Duteronomi 11:1-32
11 “Kumelwe umthande uJehova uNkulunkulu wakho+ futhi ugcine isibopho sakho kuye nezimiso zakhe nezinqumo zakhe zokwahlulela+ nemiyalo yakhe ngaso sonke isikhathi.
2 Nazi kahle namuhla (ngoba angikhulumi nabantwana benu abangazange bakwazi futhi abangakubonanga ukuyala kukaJehova+ uNkulunkulu wenu, ubukhulu bakhe,+ isandla sakhe esinamandla+ nengalo yakhe eyeluliwe,+
3 noma izibonakaliso zakhe nezenzo zakhe azenza phakathi kweGibhithe+ kuFaro inkosi yaseGibhithe nakulo lonke izwe lakhe;
4 no-ma lokho akwenza emabuthweni empi aseGibhithe, emahhashini akhe nasezinqoleni zakhe zempi enza ukuba amanzi oLwandle Olubomvu agubuzele ubuso bawo ngesikhathi ewaxosha,+ uJehova wawabhubhisa kuze kube yilolu suku;+
5 noma lokho akwenzé kini ehlane kuze kube sekufikeni kwenu kule ndawo;
6 noma lokho akwenza kuDathani no-Abhiramu+ amadodana ka-Eliyabe indodana kaRubeni, lapho umhlaba uvula umlomo wawo ubagwinya nezindlu zabo namatende abo nazo zonke izinto zabo ezazikhona zilandela ngemva kwabo phakathi kwawo wonke u-Israyeli);+
7 ngoba ngamehlo enu ayebona zonke izenzo ezinkulu zikaJehova lezo azenzile.+
8 “Kumelwe niwugcine wonke lo myalo+ enginiyala ngawo namuhla, ukuze nibe namandla futhi impela ningene nilidle izwe eniwela ukuyolidla,+
9 futhi nandise izinsuku zenu+ ezweni uJehova afunga kokhokho benu ukulinika bona nenzalo yabo,+ izwe eligeleza ubisi noju.+
10 “Ngoba izwe oya ukuyolidla alifani nezwe laseGibhithe enaphuma kulo, owawuhlwanyela kulo imbewu futhi kudingeke ukuba uyinisele ngonyawo lwakho, njengengadi yemifino.
11 Kodwa izwe eniyolidla liyizwe lezintaba namathafa asezigodini.+ Liphuza amanzi emvula yamazulu;
12 yizwe uJehova uNkulunkulu wakho alinakekelayo. Amehlo+ kaJehova uNkulunkulu wakho aphezu kwalo njalo, kusukela ekuqaleni konyaka kuze kube sekupheleni konyaka.
13 “Kuyothi uma niyilalela nokuyilalela imiyalo yami+ enginiyala ngayo namuhla ukuba nimthande uJehova uNkulunkulu wenu futhi nimkhonze ngayo yonke inhliziyo yenu nangawo wonke umphefumulo wenu,+
14 nami ngokuqinisekile ngiyokwenza ukuba kube khona imvula ezweni lenu ngesikhathi sayo esimisiwe,+ imvula yasekwindla nemvula yasentwasahlobo,+ futhi ngempela niyobutha okusanhlamvu kwenu newayini lenu elimnandi namafutha enu.
15 Ngokuqinisekile ngiyokwenza ukuba kube khona uhlaza edlelweni lakho lube ngukudla kwemfuyo yakho,+ futhi impela uyodla usuthe.+
16 Ziqapheleni, funa inhliziyo yenu ihungeke,+ niphambuke nikhulekele abanye onkulunkulu nibakhothamele,+
17 intukuthelo kaJehova inivuthele, avale amazulu ukuze imvula ingani+ futhi umhlabathi ungawuvezi umkhiqizo wawo kudingeke ukuba nishabalale ngokushesha kuleli zwe elihle uJehova aninika lona.+
18 “Kumelwe nigxilise la mazwi ami enhliziyweni yenu+ nasemphefumulweni wenu, niwabophe njengophawu esandleni senu, abe yibhande lasebunzini phakathi kwamehlo enu.+
19 Kumelwe futhi nibafundise abantwana benu, ukuze uwakhulume lapho uhlala phansi endlini yakho nalapho uhamba endleleni nalapho ulala nalapho uvuka.+
20 Kumelwe uwalobe ezinsikeni zomnyango wendlu yakho nasemasangweni akho,+
21 ukuze izinsuku zenu nezinsuku zamadodana enu zande+ ezweni uJehova afunga kokhokho benu ukubanika lona,+ njengezinsuku zamazulu phezu komhlaba.+
22 “Ngoba uma niwugcina ngokuqinile wonke lo myalo+ enginiyala ukuba niwenze, ukuba nimthande uJehova uNkulunkulu wenu,+ nihambe ezindleleni zakhe+ zonke futhi ninamathele kuye,+
23 uJehova naye uyozixosha zonke lezi zizwe ngenxa yenu,+ futhi ngokuqinisekile niyoziphuca ifa izizwe ezinkulu nezinabantu abaningi kakhulu kunani.+
24 Yonke indawo amathe onyawo lwenu ayonyathela kuyo iyoba ngeyenu.+ Kusukela ehlane kuze kufike phezulu eLebhanoni, umngcele wenu uyosukela eMfuleni, umfula i-Ewufrathe, uze ufike olwandle olusentshonalanga.+
25 Akukho muntu oyomelana nani ngokuqinile.+ UJehova uNkulunkulu wenu uyobeka ingebhe nokwesaba ngani phambi kobuso balo lonke izwe+ eniyonyathela kulo, njengoba nje enithembisile.
26 “Bhekani, ngibeka phambi kwenu namuhla isibusiso nesiqalekiso:+
27 isibusiso, uma nje niyoyilalela imiyalo kaJehova uNkulunkulu wenu+ enginiyala ngayo namuhla;
28 nesiqalekiso,+ uma ningeke niyilalele imiyalo kaJehova uNkulunkulu wenu+ kodwa niphambuka endleleni enginiyala ngayo namuhla, ukuze nihambe nilandele abanye onkulunkulu enaningabazi.
29 “Kuyothi lapho uJehova uNkulunkulu wakho ekuletha ezweni oyolidla,+ kuyomelwe futhi unikeze isibusiso eNtabeni iGerizimu+ nesiqalekiso eNtabeni i-Ebhali.+
30 Azikho yini ohlangothini lweJordani ngasentshonalanga, ezweni lamaKhanani ahlala e-Araba,+ phambi kweGiligali,+ eceleni kwemithi emikhulu kaMore?+
31 Ngoba niwela iJordani ukuze ningene nidle izwe uJehova uNkulunkulu wenu aninika lona, futhi kumelwe nilidle nihlale kulo.+
32 Kumelwe niqaphele ukuba nizifeze zonke lezi ziqondiso nezinqumo zokwahlulela+ engizibeka phambi kwenu namuhla.+

