Daniyeli 10:1-21
10 Ngonyaka wesithathu kaKoresi+ inkosi yasePheresiya kunendaba eyambulelwa uDaniyeli, ogama lakhe kwakuthiwa uBheliteshazari;+ futhi le ndaba yayiyiqiniso, futhi yayiphathelene nombhidlango omkhulu wempi.+ Wayiqonda le ndaba, futhi wayeyiqonda into ayibonayo.+
2 Kwathi ngalezo zinsuku mina, Daniyeli, ngalila+ amasonto amathathu agcwele.
3 Angizange ngisidle isinkwa esimnandi, futhi akungenanga nyama nawayini emlonyeni wami, futhi angizange ngigcobe mafutha kwaze kwaphela lawo masonto amathathu agcwele.+
4 Ngosuku lwamashumi amabili nane lwenyanga yokuqala, ngesikhathi ngisosebeni lomfula omkhulu, okungukuthi iHidekeli,+
5 ngaphakamisa amehlo ami ngabona, futhi bheka kwakunomuntu othile owayembethe ilineni,+ ebhince igolide lase-Ufazi+ okhalweni.+
6 Umzimba wakhe wawunjengekhrisolithe,+ ubuso bakhe bunjengokubonakala kombani,+ amehlo akhe enjengezimbaqa ezivuthayo,+ izingalo zakhe nendawo yezinyawo zakhe kwakunjengokubonakala kwethusi eliphucuziwe,+ futhi umsindo wamazwi ayewakhuluma wawunjengomsindo wesixuku.
7 Ngawubona lo mbono, mina Daniyeli ngedwa; abantu ababenami abawubonanga lo mbono.+ Nokho, behlelwa ngukuthuthumela okukhulu, kangangokuba babaleka bazifihla.
8 Mina—mina ngasala ngedwa, ngawubona lo mbono omkhulu. Akusalanga mandla kimi, futhi isithunzi sami sashintshwa sonakala, angibanga namandla.+
9 Futhi ngaqala ukuzwa umsindo wamazwi ayewakhuluma; futhi lapho ngilalele umsindo wamazwi akhe, ngangizumeke ngokuphelele,+ ubuso bami bubheke emhlabathini.+
10 Bheka! kwaba khona isandla esangithinta,+ futhi sanginyakazisa kancane kancane ukuba ngizimelele ngamadolo nangezintende zezandla zami.
11 Wathi kimi:
“O Daniyeli, wena muntu ofiseleka kakhulu,+ waqonde amazwi engiwakhuluma kuwe,+ futhi ume lapho ubumi khona, ngoba manje ngithunywe kuwe.”
Futhi lapho ekhuluma nami leli zwi, ngasukuma, ngithuthumela.
12 Waqhubeka wathi kimi: “Ungesabi+ Daniyeli, ngoba kusukela osukwini lokuqala owanikela ngalo inhliziyo yakho ekuqondeni+ nasekuzithobeni phambi kukaNkulunkulu wakho+ amazwi akho aye ezwakala, futhi mina ngizile ngenxa yamazwi akho.+
13 Kodwa isikhulu+ sombuso wobukhosi wasePheresiya+ sasimelene+ nami izinsuku ezingamashumi amabili nanye, futhi, bheka! uMikayeli,+ omunye wezikhulu eziphambili,+ weza ezongisiza; mina, ngasala lapho eceleni kwamakhosi asePheresiya.+
14 Ngizé ukuzokwenza uqonde lokho okuyokwehlela abantu bakini+ engxenyeni yokugcina yezinsuku,+ ngoba kungumbono+ wezinsuku ezizayo.”+
15 Lapho ekhuluma nami amazwi afana nalawa, ngangibhekise ubuso bami emhlabathini+ futhi ngiphelelwe ngamazwi.
16 Bheka! othile ofana namadodana abantu wayethinta izindebe zami,+ ngaqala ukuvula umlomo wami ngakhuluma+ ngathi kulowo owayemi phambi kwami: “O nkosi yami,+ ngenxa yombono ngifikelwe ukudlikizela ngaphakathi kimi, futhi angibanga nawo amandla.+
17 Pho kwenzeke kanjani ukuba inceku yale nkosi yami ikwazi ukukhuluma nale nkosi yami?+ Kepha mina, kuze kube manje kwakulokhu kungekho mandla kimi, futhi akusalanga kuphefumula kimi.”+
18 Futhi lona onesimo esifana nesomuntu wasemhlabeni waphinde wangithinta futhi wangiqinisa.+
19 Khona-ke wathi: “Ungesabi+ muntu ofiseleka kakhulu.+ Kwangathi ungaba nokuthula.+ Yiba namandla, yebo, yiba namandla.”+ Futhi ngokushesha nje lapho esekhulumé nami ngakhama amandla ami ekugcineni ngathi: “Inkosi yami mayikhulume,+ ngoba ingiqinisile.”+
20 Ngakho waqhubeka wathi:
“Ingabe ngempela uyazi ukuthi kungani ngize kuwe? Manje ngizophindela emuva ngiyolwa nesikhulu sasePheresiya.+ Lapho ngiphuma, bheka! nesikhulu saseGrisi siyeza.+
21 Nokho, ngizokutshela izinto ezibhalwe phansi embhalweni weqiniso,+ futhi akukho muntu ongisekela ngokuqinile kulezi zinto ngaphandle kukaMikayeli,+ isikhulu senu.+

