Duteronomi 15:1-23
15 “Njalo ekupheleni kweminyaka eyisikhombisa kufanele ukhulule.
2 Nansi indlela yalokho kukhulula:+ wonke umuntu okweletwayo uyomkhulula esikweletwini umuntu wakubo abemvumele ukuba asenze. Akufanele amxine umuntu wakubo noma umfowabo ukuba akhokhe,+ ngoba kumelwe kubizwe ngokuthi ukukhululelwa uJehova.+
3 Owesinye isizwe+ ungamxina ukuba akhokhe; kodwa noma yini engeyakho okungenzeka ibe kumfowenu vumela isandla sakho siyikhulule.
4 Nokho, akekho okufanele abe mpofu phakathi kwenu, ngoba uJehova uyokubusisa nokukubusisa+ ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona njengefa ukuba ulithathe,+
5 kuphela nje uma uyolilalela nokulilalela izwi likaJehova uNkulunkulu wakho ukuba uqaphele ukwenza wonke lo myalo engikuyala ngawo namuhla.+
6 Ngoba uJehova uNkulunkulu wakho uyokubusisa impela njengoba nje ekuthembisile, futhi ngokuqinisekile uyotshelekisa+ ngesibambiso ezizweni eziningi, kuyilapho wena ungeke uboleke; futhi uyobusa phezu kwezizwe eziningi, kanti zona ngeke zibuse phezu kwakho.+
7 “Uma kwenzeka omunye wabafowenu eba mpofu phakathi kwenu komunye wemizi yakini, ezweni lakini uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona, ungayenzi lukhuni inhliziyo yakho noma ube nesandla esivalekile kumfowenu ompofu.+
8 Ngoba kufanele umvulele isandla sakho ngokukhululekile+ futhi kumelwe nakanjani umboleke ngesibambiso konke akudingayo, lokho akusweleyo.
9 Ziqaphele funa kube khona izwi eliyichilo enhliziyweni yakho,+ uthi, ‘Unyaka wesikhombisa, unyaka wokukhulula, usondele,’+ bese iso lakho lincishana kumfowenu ompofu,+ ungamniki lutho, bese kudingeka ukuba akhale kuJehova ngawe,+ kube yisono kuwe.+
10 Kufanele nakanjani umnike,+ futhi inhliziyo yakho ingancishani ekumnikeni kwakho, ngoba ngenxa yalokhu uJehova uNkulunkulu wakho uyokubusisa kuzo zonke izenzo zakho nakuwo wonke umzamo wakho.+
11 Ngoba umuntu ompofu akasoze ayeka ukuba khona phakathi kwezwe.+ Yingakho ngikuyala, ngithi, ‘Kufanele umvulele isandla sakho ngokukhululekile umfowenu ohluphekile nompofu ezweni lakini.’+
12 “Uma kwenzeka ukuba uthengiselwe umfowenu, umHebheru noma umHebherukazi,+ futhi esekukhonze iminyaka eyisithupha, khona-ke ngonyaka wesikhombisa kufanele ummukise kuwe njengokhululiwe.+
13 Uma kwenzeka ummukisa kuwe njengokhululiwe, akumelwe ummukise elambatha.+
14 Kufanele nakanjani umhlomise ngokuthile okuvela emhlambini wakho wezimvu nezimbuzi nasesibuyeni sakho nasesikhamweni sakho samafutha nesewayini. Kufanele umnike njengoba nje uJehova uNkulunkulu wakho ekubusisile.+
15 Kumelwe ukhumbule ukuthi waba yisigqila ezweni laseGibhithe uJehova uNkulunkulu wakho wakukhulula.+ Yingakho ngikuyala ngale nto namuhla.
16 “Kuyothi uma ethi kuwe, ‘Ngeke ngiphume kuwe!’ ngoba ekuthanda wena nendlu yakho, njengoba kwakukuhle kuye lapho ekanye nawe,+
17 uthathe usungulo ulufake endlebeni yakhe nasesicabheni, abe yisigqila sakho kuze kube nini nanini.+ Kufanele wenze ngale ndlela nasesigqilakazini sakho.
18 Akufanele kube yinto elukhuni emehlweni akho lapho ummukisa kuwe njengokhululiwe;+ ngoba ukukhonze iminyaka eyisithupha ngenani eliwukuphindwa kabili kwelesisebenzi esiqashiwe,+ futhi uJehova uNkulunkulu wakho ukubusisile kukho konke owawukwenza.+
19 “Wonke amazibulo angamaduna ayozalwa emhlambini wakho wezinkomo nasemhlambini wakho wezimvu nezimbuzi kufanele uwangcwelisele uJehova uNkulunkulu wakho.+ Akukho msebenzi okumelwe wenziwe ngezibulo lenkomo yakho, futhi akumelwe ugunde izibulo lomhlambi wakho wezimvu noma wezimbuzi.+
20 Kufanele ulidle phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho unyaka nonyaka endaweni uJehova ayoyikhetha,+ wena nendlu yakho.
21 Uma kungenzeka kube khona isici kulo, libe unyonga noma impumputhe, noma isiphi isici esibi, akumelwe ulihlabele uJehova uNkulunkulu wakho.+
22 Kufanele ulidlele ngaphakathi kwamasango akho, ongcolile nohlanzekile ndawonye,+ njengensephe nendluzele.+
23 Yigazi lalo kuphela okungamelwe ulidle.+ Kufanele ulithulule emhlabathini njengamanzi.+

