Amose 9:1-15
9 Ngabona uJehova emi ngaphezu kwe-altare,+ futhi wathi: “Shaya isihloko sensika, ukuze kuzamazame imibundu. Zinqume esihlokweni, zonke.+ Futhi ingxenye yabo yokugcina ngiyoyibulala ngenkemba. Akekho kubo obalekayo oyophumelela ukubaleka, futhi akekho kubo ophunyukayo oyokwazi ukuphunyuka.+
2 Uma bemba bashone phansi eShiyoli, isandla sami siyobakhipha lapho;+ futhi uma benyukela emazulwini, ngiyobehlisa lapho.+
3 Uma bezifihla esiqongweni seKarmeli, ngiyobafuna lapho ngokucophelela futhi ngiqiniseke ukuthi ngiyabakhipha.+ Uma bezithukusa phambi kwamehlo ami phansi olwandle,+ ngiyoyala inyoka khona lapho phansi ibalume nakanjani.
4 Uma beya ekuthunjweni phambi kwezitha zabo, ngiyoyala inkemba lapho, nakanjani ibabulale;+ ngiyobeka amehlo ami kubo ngenjongo yokubi, hhayi yokuhle.+
5 INkosi EnguMbusi uJehova wamabutho, nguYe othinta izwe, lincibilike;+ futhi bonke abakhileyo kulo bayolila;+ ngokuqinisekile liyonyuka njengeNayile, lona lonke, futhi libohle njengeNayile yaseGibhithe.+
6 “‘Yena owakha izitebhisi zakhe emazulwini,+ nesakhiwo sakhe ngaphezu komhlaba awusekela;+ yena obiza amanzi olwandle,+ ukuze awathulule phezu kobuso bomhlaba+—nguJehova igama lakhe.’+
7 “‘Anifani yini nabantwana bamaKushe kimi bantwana bakwa-Israyeli?’ kusho uJehova. ‘Angizange yini ngimkhuphule u-Israyeli ngimkhiphe ezweni laseGibhithe,+ namaFilisti+ eKrethe, neSiriya eKhiri?’+
8 “‘Bhekani! Amehlo eNkosi EnguMbusi uJehova aphezu kombuso onesono,+ ngokuqinisekile uyowubhuqa ebusweni bomhlaba.+ Noma kunjalo ngeke ngiyibhuqe indlu kaJakobe,’+ kusho uJehova.
9 ‘Ngoba, bheka! ngiyayala, futhi ngiyonyakazisa indlu ka-Israyeli phakathi kwazo zonke izizwe,+ njengalapho nje umuntu enyakazisa isisefo, kuze kungabikho nelilodwa itshana eliwela emhlabathini.
10 Ziyofa ngenkemba—zonke izoni zabantu bami,+ lezo ezithi: “Ngeke inhlekelele isondele noma ize ifinyelele kithi.”’+
11 “‘Ngalolo suku ngiyovusa+ idokodo+ likaDavide eliwile,+ futhi ngokuqinisekile ngiyolungisa izindawo zabo ezibhodlokile. Amanxiwa alo ngiyowavusa, futhi nakanjani ngiyolakha njengasezinsukwini zakudala,+
12 ukuze badle ifa lalokho okusele kuka-Edomi,+ nelazo zonke izizwe igama lami eliye labizwa phezu kwazo,’+ kusho uJehova, owenza lokhu.
13 “‘Bhekani! Kuza izinsuku,’ kusho uJehova, ‘lapho umlimi empeleni eyofica umvuni,+ umnyatheli wamagilebhisi afice othwala imbewu;+ futhi izintaba ziyoconsa iwayini elimnandi,+ nawo kanye amagquma ayozithola encibilika wonke.+
14 Ngiyobutha ngibuyise abathunjiweyo babantu bami u-Israyeli,+ empeleni bayoyakha le mizi eyenziwe incithakalo bahlale kuyo,+ batshale izivini baphuze iwayini lazo, benze izingadi badle izithelo zazo.’+
15 “‘Ngokuqinisekile ngiyobatshala phezu komhlabathi wabo, futhi ngeke besasishulwa emhlabathini wabo engibaniké wona,’+ kusho uJehova uNkulunkulu wenu.”