Duteronomi 16:1-22
16 “Makugcinwe inyanga ka-Abhibhi,+ futhi kumelwe ugubhele uJehova uNkulunkulu wakho iphasika,+ ngoba ngenyanga ka-Abhibhi uJehova uNkulunkulu wakho wakukhipha eGibhithe ebusuku.+
2 Kumelwe uhlabele uJehova uNkulunkulu wakho iphasika,+ emhlambini wezimvu nasemhlambini wezinkomo,+ endaweni uJehova ayoyikhetha ukuba igama lakhe lihlale kuyo.+
3 Ungadli lutho olufakwe imvubelo kanye nalo izinsuku eziyisikhombisa.+ Kufanele ulidle kanye namaqebelengwane angenamvubelo, isinkwa sokuhlupheka, ngoba waphuma ezweni laseGibhithe uphuthuma,+ ukuze ukhumbule usuku lokuphuma kwakho ezweni laseGibhithe zonke izinsuku zokuphila kwakho.+
4 Futhi akukho nhlama ebilisiwe okufanele ibonakale kuwe kuyo yonke indawo yakho izinsuku eziyisikhombisa,+ futhi akufanele inyama oyoyihlaba kusihlwa ngosuku lokuqala ihlale ubusuku bonke kuze kube sekuseni.+
5 Ngeke uvunyelwe ukuba iphasika ulihlabele kunoma imuphi wemizi yakho uJehova uNkulunkulu wakho akunika yona.
6 Kodwa endaweni uJehova uNkulunkulu wakho ayoyikhetha ukuba igama lakhe lihlale kuyo,+ yilapho okufanele ulihlabele khona iphasika kusihlwa ngokushesha nje lapho ilanga lishona,+ ngesikhathi esimisiwe sokuphuma kwakho eGibhithe.
7 Kumelwe ulipheke futhi ulidlele+ endaweni uJehova uNkulunkulu wakho ayoyikhetha,+ ekuseni uphenduke uye ematendeni akho.
8 Kufanele udle amaqebelengwane angenamvubelo izinsuku eziyisithupha; ngosuku lwesikhombisa kuyoba nombuthano onesizotha owenzelwa uJehova uNkulunkulu wakho.+ Akumelwe wenze noma yimuphi umsebenzi.
9 “Kufanele uzibalele amasonto ayisikhombisa. Uyoqala ukuwabala la masonto ayisikhombisa kusukela lapho isikela liqala ukufakwa kokusanhlamvu kwakho okusamile.+
10 Khona-ke kumelwe ugubhele uJehova uNkulunkulu wakho umkhosi wamasonto,+ ngokuvumelana nomnikelo wokuzithandela wesandla sakho oyowunikela, njengoba nje uJehova uNkulunkulu wakho engase akubusise.+
11 Kumelwe ujabule phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho,+ wena nendodana yakho nendodakazi yakho nesigqila sakho nesigqilakazi sakho nomLevi ongaphakathi kwamasango akho nomfokazi+ nentandane+ nomfelokazi,+ abaphakathi kwakho, endaweni uJehova uNkulunkulu wakho ayoyikhetha ukuba igama lakhe lihlale kuyo.+
12 Kumelwe ukhumbule ukuthi waba yisigqila eGibhithe,+ futhi kumelwe uzigcine futhi uzifeze lezi ziqondiso.+
13 “Kufanele uzigubhele umkhosi wamadokodo+ izinsuku eziyisikhombisa lapho ubutha okusesibuyeni sakho nasesikhamweni sakho samafutha nesewayini.
14 Kumelwe ujabule phakathi nalo mkhosi wakho,+ wena nendodana yakho nendodakazi yakho nesigqila sakho nesigqilakazi sakho nomLevi nomfokazi nentandane nomfelokazi, abangaphakathi kwamasango akho.
15 Izinsuku eziyisikhombisa uyomgubhela umkhosi+ uJehova uNkulunkulu wakho endaweni uJehova ayoyikhetha, ngoba uJehova uNkulunkulu wakho uyokubusisa+ kuwo wonke umkhiqizo wakho nakuzo zonke izenzo zesandla sakho, kumelwe nijabule nje kuphela.+
16 “Kathathu ngonyaka bonke abesilisa bakho kufanele bavele phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho endaweni ayoyikhetha:+ ngomkhosi wamaqebelengwane angenamvubelo+ nangomkhosi wamasonto+ nangomkhosi wamadokodo,+ akekho okufanele avele phambi kukaJehova elambatha.+
17 Isipho sesandla salowo nalowo kufanele silingane nesibusiso sikaJehova uNkulunkulu wakho akunike sona.+
18 “Kufanele uzimisele abahluleli+ nezikhulu+ ngaphakathi kwawo wonke amasango akho uJehova uNkulunkulu wakho akunika wona ngokwezizwe zakho, bahlulele abantu ngokwahlulela okulungile.
19 Ungasiphendukezeli isahlulelo.+ Ungabi okhethayo+ noma wamukele isifumbathiso, ngoba isifumbathiso siphuphuthekisa amehlo abahlakaniphileyo+ futhi sihlanekezela amazwi abalungileyo.
20 Ubulungisa—ubulungisa yibo okufanele ubuphishekele,+ ukuze uqhubeke uphila futhi ulithathe impela izwe uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona.+
21 “Akumelwe uzitshalele noma yiluphi uhlobo lomuthi njengesigxobo esingcwele eduze kwe-altare likaJehova uNkulunkulu wakho oyozenzela lona.+
22 “Futhi akufanele uzimisele insika engcwele,+ into uJehova uNkulunkulu wakho ayizondayo impela.+

