Daniyeli 9:1-27
9 Ngonyaka wokuqala kaDariyu+ indodana ka-Ahashiveroshi wenzalo yamaMede,+ owayebekwe inkosi phezu kombuso wamaKhaledi;+
2 ngonyaka wokuqala wokubusa kwakhe, mina Daniyeli, ngaqonda ngezincwadi isibalo seminyaka izwi likaJehova elalifike kuJeremiya umprofethi+ ngokuphathelene naso, sokugcwalisekiswa kokubhuqwa kweJerusalema,+ okungukuthi, iminyaka engamashumi ayisikhombisa.+
3 Ngabhekisa ubuso bami+ kuJehova uNkulunkulu weqiniso, ukuba ngimfune ngomthandazo+ nangokuncenga, ngokuzila ukudla nangendwangu yesaka nangomlotha.+
4 Ngaqala ukuthandaza kuJehova uNkulunkulu wami nokuvuma izono nokuthi:+
“Awu Jehova Nkulunkulu weqiniso, Omkhulu,+ Owesabekayo, ogcina isivumelwano+ nomusa wothando+ kulabo abamthandayo nakulabo abagcina imiyalo yakhe,+
5 sonile+ senza okungalungile futhi senza ngokonakala sadlubulunda;+ kubé khona ukuphambuka emiyalweni yakho nasezinqumweni zakho zokwahlulela.+
6 Asizange sizilalele izinceku zakho abaprofethi,+ ezikhulumé egameni lakho emakhosini ethu, ezikhulwini zethu, nakokhokho bethu nakubo bonke abantu bezwe.+
7 O Jehova, ukulunga kungokwakho, kodwa thina, amadoda akwaJuda nabakhileyo eJerusalema nabo bonke abangabakwa-Israyeli, abaseduze nabakude kuwo wonke amazwe obahlakazele kuwo ngenxa yokwenza kwabo ngokungathembeki kuwe,+ sinobuso obunamahloni njengakulolu suku.+
8 “O Jehova, sinobuso obunamahloni, namakhosi ethu, nezikhulu zethu, nokhokho bethu, ngoba sonile kuwe.+
9 Isihe+ nezenzo zokuthethelela+ kungokukaJehova uNkulunkulu wethu, ngoba sidlubulundile kuye.+
10 Asizange sililalele izwi likaJehova uNkulunkulu wethu ngokuhamba emithethweni yakhe ayibeka phambi kwethu ngesandla sezinceku zakhe abaprofethi.+
11 Bonke abakwa-Israyeli baweqile umthetho wakho, futhi kubé nokuphambuka ngokungalilaleli izwi lakho,+ kangangokuba uthululé phezu kwethu isiqalekiso nesifungo+ esilotshwe emthethweni kaMose inceku kaNkulunkulu weqiniso, ngoba sonile kuYe.
12 Futhi wawafeza amazwi akhe ayewakhulume ngokumelene nathi+ nangokumelene nabahluleli bethu ababesahlulela,+ ngokuletha kithi inhlekelele enkulu, engakaze yenziwe enjengayo ngaphansi kwawo wonke amazulu njengalokho okuye kwenziwa eJerusalema.+
13 Njengoba nje kulotshiwe emthethweni kaMose,+ yonke le nhlekelele—ifiké phezu kwethu,+ futhi asizange simnxuse uJehova uNkulunkulu wethu ngokubuya esiphambekweni sethu+ nangokubonisa ukukuqondisisa ukuba kwakho neqiniso.+
14 “UJehova wahlala eyiphaphamele le nhlekelele futhi ekugcineni wayiletha phezu kwethu,+ ngoba uJehova uNkulunkulu wethu ulungile emisebenzini yakhe yonke ayenzile; thina asililalelanga izwi lakhe.+
15 “Manje, Jehova Nkulunkulu wethu, wena owakhipha abantu bakho ezweni laseGibhithe ngesandla esinamandla+ futhi wazenzela igama njengakulolu suku,+ sonile,+ senzé ngokonakala.
16 O Jehova, ngokuvumelana nazo zonke izenzo zakho zokulunga,+ siyacela, kwangathi intukuthelo yakho nokufutheka kwakho kungasuka emzini wakho iJerusalema, intaba yakho engcwele;+ ngoba, ngenxa yezono zethu nangenxa yeziphambeko zokhokho bethu,+ iJerusalema nabantu bakho kuyinto yokuhlanjalazwa kubo bonke abasizungezile.+
17 Manje Nkulunkulu wethu, lalela umthandazo wenceku yakho nokuncenga kwayo, futhi wenze ubuso bakho bukhanye+ endlini yakho engcwele eyenziwe incithakalo,+ ngenxa kaJehova.
18 O Nkulunkulu wami, thambekisa indlebe yakho, uzwe.+ Vula amehlo akho ubone isimo sethu sokulahlwa nomuzi obizwé ngegama lakho;+ ngoba senza lokhu kuncenga kwethu kuwele phambi kwakho+ hhayi ngenxa yezenzo zethu zokulunga, kodwa ngenxa yezenzo zakho eziningi zesihe.+
19 O Jehova, yizwa.+ O Jehova, thethelela.+ O Jehova, naka futhi uthathe isinyathelo.+ Ungalibali,+ ngenxa yakho Nkulunkulu wami, ngoba igama lakho siqu libizwe phezu komuzi wakho naphezu kwabantu bakho.”+
20 Lapho ngisakhuluma futhi ngithandaza ngivuma isono sami+ nesono sabantu bakithi u-Israyeli+ futhi ngenza ukuba isicelo sami somusa siwele phambi kukaJehova uNkulunkulu wami ngokuphathelene nentaba engcwele+ kaNkulunkulu wami,
21 nalapho ngisakhuluma emthandazweni, bheka, leyo ndoda uGabriyeli,+ engangiyiboné embonweni ekuqaleni,+ sengifile ukukhathala, yafika ngakimi ngesikhathi somnikelo wesipho wakusihlwa.+
22 Futhi yadlulisela ukuqonda yakhuluma nami yathi:
“O Daniyeli, manje ngizile ukuzokwenza ube nokuqondisisa okunokuqonda.+
23 Ekuqaleni kokuncenga kwakho kuphumé izwi, futhi mina ngizile ukuzobika, ngoba ungumuntu ofiseleka kakhulu.+ Ngakho cabangisisa+ ngale ndaba, ube nokuqonda entweni oyibonayo.
24 “Kunamasonto angamashumi ayisikhombisa anqunyelwe abantu bakini+ nomuzi wakini ongcwele,+ ukuba kukhawulwe iseqo,+ kuqedwe nyá isono,+ kwenziwe isihlawulelo ngenxa yesiphambeko,+ kungeniswe ukulunga kuze kube nini nanini,+ kunyatheliswe uphawu+ embonweni nakumprofethi, nokuba kugcotshwe iNgcwelengcwele.+
25 Kufanele wazi futhi uqonde ukuthi kusukela ekuphumeni kwezwi+ lokuba kubuyiselwe futhi kwakhiwe kabusha iJerusalema+ kuze kufike uMesiya+ uMholi,+ kuyoba ngamasonto ayisikhombisa, namasonto angamashumi ayisithupha nambili.+ Liyobuya futhi empeleni lakhiwe kabusha, libe nesigcawu nomsele wamanzi olizungezile, kodwa ezikhathini ezinzima.
26 “Ngemva kwamasonto angamashumi ayisithupha nambili uMesiya uyonqunywa,+ angasalelwa lutho.+
“Umuzi nendawo engcwele+ kuyochithwa abantu bomholi ozayo.+ Futhi isiphelo sawo siyoba ngesikhukhula. Kuyoba nempi kuze kube sekupheleni; okunqunyiwe yizincithakalo.+
27 “Kumelwe agcine isivumelwano+ sisebenza ngenxa yabaningi isonto elilodwa;+ futhi engxenyeni yesonto uyobangela ukuba kukhawuke umhlatshelo nomnikelo wesipho.+
“Ophikweni lwezinengiso kuyoba khona obangela incithakalo;+ futhi into enqunyiwe iyothululekela naphezu koyincithakalo, kuze kufike ukuqothula.”+

