Amose 3:1-15
3 “O bantwana bakwa-Israyeli, yizwani leli zwi uJehova alikhulumile ngokuphathelene nani,+ ngokuphathelene nawo wonke umndeni engawukhuphula ngawukhipha ezweni laseGibhithe,+ ethi,
2 ‘Ngazé nina kuphela+ kuyo yonke imindeni esemhlabeni.+ Yingakho ngiyokwenza ukuba nilandise ngazo zonke iziphambeko zenu.+
3 “‘Ababili bayahambisana yini ngaphandle kokuba behlangene ngesivumelwano?+
4 Ingonyama iyabhonga yini ehlathini lapho ingenayo inyamazane?+ Ibhongo lengonyama elinomhlwenga liyalizwakalisa yini izwi lalo lisendaweni yalo yokucasha uma lingabambanga lutho?
5 Inyoni iyawela yini esicuphweni phansi uma lungekho ugibe?+ Isicupho siyenyuka yini emhlabathini lapho singabambanga lutho?
6 Uma kushaywa uphondo emzini, abathuthumeli yini nabantu?+ Uma kwenzeka inhlekelele emzini, kusuke kungeyena yini futhi uJehova othathe isinyathelo?
7 Ngoba iNkosi EnguMbusi uJehova ngeke yenze utho ngaphandle kokuba iyambulile imfihlo yayo ezincekwini zayo, abaprofethi.+
8 Kukhona ingonyama ebhongile!+ Ubani ongeke esabe? INkosi EnguMbusi uJehova ngokwayo ikhulumile! Ubani ongeke aprofethe?’+
9 “‘Kumemezeleni phezu kwemibhoshongo yokuhlala yase-Ashidodi naphezu kwemibhoshongo yokuhlala yasezweni laseGibhithe,+ nithi: “Buthanani nimelane nezintaba zaseSamariya,+ futhi nibone iziyaluyalu eziningi ezikulo nokuphamba okungaphakathi kwalo.+
10 Abazi ukuthi bangakwenza kanjani okuqondile,”+ kusho uJehova, “labo ababekelela ubudlova+ nokuphanga emibhoshongweni yabo yokuhlala.”’
11 “Ngakho-ke yilokhu iNkosi EnguMbusi uJehova ekushilo, ‘Kukhona ophikisana nawe nxazonke zezwe,+ ngokuqinisekile uyokwehlisa izikhwepha zakho kuwe, nemibhoshongo yakho yokuhlala empeleni iyophangwa.’+
12 “Yilokhu uJehova akushilo, ‘Njengoba nje umalusi ehlwitha emlonyeni wengonyama amanqina amabili noma isicucu sendlebe,+ bayohlwithwa kanjalo nabantwana bakwa-Israyeli, labo abahlezi eSamariya esihlalweni esiwubukhazikhazi+ naphezu kombhede waseDamaseku.’+
13 “‘Yizwani futhi ninike ubufakazi+ endlini kaJakobe,’ kusho iNkosi EnguMbusi uJehova, uNkulunkulu wamabutho.
14 ‘Ngoba, ngosuku lokwenza kwami ukuba u-Israyeli alandise+ ngenxa yokuvukela kwakhe, ngiyokwenza ukuba ama-altare aseBhethele+ alandise; ngokuqinisekile izimpondo ze-altare ziyonqunywa futhi kumelwe ziwele emhlabathini.+
15 Ngiyoshaya indlu yasebusika+ iwele phansi nginezela phezu kwendlu yasehlobo.’+
“‘Futhi izindlu zezinyo lendlovu kuyomelwe zishabalale+ nezindlu eziningi zifinyelele esiphelweni sazo,’+ kusho uJehova.”