Duteronomi 21:1-23
21 Uma kwenzeka kutholakala umuntu ebulewe ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona ukuba ulithathe, ewile esigangeni, futhi kungakaziwa ukuthi ngubani omshayé wafa,+
2 amadoda akini amadala nabahluleli bakini+ kumelwe baphume balinganise kuze kufike emizini ezungeze umuntu obulewe;
3 kumelwe kube ngumuzi oseduze kakhulu nomuntu obulewe. Amadoda amadala akulowo muzi kumelwe athathe isithokazi emhlambini wezinkomo okungakaze kusetshenzwe ngaso, esingakaze sidonse ejokeni;
4 amadoda amadala akulowo muzi kumelwe aholele lesi sithokazi esigodini sesifufula esigeleza amanzi okungakaze kulinywe kuso noma kuhlwanyelwe kuso imbewu njengokujwayelekile, aphule intamo yalesi sithokazi lapho esigodini sesifufula.+
5 “Abapristi, amadodana kaLevi, kumelwe basondele, ngoba yibo uJehova uNkulunkulu wakho abakhethile ukuba bamkhonze+ nokuba babusise+ egameni likaJehova nokufanele kunqunywe ngomlomo wabo konke ukuphikisana nganoma yisiphi isenzo sobudlova.+
6 Khona-ke wonke amadoda amadala alowo muzi aseduze kakhulu nomuntu obulewe kufanele ageze izandla zawo+ phezu kwalesi sithokazi, intamo yaso eyephulwé esigodini sesifufula;
7 kumelwe aphendule athi, ‘Izandla zethu azizange zilichithe leli gazi, namehlo ethu awazange abone lapho lichithwa.+
8 O Jehova, ungakubaleli kubantu bakho, u-Israyeli, obakhululile,+ futhi ungabeki icala legazi elingenacala+ phakathi kwabantu bakho u-Israyeli.’ Khona-ke akumelwe icala legazi libalelwe kubo.
9 Wena—wena uyosusa icala legazi elingenacala phakathi kwakho,+ ngoba uyokwenza okulungile emehlweni kaJehova.+
10 “Uma kwenzeka uphuma uya empini uyokulwa nezitha zakho futhi uJehova uNkulunkulu wakho ezinikelé esandleni sakho+ futhi uye wazithumba wamuka nazo;+
11 futhi uboné phakathi kwezithunjwa owesifazane onomzimba omi kahle, futhi uye wanamathela kuye+ wabe usumthatha ukuba abe ngumkakho,
12 khona-ke kumelwe umlethe phakathi kwendlu yakho. Kumelwe aphuce ikhanda,+ anakekele nezinzipho zakhe,
13 asuse kuye isiphuku sakhe sokuthunjwa futhi ahlale endlini yakho akhalele uyise nonina inyanga yonke;+ ngemva kwalokho ungalala naye, umthathe abe ngumakoti wakho, uyoba ngumkakho.
14 Kuyothi uma ungajabuli ngaye, khona-ke ummukise,+ ngokuthanda komphefumulo wakhe; kodwa akumelwe neze umthengise ngemali. Ungamphathi ngobushiqela+ ngemva kokuba usumlulazile.
15 “Uma kwenzeka indoda iba nabafazi ababili, omunye ethandwa omunye ezondwa, futhi bona, othandwayo nozondwayo, beyizalele amadodana, futhi kwenzeka izibulo kuba elalowo ozondwayo,+
16 ngosuku ewanika ngalo amadodana ayo lokho okwenzeka ibe nakho njengefa, ngeke ivunyelwe ukuba yenze indodana yothandwayo ibe yizibulo layo kulahlekelwe indodana yozondwayo, eyizibulo.+
17 Ngoba kufanele iyiqaphele njengezibulo indodana yomfazi ozondwayo ngokuyinika izingxenye ezimbili kukho konke etholakala inakho,+ ngoba yona ingukuqala kwamandla ayo okuzala.+ Ilungelo lesikhundla sezibulo lingelayo.+
18 “Uma kwenzeka umuntu eba nendodana enenkani nedlubulundayo,+ engalilaleli izwi likayise noma izwi likanina,+ futhi beyiqondisile kodwa ingafuni ukubalalela,+
19 uyise nonina kumelwe bayibambe bayikhiphele emadodeni amadala omuzi wakubo nasesangweni lendawo yakubo,+
20 bathi emadodeni amadala omuzi wakubo, ‘Le ndodana yethu inenkani futhi iyadlubulunda; ayililaleli izwi lethu,+ iyisiminzi+ nesidakwa.’+
21 Khona-ke wonke amadoda omuzi wakubo kumelwe ayishaye ngamatshe, ife. Kanjalo kumelwe ususe okubi phakathi kwakho, futhi wonke u-Israyeli uyokuzwa futhi esabe impela.+
22 “Futhi uma kwenzeka umuntu eba nesono esithile esifanelwe yisigwebo sokufa, wayesebulawa,+ umlengisé esigxotsheni,+
23 isidumbu sakhe akufanele sihlale ubusuku bonke esigxotsheni;+ kodwa kufanele nakanjani umngcwabe ngalo lolo suku, ngoba umuntu olengisiwe+ uyinto eqalekiswe uNkulunkulu; ungalingcolisi izwe lakho, uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona njengefa.+

