Duteronomi 17:1-20
17 “Ungamenzeli umhlatshelo uJehova uNkulunkulu wakho ngenkunzi noma imvu enesici, noma yini embi; ngoba kuyinto enengekayo kuJehova uNkulunkulu wakho.+
2 “Uma kungenzeka kutholakale phakathi kwakho komunye wemizi yakho uJehova uNkulunkulu wakho akunika yona indoda noma owesifazane owenza okubi emehlweni kaJehova uNkulunkulu wakho eqe isivumelwano sakhe,+
3 futhi ahambe ayokhulekela abanye onkulunkulu abakhothamele noma akhothamele ilanga noma inyanga noma lonke ibutho lamazulu,+ into engingazange ngiyiyale,+
4 futhi utsheliwe ngakho wezwa ngakho, wakufunisisa, futhi bheka! le nto itholakala iyiqiniso,+ le nto enengekayo yenziwe kwa-Israyeli!
5 leyo ndoda noma lowo wesifazane owenze le nto embi kumelwe umkhiphele ngaphandle emasangweni akho, yebo, leyo ndoda noma lowo wesifazane, umkhande ngamatshe umuntu onjalo, futhi umuntu onjalo kumelwe afe.+
6 Ofayo kumelwe abulawe ngomlomo wofakazi ababili noma wofakazi abathathu.+ Ngeke abulawe ngomlomo kafakazi oyedwa.+
7 Yisandla sofakazi kuqala okufanele sehlele phezu kwakhe ukuba simbulale, kamuva kube yisandla sabo bonke abantu;+ ususe okubi phakathi kwakho.+
8 “Uma kwenzeka udaba oludinga isinqumo sokwahlulela luba olungaphezu koluvamile kuwe,+ udaba lokuchithwa kwegazi,+ isikhalo,+ noma kuye kwenziwa isenzo sobudlova, noma izindaba zokuphikisana,+ phakathi kwamasango akho, kumelwe usuke uye endaweni uJehova uNkulunkulu wakho ayoyikhetha,+
9 uye kubapristi,+ amaLevi, nakumahluleli+ oyobe esebenza ngalezo zinsuku, ubuze, bona bakunikeze izwi lesinqumo sokwahlulela.+
10 Khona-ke kumelwe wenze ngokuvumelana nezwi abayokunika lona bekuleyo ndawo uJehova ayoyikhetha; uqaphele ukuba wenze ngokuvumelana nakho konke abakuyala ngakho.
11 Kufanele wenze ngokomthetho abayokubonisa wona, nangokwesinqumo sokwahlulela abayosisho kuwe.+ Ungaphambuki ezwini abayokunika lona, uye kwesokunene noma kwesobunxele.+
12 Umuntu oyogabadela angamlaleli umpristi omi ukuba akhonze uJehova uNkulunkulu wakho lapho noma umahluleli,+ lowo muntu kumelwe afe;+ kumelwe ususe okubi kwa-Israyeli.+
13 Bonke abantu bayozwa futhi besabe;+ ngeke baphinde bagabadele.
14 “Lapho ekugcineni ungena ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona, usulithathile futhi wahlala kulo,+ futhi usuthé, ‘Mangibeke inkosi phezu kwami njengazo zonke izizwe ezingizungezile’;+
15 kufanele nakanjani ubeke phezu kwakho inkosi uJehova uNkulunkulu wakho ayoyikhetha.+ Kufanele ubeke phezu kwakho inkosi evela phakathi kwabafowenu. Ngeke uvunyelwe ukuba ubeke phezu kwakho owesinye isizwe ongeyena umfowenu.
16 Kuphela akufanele izandisele amahhashi,+ noma yenze abantu babuyele eGibhithe ukuze bazandisele amahhashi;+ kuyilapho uJehova ethé kuwe, ‘Akumelwe nanini nibuyele emuva ngale ndlela futhi.’
17 Akufanele futhi izandisele abafazi, ukuze inhliziyo yayo ingaphambuki;+ futhi akufanele izandisele isiliva negolide.+
18 Kuyothi lapho ihlala esihlalweni sobukhosi sombuso wayo, izibhalele encwadini ikhophi yalo mthetho isusela kulowo ophathwa ngabapristi, amaLevi.+
19 “Kumelwe uhlale ukuyo, iwufunde zonke izinsuku zokuphila kwayo,+ ukuze ifunde ukwesaba uJehova uNkulunkulu wayo ukuze igcine wonke amazwi alo mthetho nalezi ziqondiso ngokuzenza;+
20 ukuze inhliziyo yayo ingaziphakamisi ngaphezu kwabafowabo+ futhi ingaphambuki emyalweni iye kwesokunene noma kwesobunxele,+ ukuze izandise izinsuku zayo embusweni wayo,+ yona nabantwana bayo phakathi kuka-Israyeli.

