Amose 4:1-13
4 “Yizwani leli zwi, nina zinkomazi zaseBhashani,+ enisentabeni yaseSamariya,+ eniphamba abantu abaphansi, enicindezela abampofu,+ enithi emakhosini enu, ‘Lethani, masiphuzeni!’
2 INkosi EnguMbusi uJehova ifungé ubungcwele bayo,+ ‘“Bhekani! Kuza izinsuku phezu kwenu, nakanjani eyoniphakamisa ngazo ngezingwegwe zasesilaheni futhi ingxenye yenu yokugcina iphakanyiswe ngezindobo.+
3 Niyophuma ngezindawo ezibhodlokile,+ yilowo nalowo aqonde phambili; futhi ngokuqinisekile niyophonswa ngaphandle eHarmoni,” kusho uJehova.’
4 “‘Wozani eBhethele, nina bantu, neqe umthetho.+ Yeqani umthetho kaningi eGiligali,+ nilethe imihlatshelo yenu ekuseni; ngosuku lwesithathu, okweshumi kwenu.+
5 Thunqisani umhlatshelo wokubonga kokufakwe imvubelo,+ nimemezele iminikelo yokuzithandela;+ kumemezeleni, ngoba yileyo ndlela enithande ngayo bantwana bakwa-Israyeli,’+ kusho iNkosi EnguMbusi uJehova.
6 “‘Futhi mina, nganinika ukuhlanzeka kwamazinyo+ kuyo yonke imizi yenu nokuswela isinkwa kuzo zonke izindawo zenu;+ kodwa anibuyelanga kimi,’+ kusho uJehova.
7 “‘Mina, ngabuye nganigodlela imvula kusasele izinyanga ezintathu kube ukuvuna;+ futhi ngenza ukuba line emzini owodwa, kodwa komunye umuzi ngenza ukuba lingani. Kwakuba khona isiqephu sezwe esisodwa elalina kuso, kodwa isiqephu sezwe engangenza ukuba lingani kuso sasoma.+
8 Futhi imizi emibili noma emithathu yayiyendayendela emzini owodwa iyophuza amanzi,+ kodwa yayinganeliseki; kodwa anibuyelanga kimi,’+ kusho uJehova.
9 “‘Nganishaya ngokuhanguka nangokukhunta.+ Kwaba khona ukwandiswa kwezingadi zenu nokwezivini zenu, kodwa imikhiwane yenu neminqumo yenu kwakushwabadelwa icimbi;+ nokho anibuyelanga kimi,’+ kusho uJehova.
10 “‘Ngathumela phakathi kwenu isifo esiwumshayabhuqe sohlobo lwesaseGibhithe.+ Ngabulala izinsizwa zenu ngenkemba,+ ngathumba namahhashi enu.+ Futhi ngangilokhu ngenza ukuba iphunga elibi lamakamu enu lenyukele ngisho nasemakhaleni enu;+ kodwa anibuyelanga kimi,’+ kusho uJehova.
11 “‘Ngabangela ukugumbuqela phakathi kwenu njengokugumbuqela kukaNkulunkulu iSodoma neGomora.+ Naba njengokhuni oluhlwithwe ekusheni;+ kodwa anibuyelanga kimi,’+ kusho uJehova.
12 “Ngakho-ke yilokho engizokwenza kuwe Israyeli. Ngenxa yokuthi yikho kanye lokhu engizokwenza kuwe, lungela ukuhlangabezana noNkulunkulu wakho,+ Israyeli.
13 Ngoba, bheka! uMbumbi wezintaba,+ noMdali womoya,+ naLowo otshela umuntu wasemhlabeni lokho okumkhathazayo engqondweni,+ Lowo owenza ukuntwela kokusa kube ngubumnyama,+ naLowo onyathela phezu kwezindawo eziphakeme zomhlaba,+ nguJehova uNkulunkulu wamabutho igama lakhe.”+