Duteronomi 27:1-26
27 UMose kanye namadoda amadala akwa-Israyeli baqhubeka beyala abantu, bethi: “Kufanele kugcinwe yonke imiyalo enginiyala ngayo namuhla.+
2 Kuyothi ngosuku eniwela ngalo iJordani+ ningene ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona, uzimisele amatshe amakhulu futhi uwacake ngomcako.
3 Kumelwe ubhale phezu kwawo wonke amazwi alo mthetho+ lapho usuwelile,+ ukuze ungene ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona, izwe eligeleza ubisi noju, ngokuvumelana nalokho uJehova uNkulunkulu wokhokho bakho akukhulume kuwe.+
4 Futhi kuyothi lapho seniliwelile iJordani, niwamise la matshe, njengoba nje nginiyala namuhla, eNtabeni i-Ebhali,+ uwacake ngomcako.+
5 Kumelwe wakhele uJehova uNkulunkulu wakho i-altare lapho, i-altare lamatshe. Akumelwe uphakamise ithuluzi lensimbi phezu kwawo.+
6 Kufanele wakhe i-altare likaJehova uNkulunkulu wakho ngamatshe aphelele, unikele iminikelo yokushiswa eya kuJehova uNkulunkulu wakho phezu kwalo.+
7 Kumelwe uhlabe imihlatshelo yenhlanganyelo+ uyidlele khona,+ futhi kumelwe ujabule phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho.+
8 Kumelwe ubhale phezu kwala matshe wonke amazwi alo mthetho,+ uwenze acace impela.”+
9 “Khona-ke uMose nabapristi, amaLevi, bakhuluma nawo wonke u-Israyeli, bathi: “O Israyeli, thula ulalele. Ngalolu suku uye waba yisizwe sikaJehova uNkulunkulu wakho.+
10 Kumelwe ulilalele izwi likaJehova uNkulunkulu wakho futhi ufeze imiyalo yakhe+ neziqondiso zakhe,+ engikuyala ngazo namuhla.”
11 UMose waqhubeka eyala abantu ngalolo suku, ethi:
12 “Laba abalandelayo yibo abayokuma babusise abantu eNtabeni iGerizimu+ lapho seniwele iJordani: USimeyoni noLevi noJuda no-Isakare noJosefa noBhenjamini.
13 Laba abalandelayo yibo abayomela isiqalekiso+ eNtabeni i-Ebhali:+ URubeni, uGadi no-Asheri noZebhuloni, uDani noNafetali.
14 AmaLevi kumelwe aphendule ngezwi eliphakeme athi kuwo wonke umuntu wakwa-Israyeli:+
15 “‘Uqalekisiwe umuntu owenza umfanekiso oqoshiwe+ noma isithombe esincibilikisiwe,+ into enengekayo kuJehova,+ umkhiqizo wezandla zosebenza ngokhuni nangensimbi,+ akubeke endaweni ecashile.’ (Bonke abantu kumelwe baphendule bathi, ‘Amen!’)+
16 “‘Uqalekisiwe ophatha uyise nonina ngokwedelela.’+ (Bonke abantu kumelwe bathi, ‘Amen!’)
17 “‘Uqalekisiwe ohlehlisa uphawu lomngcele womuntu wakubo.’+ (Bonke abantu kumelwe bathi, ‘Amen!’)
18 “‘Uqalekisiwe odukisa impumputhe endleleni.’+ (Bonke abantu kumelwe bathi, ‘Amen!’)
19 “‘Uqalekisiwe ophendukezela+ isahlulelo+ somfokazi,+ sentandane nesomfelokazi.’+ (Bonke abantu kumelwe bathi, ‘Amen!’)
20 “‘Uqalekisiwe olala nomkayise, ngoba wembule umphetho wengubo kayise.’+ (Bonke abantu kumelwe bathi, ‘Amen!’)
21 “‘Uqalekisiwe olala nanoma isiphi isilwane.’+ (Bonke abantu kumelwe bathi, ‘Amen!’)
22 “‘Uqalekisiwe olala nodadewabo, indodakazi kayise noma indodakazi kanina.’+ (Bonke abantu kumelwe bathi, ‘Amen!’)
23 “‘Uqalekisiwe olala nomkhwekazi wakhe.’+ (Bonke abantu kumelwe bathi, ‘Amen!’)
24 “‘Uqalekisiwe oshaya umuntu wakubo afe esendaweni ecashile.’+ (Bonke abantu kumelwe bathi, ‘Amen!’)
25 “‘Uqalekisiwe owamukela isifumbathiso ukuze ashaye umphefumulo ufe, kuyilapho kuyigazi elingenacala.’+ (Bonke abantu kumelwe bathi, ‘Amen!’)
26 “‘Uqalekisiwe ongeke enze ukuba amazwi alo mthetho asebenze ngokuba awenze.’+ (Bonke abantu kumelwe bathi, ‘Amen!’)

