Duteronomi 19:1-21
19 “Lapho uJehova uNkulunkulu wakho ezinquma izizwe+ uJehova uNkulunkulu wakho akunika izwe lazo, futhi usuziphucile ifa lazo wahlala emizini yazo nasezindlini zazo,+
2 uyozibekela eceleni imizi emithathu phakathi kwezwe lakho uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona ukuba ulithathe.+
3 Uyozilungiselela indlela, uhlukanise indawo yezwe lakho uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona njengefa ibe yizingxenye ezintathu, ibe ngeyanoma imuphi umbulali womuntu ukuba abalekele khona.+
4 “Manje nansi indaba yombulali ongase abalekele khona aphile: Lapho ebulala umuntu wakubo engazi futhi ayengamzondi ngaphambili;+
5 noma lapho ephuma nomuntu wakubo baye ehlathini beyotheza, futhi isandla sakhe besiphakeme ukuze agalele ngembazo agawule umuthi, bese insimbi ibhoncuka emphinini,+ futhi ishayé umuntu wakubo wafa, yena kufanele abalekele kweminye yale mizi aphile.+
6 Ngaphandle kwalokho, umphindiseli+ wegazi, ngenxa yokuthi inhliziyo yakhe iyashisa, angase amjahe lowo mbulali womuntu amfice, ngoba indlela yinde; futhi angase awushaye umphefumulo wakhe ufe, kuyilapho singekho isigwebo sokufa+ esikhishiwe ngaye, ngoba wayengamzondi ngaphambili.
7 Yingakho ngikuyala, ngithi, ‘Uyozibekela eceleni imizi emithathu.’+
8 “Uma uJehova uNkulunkulu wakho eyenza ibe banzi indawo yakho ngokwalokho akufunga kokhokho bakho,+ futhi esekuniké lonke izwe athembisa ukulinika okhokho bakho,+
9 ngoba uyobe uwugcina wonke lo myalo engikuyala ngawo namuhla ngokuwenza, wokuba umthande uJehova uNkulunkulu wakho futhi uhambe ezindleleni zakhe ngaso sonke isikhathi,+ khona-ke kumelwe uzenezelele eminye imizi emithathu kule mizi emithathu,+
10 ukuze kungabikho gazi elingenacala+ elichithwayo phakathi kwezwe lakho uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona njengefa, futhi kungabikho cala legazi okumelwe libe phezu kwakho.+
11 “Kodwa uma kungenzeka kube khona umuntu ozonda+ umuntu wakubo, futhi eye wamqamekela wamvukela futhi washaya umphefumulo wakhe kabi wafa,+ futhi lo muntu eye wabalekela komunye wale mizi,
12 khona-ke amadoda amadala omuzi wakubo kumelwe athumele amthathe lapho, amnikele esandleni somphindiseli wegazi, futhi kumelwe afe.+
13 Iso lakho akufanele limhawukele,+ kumelwe ususe icala legazi elingenacala kwa-Israyeli,+ ukuze uthole okuhle.
14 “Akumelwe uhlehlise izimpawu zomngcele womuntu wakini,+ lapho okhokho beyobe sebeyimisile imingcele efeni lakho oyolizuza ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona ukuba ulithathe.
15 “Akekho ufakazi oyedwa okufanele avukele umuntu nganoma isiphi isiphambeko noma isono,+ kunoma isiphi isono angase asenze. Indaba kufanele iqine ngomlomo wofakazi ababili noma ngomlomo wofakazi abathathu.+
16 Uma kungenzeka ufakazi oceba ubudlova avukele umuntu ukuba ammangalele ngecala lokuvukela,+
17 laba bantu ababili abaphikisanayo kumelwe futhi bame phambi kukaJehova, phambi kwabapristi naphambi kwabahluleli abayobe besebenza ngalezo zinsuku.+
18 Abahluleli kumelwe baphenyisise,+ futhi uma lo fakazi engufakazi wamanga futhi eye wamangalela umfowabo ngecala lamanga,
19 kumelwe futhi nenze kuye njengoba nje ayecebé ukwenza kumfowabo,+ nisuse okubi phakathi kwenu.+
20 Ngakho labo abasele bayozwa futhi besabe, futhi ngeke baphinde benze noma yini embi enjengale phakathi kwenu.+
21 Iso lakho akumelwe lihawukele:+ kuyoba umphefumulo ngomphefumulo, iso ngeso, izinyo ngezinyo, isandla ngesandla, unyawo ngonyawo.+

