Amose 5:1-27
5 “O nina ndlu yakwa-Israyeli, yizwani leli zwi engilisho kini njengengoma yokulila:+
2 “Intombi,+ u-Israyeli, iwile;+Ayikwazi ukuphinde ivuke.+Ishiywé phezu komhlabathi wayo;Akekho oyivusayo.+
3 “Ngoba yilokhu iNkosi EnguMbusi uJehova ekushilo, ‘Wona kanye umuzi owawuphuma nenkulungwane uyosalelwa ikhulu; nophuma nekhulu uyosalelwa ishumi, labendlu ka-Israyeli.’+
4 “Ngoba yilokhu uJehova akushilo endlini ka-Israyeli, ‘Ngifuneni,+ niqhubeke niphila.+
5 Ningalifuni iBhethele,+ futhi akumelwe nize eGiligali,+ futhi akumelwe niwelele+ eBheri-sheba; ngoba iGiligali ngokwalo nakanjani liyoya ekudingisweni;+ kanti iBhethele, liyoba yinto engaqondakaliyo.+
6 Funani uJehova, niqhubeke niphila,+ ukuze angasebenzi njengomlilo+ nina ndlu kaJosefa,+ futhi empeleni ungashwabadeli, futhi iBhethele lingabi elingenamuntu wokuwucima,+
7 O nina eniphendula ubulungisa bube umhlonyane nje,+ nani eniye naphonsa ukulunga emhlabathini.+
8 UMenzi womlaza iKhima+ nomlaza+ iKhesili,+ naLowo ophendula ithunzi elimnyama+ libe ukusa, naLowo oye wenza imini yaba mnyama njengobusuku,+ Lowo obiza amanzi olwandle, ukuze awathulule phezu kobuso bomhlaba+—nguJehova igama lakhe;+
9 yena obangela ukuba kubaneke ukuphanga phezu konamandla, nokuba ukuphanga kufike ngisho naphezu kwendawo enezivikelo eziqinile.
10 “‘Esangweni baye bazonda umsoli,+ banengwa ngokhuluma into ephelele.+
11 Ngakho-ke, ngesizathu sokuthi nibiza intela yepulazi kophansi, futhi niqhubeka nithatha kuye inkokhiso yokusanhlamvu;+ nakhé izindlu zetshe eliqoshiweyo,+ kodwa ngeke niqhubeke nihlala kuzo; futhi nitshalé izivini ezifiselekayo, kodwa ngeke niliphuze iwayini lazo.+
12 Ngoba ngiyazi ukuthi kuningi kangakanani ukuvukela+ kwenu nokuthi zinkulu kangakanani izono zenu+ nina enibonisa ubutha kolungileyo,+ nina enithatha imvala-mlomo,+ nani eniye nachiliza abantu abampofu+ ngisho nasesangweni.+
13 Ngakho-ke yena kanye onokuqondisisa uyothula ngaleso sikhathi, ngoba kuyobe kuyisikhathi senhlekelele.+
14 “‘Funani okuhle, hhayi okubi,+ ukuze niqhubeke niphila;+ futhi ukuze kanjalo uJehova uNkulunkulu wamabutho abe nani, njengoba nje nishilo.+
15 Zondani okubi, nithande okuhle,+ ninike ubulungisa indawo esangweni.+ Kungase kwenzeke uJehova uNkulunkulu wamabutho abonise umusa+ kwabaseleyo bakaJosefa.’+
16 “Ngakho-ke yilokhu uJehova uNkulunkulu wamabutho, uJehova, akushilo, ‘Kuzo zonke izigcawu kuyoba khona ukubangalasa,+ futhi kuzo zonke izitaladi abantu bayobe bethi: “Awu! Awu!” Kuyodingeka babizele umlimi ekulileni,+ nasekubangalaseni labo abakwaziyo ukulila.’+
17 ‘Kuzo zonke izivini kuyoba khona ukulila;+ ngoba ngiyodabula phakathi kwenu,’+ kusho uJehova.
18 “‘Maye kulabo abanxanela usuku lukaJehova!+ Khona-ke, luyosho ukuthini usuku lukaJehova kini?+ Luyoba ubumnyama, hhayi ukukhanya,+
19 njengalapho nje umuntu ebalekela ingonyama, ahlangatshezwe yibhere; nanjengalapho engena endlini futhi ancike ngesandla odongeni, alunywe inyoka.+
20 Ngeke yini usuku lukaJehova lube ubumnyama, hhayi ukukhanya; futhi ngeke yini lube nesigayegaye, hhayi ukukhanya okukhulu?+
21 Ngiye ngayizonda, ngiye ngayala imikhosi yenu,+ futhi ngeke ngilijabulele iphunga lemibuthano yenu enesizotha.+
22 Kodwa uma ninikela kimi iminikelo yokushiswa+ ephelele, neminikelo yenu yesipho ngeke ngiyijabulele,+ nemihlatshelo yenu yenhlanganyelo yokukhuluphalisiwe ngeke ngiyibheke.+
23 Susani kimi inhlokomo yezingoma zenu; futhi kwangathi ngingewuzwe umnkenenezo omnandi wezinsimbi zenu zomculo ezinezintambo.+
24 Mabugeleze ubulungisa njengamanzi amaningi,+ nokulunga njengesifufula esigeleza njalo.+
25 Kwakuyimihlatshelo neminikelo yesipho yini enanikusondeza kimi ehlane iminyaka engamashumi amane nina ndlu ka-Israyeli?+
26 Ngokuqinisekile niyothwala uSakuti inkosi yenu+ noKhayiwani, imifanekiso yenu, inkanyezi kankulunkulu wenu, enizenzele yena.+
27 Futhi ngiyobangela ukuba niye ekudingisweni ngaphesheya kweDamaseku,’+ kusho yena ogama lakhe linguJehova uNkulunkulu wamabutho.”+