Duteronomi 18:1-22
18 “Asikho isabelo noma ifa lika-Israyeli okufanele libe ngelabapristi, amaLevi, sonke isizwe sakwaLevi.+ Kufanele badle iminikelo kaJehova eyenziwa ngomlilo, yebo ifa lakhe.+
2 Ngakho alikho ifa okufanele libe ngelakhe phakathi kwabafowabo. UJehova uyifa lakhe,+ njengoba nje ekhulumile kuye.
3 “Manje lokhu kufanele kuqhubeke kuyilungelo elifanele labapristi elivela kubantu, kulabo abahlaba isisulu, kungakhathaliseki ukuthi yinkomo noma yimvu: Umuntu kumelwe anike umpristi isiphanga nemihlathi nesisu.
4 Okokuqala kokusanhlamvu kwakho, iwayini lakho elisha namafutha akho nokokuqala koboya obugundiwe bomhlambi wakho wezimvu kufanele umnike kona.+
5 Ngoba nguye uJehova uNkulunkulu wakho amkhethile kuzo zonke izizwe zenu ukuba ame akhonze egameni likaJehova, yena namadodana akhe, ngaso sonke isikhathi.+
6 “Futhi uma kwenzeka umLevi ephuma komunye wemizi yakho ku-Israyeli wonke, lapho eye wahlala khona isikhashana,+ futhi ngenxa yanoma ikuphi ukunxanela komphefumulo wakhe eza endaweni uJehova ayoyikhetha,+
7 kumelwe futhi akhonze egameni likaJehova uNkulunkulu wakhe ngendlela efana neyabo bonke abafowabo, amaLevi, abemi lapho phambi kukaJehova.+
8 Kufanele adle ingxenye elinganayo,+ ngaphandle kwalokho akuthola ezintweni azithengisayo zezimpahla zokhokho bakhe.
9 “Lapho usungenile ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona, akumelwe ufunde ukwenza ngokwezinengiso zalezo zizwe.+
10 Akufanele kutholakale kuwe noma ubani odabulisa indodana yakhe noma indodakazi yakhe emlilweni,+ noma ubani obhulayo,+ owenza umlingo+ nanoma ubani ofuna amabika+ noma umthakathi,+
11 noma ophonsa abanye ngeziphonso+ noma obuza konemimoya+ noma umbikezeli wezenzakalo+ nanoma ubani obuza kwabafileyo.+
12 Ngoba wonke umuntu owenza lezi zinto uyinto enengekayo kuJehova, futhi ngenxa yalezi zinto ezinengekayo uJehova uNkulunkulu wakho uyazixosha phambi kwakho.+
13 Kufanele ungabi naphutha kuJehova uNkulunkulu wakho.+
14 “Ngoba lezi zizwe oziphuca ifa lazo zazibalalela abenza imilingo+ nababhulayo;+ kodwa wena, uJehova uNkulunkulu wakho akakunikanga lutho olunjengalokhu.+
15 UJehova uNkulunkulu wakho uyokuvusela umprofethi onjengami, ovela phakathi kwakho, ovela kubafowenu—nguye okufanele nimlalele+—
16 ngokuvumelana nakho konke owakucela kuJehova uNkulunkulu wakho eHorebe ngosuku lombuthano,+ uthi, ‘Mangingalizwa futhi izwi likaJehova uNkulunkulu wami, futhi mangingabe ngisawubona lo mlilo omkhulu, ukuze ngingafi.’+
17 Kulokho uJehova wathi kimi, ‘Benze kahle ngokukhuluma lokho abakukhulumile.+
18 Ngiyobavusela umprofethi phakathi kwabafowabo, onjengawe;+ impela ngiyofaka amazwi ami emlonyeni wakhe,+ futhi ngokuqinisekile uyokhuluma kubo konke engiyomyala ngakho.+
19 Kuyothi umuntu ongeke awalalele amazwi ami ayowakhuluma egameni lami, mina ngokwami ngifune ukuba alandise.+
20 “‘Nokho, umprofethi ogabadela akhulume egameni lami izwi engingamyalanga ukuba alikhulume+ noma okhuluma egameni labanye onkulunkulu,+ lowo mprofethi kumelwe afe.+
21 Uma kwenzeka uthi enhliziyweni yakho: “Sizolazi kanjani izwi uJehova angalikhulumanga?”+
22 lapho umprofethi ekhuluma egameni likaJehova futhi izwi lingenzeki noma lingagcwaliseki, lelo yizwi uJehova angazange alikhulume. Lowo mprofethi ulikhulumé ngokugabadela.+ Akumelwe anethuse.’+

