Duteronomi 24:1-22

24  “Uma kwenzeka umuntu ethatha owesifazane amenze abe ngowakhe njengomkakhe, kuyothi uma engawutholi umusa emehlweni akhe ngoba ethole okuthile okuyihlazo kuye,+ amlobele incwadi yesehlukaniso+ amnike yona amxoshe endlini yakhe.+  Kumelwe aphume endlini yakhe ahambe ayoba ngowomunye umuntu.+  Uma lo muntu wokugcina naye esemzonda futhi emlobelé incwadi yokuhlukanisa naye wamnika yona wamxosha endlini yakhe, noma uma lo muntu wokugcina owamthatha njengomkakhe kwenzeka afe,  umnikazi wakhe wokuqala owamxosha ngeke avunyelwe ukuba aphinde amthathe abe ngumkakhe ngemva kokuba esengcolisiwe;+ ngoba lokho kuyinto enengekayo phambi kukaJehova, futhi akumelwe uliholele esonweni izwe uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona njengefa.  “Uma kwenzeka umuntu ethatha umfazi omusha,+ akufanele aphume aye empini, futhi akufanele athweswe noma yini enye. Kufanele aqhubeke ekhululiwe endlini yakhe unyaka owodwa, ajabulise umkakhe amthathile.+  “Akekho okufanele athathe itshe lokugaya noma imbokodo yalo njengesibambiso,+ ngoba kuwukuphila lokho akuthathayo njengesibambiso.  “Uma kwenzeka umuntu etholakala ethumba+ umphefumulo kubafowabo kubantwana bakwa-Israyeli, wawuphatha kabi futhi wawuthengisa,+ lowo mthumbi kumelwe afe. Kumelwe ususe okubi phakathi kwakho.+  “Siqaphele isifo sochoko+ unakekele ukuba wenze ngokuvumelana nakho konke abapristi, amaLevi, abayonifundisa kona.+ Njengoba nje ngibayalile, kufanele ninakekele+ ukuba nenze kanjalo.  Kufanele kukhunjulwe lokho uJehova uNkulunkulu wakho akwenza kuMiriyamu endleleni lapho niphuma eGibhithe.+ 10  “Uma kwenzeka uboleka umuntu wakini impahla yanoma iluphi uhlobo,+ akumelwe ungene endlini yakhe uyothatha kuye isibambiso.+ 11  Kufanele ume ngaphandle, umuntu omtshelekayo alethe isibambiso kuwe ngaphandle. 12  Uma lo muntu esenkathazweni, akumelwe ulale nesibambiso sakhe.+ 13  Kufanele nakanjani ubuyisele isibambiso sakhe kuye ngokushesha nje lapho ilanga lishona,+ futhi kumelwe alale ngengubo yakhe,+ akubusise;+ kuyoba ukulunga kuwe phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho.+ 14  “Akumelwe uphambe isisebenzi esisenkathazweni nesimpofu, kungakhathaliseki ukuthi singomunye wabafowenu noma wabafokazi abaphakathi kwenu abasezweni lakini, ngaphakathi kwamasango akho.+ 15  Ngosuku lwaso kufanele usinike inkokhelo yaso,+ lingashoni ilanga isekuwe, ngoba sisenkathazweni futhi siphakamisela umphefumulo waso enkokhelweni yaso; ukuze singakhali ngawe kuJehova,+ kube yisono kuwe.+ 16  “Oyise akufanele babulawe ngenxa yabantwana, nabantwana akufanele babulawe ngenxa yoyise.+ Yilowo nalowo kufanele abulawelwe isono sakhe siqu.+ 17  “Ungasiphendukezeli isahlulelo somfokazi+ noma sentandane,+ futhi akumelwe uthathe ingubo yomfelokazi njengesibambiso.+ 18  Kumelwe ukhumbule ukuthi waba yisigqila eGibhithe, futhi uJehova uNkulunkulu wakho wakukhulula lapho.+ Yingakho ngikuyala ukuba wenze le nto. 19  “Uma kwenzeka uvuna isivuno ensimini yakho,+ ukhohlwe isithungu ensimini, ungaphindeli emuva uyosilanda. Kufanele sisalele umfokazi, intandane nomfelokazi;+ ukuze uJehova uNkulunkulu wakho akubusise kuzo zonke izenzo zesandla sakho.+ 20  “Uma kwenzeka uvuthuza umnqumo wakho, akumelwe uhlwayisise emagatsheni awo ulandelela. Kufanele kusalele umfokazi, intandane nomfelokazi.+ 21  “Uma kwenzeka ubutha amagilebhisi esivini sakho, akumelwe ubuthe izinsalela ulandelela. Kufanele zisalele umfokazi, intandane nomfelokazi. 22  Kumelwe ukhumbule ukuthi waba yisigqila ezweni laseGibhithe.+ Yingakho ngikuyala ukuba wenze le nto.+

Imibhalo yaphansi