Daniyeli 5:1-31

5  UBhelishazari+ inkosi wenzela abahlonishwa bakhe abayinkulungwane idili elikhulu, futhi wayephuza iwayini phambi kwale nkulungwane.+  Ethonywé yiwayini,+ uBhelishazari wathi makulethwe izitsha zegolide nezesiliva+ uNebukhadinezari uyise ayezithathe ethempelini elaliseJerusalema, ukuze inkosi nabahlonishwa bayo, izancinza zayo namabibi ayo baphuze ngazo.+  Ngaleso sikhathi baletha izitsha zegolide ababezithathe ethempelini lendlu kaNkulunkulu eyayiseJerusalema, futhi inkosi nabahlonishwa bayo, izancinza zayo namabibi ayo baphuza ngazo.  Baphuza iwayini, futhi badumisa onkulunkulu begolide nabesiliva, bethusi, bensimbi, bokhuni nabetshe.+  Ngawo lowo mzuzwana kwavela iminwe yesandla somuntu ibhala phambi kothi lwesibani odongeni olukhonkiwe lwesigodlo senkosi,+ futhi inkosi yayibona inhlanekela yesandla esasiloba.  Inkosi yona, ngaleso sikhathi ibala layo lashintsha kuyo, futhi imicabango yayo yaqala ukuyethusa,+ amalungu okhalo lwayo ayexegezela+ namadolo ayo ayeshayana.+  Inkosi yamemeza kakhulu ithi makungeniswe abalumbi, amaKhaledi nababhula ngezinkanyezi.+ Inkosi yakhuluma yathi kubantu abahlakaniphile baseBhabhiloni: “Noma yimuphi umuntu ozofunda lo mbhalo futhi angibonise incazelo yawo, uzombathiswa ezinsomi,+ afakwe umgexo wegolide entanyeni yakhe, futhi uzobusa njengowesithathu embusweni.”+  Ngaleso sikhathi bonke abantu abahlakaniphile benkosi babengena, kodwa babengakwazi ukuwufunda umbhalo noma ukwazisa inkosi incazelo.+  Ngenxa yalokho iNkosi uBhelishazari yethuka kakhulu nebala layo lalishintsha ngaphakathi kuyo; futhi abahlonishwa bayo babesambathekile.+ 10  Indlovukazi yona, ngenxa yamazwi enkosi nabahlonishwa bayo yangena yaqonda ngqo ngaphakathi ehholo ledili. Indlovukazi yakhuluma yathi: “O nkosi, phila kuze kube nini nanini.+ Ungavumeli imicabango yakho ikwethuse, noma uvumele ibala lakho lishintshe. 11  Kukhona indoda enekhono embusweni wakho okukhona kuyo umoya wonkulunkulu abangcwele;+ futhi ezinsukwini zikayihlo kwakutholakala kuyo ukukhanyiselwa nokuqondisisa nokuhlakanipha okunjengokuhlakanipha konkulunkulu, futhi iNkosi uNebukhadinezari uyihlo yayimisa njengenduna+ yabapristi abenza imilingo, abalumbi, amaKhaledi nababhula ngezinkanyezi, yebo uyihlo, nkosi; 12  njengoba nje umoya nolwazi nokuqondisisa okungaphezu kokuvamile kokuchaza amaphupho+ nokuchazwa kweziphicaphicwano nokuqaqwa kwamafindo kwakutholakele kuyo,+ kuDaniyeli, inkosi ngokwayo eyamqamba ngokuthi uBheliteshazari.+ Manje makubizwe uDaniyeli, ukuze anikeze incazelo.” 13  Ngalokho uDaniyeli wangeniswa phambi kwenkosi. Inkosi yakhuluma yathi kuDaniyeli: “Ingabe nguwe uDaniyeli wabadingiswa bakwaJuda,+ inkosi ubaba eyabakhipha bephuma kwaJuda?+ 14  Ngizwile futhi ngawe ukuthi umoya wonkulunkulu ukuwe,+ nokuthi kuwe kutholakele ukukhanyiselwa nokuqondisisa nokuhlakanipha+ okungaphezu kokuvamile. 15  Manje kungeniswe phambi kwami abantu abahlakaniphile nabalumbi, ukuba bafunde lo mbhalo, ukuze bangazise nokungazisa incazelo yawo; kodwa abakwazi ukusho incazelo yaleli zwi.+ 16  Mina-ke ngizwile ngawe, ukuthi uyakwazi ukunika izincazelo+ nokuqaqa amafindo. Manje, uma ukwazi ukufunda lo mbhalo futhi ungazise incazelo yawo, uzombathiswa ezinsomi, ufakwe umgexo wegolide entanyeni yakho, futhi uzobusa njengowesithathu embusweni.”+ 17  Ngaleso sikhathi uDaniyeli waphendula wathi phambi kwenkosi: “Izipho zakho mazibe ngezakho, namaxosho akho wanike abanye.+ Nokho, ngizoyifundela inkosi umbhalo ngokwawo, futhi ngizoyazisa incazelo.+ 18  Ngokuqondene nawe nkosi, uNkulunkulu oPhezukonke+ wanika uNebukhadinezari uyihlo+ umbuso nobukhulu nesithunzi nokubabazeka.+ 19  Futhi ngenxa yobukhulu amnika bona, zonke izizwe, amaqembu ezizwe nezilimi zaziqhaqhazela futhi zibonisa ukwesaba phambi kwakhe.+ Lowo ayefuna ukumbulala, wayembulala; lowo ayefuna ukumshaya, wayemshaya; lowo ayefuna ukumphakamisa, wayemphakamisa; nalowo ayefuna ukumthobisa, wayemthobisa.+ 20  Kodwa lapho inhliziyo yakhe izidla nomoya wakhe uba lukhuni, waze wenza ngokugabadela,+ wehliswa esihlalweni sobukhosi sombuso wakhe, nesithunzi sakhe sasuswa kuye.+ 21  Waxoshwa kubantwana babantu, nenhliziyo yakhe yenziwa yaba njengeyesilwane, futhi indawo yakhe yokuhlala yayikanye nezimbongolo zasendle.+ Wayephiwa izimila ukuba adle njengezinkomo, nomzimba wakhe wamanziswa amazolo ezulu,+ waze wazi ukuthi uNkulunkulu oPhezukonke unguMbusi embusweni wesintu, nokuthi lowo afuna ukummisa, uyammisa phezu kwawo.+ 22  “Wena-ke, ndodana yakhe Bhelishazari,+ awuzange uyithobise inhliziyo yakho,+ nakuba ubukwazi konke lokhu.+ 23  Kodwa uziphakamisile eNkosini yamazulu,+ futhi kulethwe phambi kwakho ngisho nezitsha zendlu yayo;+ futhi wena nabahlonishwa bakho, izancinza zakho namabibi akho beniphuza ngazo iwayini, futhi udumisé onkulunkulu besiliva nje nabegolide, bethusi, bensimbi, bokhuni nabetshe,+ abangaboni lutho nabangezwa lutho nabangazi lutho;+ kodwa uNkulunkulu okuphefumula kwakho kusesandleni sakhe+ nezikuye zonke izindlela zakho+ awumkhazimulisanga.+ 24  Ngenxa yalokho kuthunyelwe inhlanekela yesandla ivela kuye, futhi kulotshwé lo mbhalo.+ 25  Yilo umbhalo olotshiwe: MENE, MENE, TEKEL, FARSIN. 26  “Yile incazelo yaleli gama: MENE, uNkulunkulu uzibalile izinsuku zombuso wakho futhi uwuqedile.+ 27  “TEKEL, wena ukalwé ezilinganisweni futhi utholakalé untula.+ 28  “PERES, umbuso wakho uhlukanisiwe wanikwa amaMede namaPheresiya.”+ 29  Ngaleso sikhathi uBhelishazari wayala, futhi bamembathisa uDaniyeli ngezinsomi, bamfaka umgexo wegolide entanyeni yakhe; futhi bamemezela ngokuphathelene naye ukuthi wayezoba ngumbusi wesithathu embusweni.+ 30  Ngabo kanye lobo busuku uBhelishazari inkosi yamaKhaledi wabulawa+ 31  kwathi uDariyu+ umMede wamukela umbuso, eneminyaka engaba ngamashumi ayisithupha nambili ubudala.

Imibhalo yaphansi