Duteronomi 2:1-37
2 “Khona-ke saphenduka futhi sasuka salibangisa ehlane ngendlela yasoLwandle Olubomvu, njengoba nje uJehova ayekhulumile kimi;+ futhi sathatha izinsuku eziningi sihamba sizungeza iNtaba iSeyiri.
2 Ekugcineni uJehova wathi kimi,
3 ‘Seniyizungeze isikhathi eside ngokwanele le ntaba.+ Jikani niye enyakatho.
4 Futhi yala abantu, uthi: “Nidlula ngasemngceleni wabafowenu,+ abantwana bakwa-Esawu,+ abahlala eSeyiri;+ bazokwesaba ngenxa yenu,+ ngakho kumelwe niqaphelisise.
5 Ningalwi nabo, ngoba ngeke ngininike ngisho nokungangobubanzi bamathe onyawo kwezwe labo; ngoba iNtaba iSeyiri ngiyinike u-Esawu njengefa.+
6 Ukudla eningakuthenga kubo ngemali, yikho eniyokudla; namanzi eningawathenga kubo ngemali, yiwo eniyowaphuza.+
7 Ngoba uJehova uNkulunkulu wakho ukubusisile kuzo zonke izenzo zesandla sakho.+ Ukwazi kahle ukuhamba kwenu nidabula leli hlane elikhulu. Kule minyaka engamashumi amane+ uJehova uNkulunkulu wenu ubelokhu enani. Anizange nintule lutho.”’+
8 Ngakho sadlulela phambili sisuka kubafowethu, abantwana bakwa-Esawu,+ abahlala eSeyiri, sasuka endleleni yase-Araba,+ e-Elati nase-Eziyoni-gebheri.+
“Ngokulandelayo saphenduka sadlulela phambili ngendlela yasehlane lakwaMowabi.+
9 Khona-ke uJehova wathi kimi, ‘Ungamhlukumezi uMowabi noma ulwe naye, ngoba angiyikukunika lutho lwezwe lakhe njengefa, ngoba i-Ari+ ngiliniké abantwana bakwaLoti+ njengefa.
10 (Ezikhathini zangaphambili kwakuhlala ama-Emi+ kulo, isizwe esikhulu nesinabantu abaningi, abade njengama-Anaki.+
11 AmaRefa+ nawo ayebhekwa njengama-Anaki,+ kanti abakwaMowabi babewabiza ngokuthi ama-Emi.
12 Ezikhathini ezingaphambili kwakuhlala amaHori+ eSeyiri, kodwa abantwana bakwa-Esawu+ bawaphuca ifa lawo bawabhuqa aphela phambi kwabo base behlala endaweni yawo,+ njengoba nje no-Israyeli kumelwe enze kanjalo ezweni eliyifa lakhe, uJehova ayomnika lona nakanjani.)
13 Manje vukani niwele isigodi sesifufula saseZeredi.’ Ngakho sasiwela isigodi sesifufula saseZeredi.+
14 Izinsuku esazihamba sisuka eKadeshi-barineya saze sawela isigodi sesifufula saseZeredi zaziyiminyaka engamashumi amathathu nesishiyagalombili, saze saphela sonke isizukulwane samadoda empi phakathi kwekamu, njengoba nje uJehova ayefungile kuso.+
15 Isandla+ sikaJehova saba phezu kwaso ukuze sisincishe ukuthula phakathi kwekamu, kwaze kwaba yilapho siphela.+
16 “Kwathi ngokushesha nje lapho wonke amadoda empi esefe aphela phakathi kwabantu,+
17 uJehova waqhubeka ekhuluma nami, ethi,
18 ‘Namuhla udlula ngasendaweni kaMowabi, okungukuthi i-Ari,+
19 futhi kumelwe usondele phambi kwabantwana bakwa-Amoni. Ungabahlukumezi noma ulwe nabo, ngoba ngeke ngikunike lutho lwezwe labantwana bakwa-Amoni njengefa, ngoba ngiliniké abantwana bakwaLoti njengefa.+
20 Nalo lalibhekwa njengezwe lamaRefa.+ (AmaRefa ayehlala kulo ezikhathini ezingaphambili, futhi abakwa-Amoni babewabiza ngokuthi amaZamzumi.
21 Ayeyisizwe esikhulu nesinabantu abaningi abade njengama-Anaki;+ uJehova wawabhuqa+ aphela phambi kwabo, ukuze bawaphuce ifa lawo futhi bahlale endaweni yawo;
22 njengoba nje enza nangabantwana bakwa-Esawu, bahlala eSeyiri,+ lapho ebhuqa amaHori+ phambi kwabo, ukuze awaphuce ifa lawo futhi bahlale endaweni yawo kuze kube yilolu suku.
23 Kepha ama-Avi,+ ayehlala emizaneni kuze kufike eGaza,+ abhuqwa ngamaKhafitori+ ayevela eKhafitori,+ ukuze ahlale endaweni yawo.)
24 “‘Sukumani, sukani niwele isigodi sesifufula sase-Arinoni.+ Bheka, nginikele esandleni sakho uSihoni+ inkosi yaseHeshibhoni, umAmori. Ngakho qala ukudla ifa lezwe lakhe, futhi ulwe naye.
25 Namuhla ngizobeka ingebhe nokwesaba ngawe phambi kwezizwe ezingaphansi kwawo wonke amazulu, eziyokuzwa umbiko ngawe; ngempela ziyoyaluza zibe nezinhlungu zokubeletha ngenxa yakho.’+
26 “Khona-ke ngathumela izithunywa sisehlane laseKedemoti+ kuSihoni+ inkosi yaseHeshibhoni namazwi okuthula,+ ngathi,
27 ‘Ngivumele ngidabule ezweni lakho. Ngizohamba ngomgwaqo kuphela. Ngeke ngiphendukele kwesokunene noma kwesobunxele.+
28 Ukudla ozongithengisela kona ngemali, yikho engizokudla; namanzi ozonginika wona ngemali, yiwo engizowaphuza. Kuphela ngivumele ngidabule ngezinyawo zami,+
29 ngendlela nje okwenza ngayo kimi abantwana bakwa-Esawu abahlala eSeyiri+ nabakwaMowabi+ abahlala e-Ari, ngize ngiwele iJordani ngingene ezweni uJehova uNkulunkulu wethu asinika lona.’+
30 USihoni inkosi yaseHeshibhoni akavumanga ukuba sidabule kuye, ngoba uJehova uNkulunkulu wakho wayevumele umoya wakhe ukuba ube nobujaka+ nenhliziyo yakhe ibe lukhuni, ukuze amnikele esandleni sakho njengakulolu suku.+
31 “UJehova wayesethi kimi, ‘Bheka, sengiqalile ukunikela uSihoni nezwe lakhe kuwe. Qala ukuthatha izwe lakhe.’+
32 Lapho uSihoni ephuma, yena nabo bonke abantu bakhe, esihlangabeza empini eJahazi,+
33 uJehova uNkulunkulu wethu wamnikela kithi,+ samhlula yena+ namadodana akhe nabo bonke abantu bakhe.
34 Sathumba yonke imizi yakhe ngaleso sikhathi futhi sanikela yonke imizi ekubhujisweni,+ amadoda nabesifazane nabantwana. Asishiyanga noyedwa osindileyo.
35 Yimfuyo kuphela esazithathela yona njengempango, kanye nempango yemizi esasiyithumbile.+
36 Ukusuka e-Aroweri,+ elingasosebeni lwesigodi sesifufula sase-Arinoni, nomuzi osesigodini sesifufula, kuze kufike eGileyadi, akubanga namuzi owawuphakeme kakhulu ukuthi sasingewufinyelele.+ UJehova uNkulunkulu wethu wayinikela yonke kithi.
37 Kuphela anizange nisondele ezweni labantwana bakwa-Amoni,+ lonke usebe lwesigodi sesifufula saseJabhoki,+ noma emizini yesifunda sezintaba, nakunoma yini uJehova uNkulunkulu wethu ayeyale ngayo.

