenu akwenzile kula makhosi amabili. UJehova uyokwenza ngendlela efanayo kuyo yonke imibuso eniwelela kuyo.+
22 Akumelwe niyesabe, ngoba uJehova uNkulunkulu wenu nguYe onilwelayo.’+
23 “Nganxusa umusa kuJehova ngaleso sikhathi, ngathi,
24 ‘O Nkosi EnguMbusi Jehova, wena ngokwakho usuqalile ukubonisa inceku yakho ubukhulu+ bakho nengalo yakho enamandla,+ ngoba ngubani ongunkulunkulu emazulwini noma emhlabeni owenza izenzo ezinjengezakho nemisebenzi yamandla enjengeyakho?+
25 Ngicela ungivumele ngiwele ngibone izwe elihle+ elingaphesheya kweJordani, lesi sifunda esihle sezintaba+ neLebhanoni.’+
26 UJehova waqhubeka engithukuthelela ngenxa yenu+ futhi akazange angilalele; kodwa uJehova wathi kimi, ‘Kwanele ngawe! Ungalokothi uphinde ukhulume nami ngale ndaba.
27 Yenyukela esiqongweni sePhisiga+ uphakamisele amehlo akho entshonalanga nasenyakatho naseningizimu nasempumalanga ubone ngamehlo akho, ngoba ngeke uliwele leli Jordani.+
28 Misa+ uJoshuwa futhi umkhuthaze, umqinise, ngoba nguye ozowela+ phambi kwalesi sizwe futhi nguye ozosenza ukuba silizuze njengefa izwe ozolibona.’+
29 Phakathi naso sonke lesi sikhathi sasihlala esigodini esiphambi kweBheti-peyori.+

