Duteronomi 14:1-29
14 “Ningabantwana bakaJehova uNkulunkulu wenu.+ Akumelwe nizisike+ noma niphuce + amabunzi enu ngenxa yomuntu ofile.
2 Ngoba uyisizwe esingcwele+ kuJehova uNkulunkulu wakho, futhi uJehova ukukhethile ukuba ube yisizwe sakhe, impahla ekhethekile,+ kuzo zonke izizwe ezisebusweni bomhlaba.
3 “Akumelwe udle into enengekayo yanoma iluphi uhlobo.+
4 Nantu uhlobo lwesilwane eningaludla:+ inkomo, imvu nembuzi,
5 indluzele nensephe nenxala+ nembuzi yasendle newula nemvu yasendle negogo;
6 nazo zonke izilwane ezidabula inselo nezidebeza inselo ihlukane kabili, ezetshisayo phakathi kwezilwane.+ Lolu ningaludla.
7 Yilolu hlobo kuphela okungamelwe niludle kulezo ezetshisayo noma ezidabula inselo, eziyivulayo: ikamela+ nomvundla+ nembila,+ ngoba ziyetshisa kodwa azidabuli inselo. Zingcolile kini.
8 Nengulube,+ ngoba idabula inselo kodwa ayetshisi. Ingcolile kini. Akumelwe nidle noma iyiphi inyama yazo, nezidumbu zazo akumelwe nizithinte.+
9 “Kuzo zonke izinto ezisemanzini yilolu hlobo eningaludla: Konke okunezigwedlo namazenga ningakudla.+
10 Konke okungenazo izigwedlo namazenga akumelwe nikudle.+ Kungcolile kini.
11 “Noma iyiphi inyoni ehlanzekile ningayidla.
12 Kodwa yilezi okungamelwe nizidle: ukhozi nengqungqulu nenqe elimnyama,+
13 nonhloyile obomvu nonhloyile omnyama+ nokholwe ngezinhlobo zakhe;
14 nawo wonke amagwababa+ ngezinhlobo zawo;
15 nentshe+ nesikhova nendwandwe noheshe ngezinhlobo zakhe;
16 isikhovana nesikhova esinamadlebe amade+ nefukezi,
17 nevuba+ nenqe nomphishamanzi,
18 nonogolantethe nonozalizingwenya ngezinhlobo zawo, noziningweni nelulwane.+
19 Zonke izidalwa ezinamaphiko eziswebezelayo zingcolile kini.+ Akufanele zidliwe.
20 Zonke izidalwa ezindizayo ezihlanzekile ningazidla.
21 “Akumelwe nidle noma yini eyingcuba.+ Ungayinika umfokazi ongaphakathi kwamasango akho, ayidle; noma ingathengiselwa owesinye isizwe, ngoba wena uyisizwe esingcwele kuJehova uNkulunkulu wakho.
“Ungalibilisi izinyane obisini lukanina.+
22 “Kufanele nakanjani ukhiphe okweshumi kwawo wonke umkhiqizo wembewu yakho, ophuma ensimini yakho unyaka nonyaka.+
23 Kumelwe udle okweshumi kokusanhlamvu kwakho,+ iwayini lakho elisha namafutha akho namazibulo omhlambi wakho wezinkomo nawomhlambi wakho wezimvu nowezimbuzi+ phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho, endaweni ayokhetha ukuba igama lakhe lihlale kuyo; ukuze ufunde ukwesaba uJehova uNkulunkulu wakho ngaso sonke isikhathi.+
24 “Manje uma kwenzeka uhambo luba lude kakhulu kuwe,+ ngoba ngeke ukwazi ukukuthwala, njengoba indawo uJehova uNkulunkulu wakho ayokhetha ukubeka igama lakhe+ kuyo iyobe ikude kakhulu nawe, (ngoba uJehova uNkulunkulu wakho uyokubusisa,)+
25 khona-ke kumelwe ukuphendule kube yimali, uyisonge leyo mali esandleni sakho uhambe uye endaweni uJehova uNkulunkulu wakho ayoyikhetha.
26 Kumelwe futhi ukhiphe imali kunoma yini umphefumulo wakho ongase uyilangazelele+ kungaba izinkomo noma izimvu noma izimbuzi newayini nophuzo oludakayo+ nanoma yini umphefumulo wakhe ongase uyicele kuwe; kumelwe ukudlele lapho phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho ujabule,+ wena nabendlu yakho.
27 UmLevi ongaphakathi kwamasango akho, akumelwe umlahle,+ ngoba akanasabelo nafa kanye nawe.+
28 “Ekupheleni kweminyaka emithathu uyokhipha konke okweshumi komkhiqizo wakho ngalowo nyaka,+ ukubeke ngaphakathi kwamasango akho.
29 UmLevi,+ ngoba akanasabelo nafa kanye nawe, nomfokazi+ nentandane nomfelokazi,+ abangaphakathi kwamasango akho, kumelwe beze, badle bazanelise; ukuze uJehova uNkulunkulu wakho akubusise+ kuzo zonke izenzo+ oyozenza ngesandla sakho.

