Daniyeli 7:1-28
7 Ngonyaka wokuqala kaBhelishazari+ inkosi yaseBhabhiloni, uDaniyeli wabona iphupho nemibono yekhanda lakhe esembhedeni wakhe.+ Ngaleso sikhathi waliloba phansi leli phupho.+ Wazilandisa ngokuphelele zonke izindaba.
2 UDaniyeli wakhulumela phezulu wathi:
“Ngabona emibonweni yami ebusuku, bheka laphaya! imimoya emine+ yamazulu yayinyakazisa ulwandle olukhulu.+
3 Izilo ezine ezinkulu+ zaziphuma olwandle,+ ngasinye sihlukile+ kwezinye.
4 “Esokuqala sasifana nengonyama,+ futhi sasinamaphiko okhozi.+ Ngaqhubeka ngibhekile aze ahluthwa amaphiko aso, saphakanyiswa emhlabeni+ samiswa ngezinyawo ezimbili njengomuntu, futhi sanikwa inhliziyo yomuntu.+
5 “Futhi, bheka laphaya! esinye isilo, esesibili, sona sifana nebhere.+ Olunye uhlangothi lwaso lwaphakanyiswa,+ futhi kwakunezimbambo ezintathu emlonyeni waso phakathi kwamazinyo aso; yilokhu okwakushiwo kuso, ‘Vuka, udle inyama eningi.’+
6 “Ngemva kwalokhu ngaqhubeka ngibhekile, futhi, bheka laphaya! esinye isilo, esifana nengwe,+ kodwa emhlane waso sasinamaphiko amane esidalwa esindizayo. Lesi silo sasinamakhanda amane,+ futhi impela sanikwa ububusi.
7 “Ngemva kwalokhu ngaqhubeka ngibhekile emibonweni yasebusuku, futhi, bheka laphaya! isilo sesine, esasesabeka, sethusa futhi sinamandla ngokungajwayelekile.+ Sasinamazinyo amakhulu ensimbi. Sasishwabadela sichoboza, futhi okusele sasikunyathela ngezinyawo. Sasihlukile kuzo zonke ezinye izilo ezazingaphambi kwaso, futhi sasinezimpondo eziyishumi.+
8 Ngaqhubeka ngibheké izimpondo, bheka! kwavela phakathi kwazo olunye uphondo, oluncane,+ futhi kwaba nezintathu ezimpondweni zokuqala ezancothulwa phambi kwalo. Bheka! Kwakunamehlo afana namehlo omuntu kulolu phondo, futhi kwakunomlomo okhuluma izinto ezinkulu.+
9 “Ngaqhubeka ngibhekile kwaze kwaba nezihlalo zobukhosi ezibekwayo+ futhi oMdala Wezinsuku+ wahlala phansi. Izembatho zakhe zazimhlophe njengeqhwa,+ futhi izinwele zekhanda lakhe zazinjengoboya obuhlanzekile.+ Isihlalo sakhe sobukhosi sasingamalangabi omlilo;+ amasondo aso ayengumlilo ovuthayo.+
10 Kwakukhona umfudlana womlilo ugeleza uphuma phambi kwakhe.+ Kwakukhona izinkulungwane eziyinkulungwane ezazilokhu zimkhonza,+ nezinkulungwane eziyishumi eziphindwe kazinkulungwane eziyishumi ezazilokhu zimi khona kanye phambi kwakhe.+ INkantolo+ yahlala, futhi kwaba khona izincwadi ezavulwa.
11 “Ngaqhubeka ngibhekile ngaleso sikhathi ngenxa yomsindo wamazwi amakhulu uphondo olwaluwakhuluma;+ ngaqhubeka ngibhekile saze sabulawa lesi silo futhi isidumbu saso sabhujiswa sanikelwa emlilweni ovuthayo.+
12 Kodwa zonke ezinye izilo,+ ububusi bazo basuswa, futhi ukuphila kwazo kwelulwa isikhathi nenkathi.+
13 “Ngaqhubeka ngibhekile emibonweni yasebusuku, futhi, bheka laphaya! kwakuza kanye namafu+ amazulu othile onjengendodana yomuntu;+ wathola ilungelo lokungena koMdala Wezinsuku,+ futhi bamsondeza phambi kwaKhe.+
14 Wanikwa ububusi+ nesithunzi+ nombuso,+ ukuze zonke izizwe, amaqembu ezizwe nezilimi zimkhonze.+ Ububusi bakhe bungububusi obumi kuze kube nini nanini obungayikudlula, nombuso wakhe ungumbuso ongayikuchithwa.+
15 “Kepha mina, Daniyeli, umoya wami wawucindezelekile ngaphakathi kimi ngenxa yako, futhi le mibono yekhanda lami yangethusa.+
16 Ngakhuphuka ngasondela komunye walabo ababemile, ukuze ngicele kuye ukwaziswa okunokwethenjelwa ngokuphathelene nakho konke lokhu.+ Futhi njengoba ayeqhubeka engazisa incazelo yalezi zindaba, wathi kimi,
17 “‘Ngokuqondene nalezi zilo ezinkulu, ngenxa yokuthi zine,+ kukhona imibuso emine eyokuma emhlabeni.+
18 Kodwa abangcwele+ boPhakeme Kunabo Bonke+ bayokwamukela umbuso, futhi bayodla ifa lombuso+ kuze kube nini nanini, yebo kuze kube nini nanini.’
19 “Khona-ke ngabe sengifisa ukuqiniseka ngokuphathelene nalesi silo sesine, esasihlukile kuzo zonke ezinye, sesabeka ngendlela engaphezu kwevamile, esasimazinyo aso angawensimbi futhi esasimazipho aso angawethusi, esasishwabadela sichoboza, futhi esasinyathela ngisho nokwakusele ngezinyawo zaso;+
20 nangokuphathelene nezimpondo eziyishumi ezazisekhanda+ laso, nangalolu olunye uphondo+ olwavela futhi okwawa ezintathu phambi kwalo,+ yebo lolo phondo olwalunamehlo nomlomo owawukhuluma izinto ezinkulu+ nelikubonakala kwalo kwakukukhulu kunokwezinye.
21 “Ngaqhubeka ngibhekile lapho lona lolo phondo lulwa nabangcwele, futhi lwalubanqoba,+
22 kwaze kwaba yilapho oMdala Wezinsuku+ efika futhi kukhishwa isahlulelo esivuna abangcwele boPhakeme Kunabo Bonke,+ futhi kufika isikhathi esiqondile sokuba abangcwele badle ifa lombuso.+
23 “Yilokhu akusho, ‘Ngokuqondene nesilo sesine, kukhona umbuso wesine oyoba khona emhlabeni, oyohluka kuyo yonke eminye imibuso; uyowushwabadela wonke umhlaba futhi uwunyathele uwuchoboze.+
24 Kanti ngokuqondene nezimpondo eziyishumi, kulowo mbuso kukhona amakhosi ayishumi ayovela;+ futhi kusayovela enye ngemva kwawo, yona iyohluka kwawokuqala,+ futhi iyothobisa amakhosi amathathu.+
25 Iyokhuluma ngisho namazwi amelene noPhezukonke,+ futhi iyobakhathaza ngokuqhubekayo abangcwele boPhakeme Kunabo Bonke.+ Iyohlosa ukushintsha izikhathi+ nomthetho,+ futhi bayonikelwa esandleni sayo isikhathi, nezikhathi nengxenye yesikhathi.+
26 INkantolo yahlala,+ futhi ububusi bayo basuswa ekugcineni, ukuze ibhuqwe futhi ibhujiswe ngokuphelele.+
27 “‘Umbuso nobubusi nobukhulu bemibuso engaphansi kwawo wonke amazulu kwanikwa abantu abangabangcwele boPhakeme Kunabo Bonke.+ Umbuso wabo ungumbuso omi kuze kube nini nanini,+ futhi yonke imibuso iyobakhonza futhi ibalalele.’+
28 “Le ndaba iphelela lapha. Mina, Daniyeli, imicabango yami yaqhubeka ingethusa kakhulu, kangangokuba ibala lami lashintsha; kodwa le ndaba ngayigcina enhliziyweni yami.”+

