Amose 1:1-15
1 Lawa ngamazwi ka-Amose, owayephakathi kwabafuyi bezimvu baseThekhowa,+ awabona embonweni ngokuphathelene no-Israyeli+ ezinsukwini zika-Uziya+ inkosi yakwaJuda nasezinsukwini zikaJerobowamu+ indodana kaJowashi,+ inkosi yakwa-Israyeli, eminyakeni emibili ngaphambi kokuzamazama komhlaba.+
2 Wathi:
“UJehova—uyobhonga eseZiyoni,+ azwakalise izwi lakhe eseJerusalema;+ amadlelo abelusi ayolila, nesiqongo seKarmeli some.’’+
3 “Yilokhu uJehova akushilo, ‘“Ngenxa yokuvukela okuthathu kweDamaseku,+ nangenxa yokune, ngeke ngikubuyise engikunqumile, ngenxa yokubhula kwabo iGileyadi+ ngisho nangezibhulo zensimbi.
4 Ngiyothumela umlilo+ phezu kwendlu kaHazayeli,+ futhi uyoshwabadela imibhoshongo yokuhlala kaBheni-hadadi.+
5 Ngiyophula umgoqo waseDamaseku+ nginqume owakhileyo eBhikati-aveni, nophatha intonga waseBheti-edene; abantu baseSiriya kuyomelwe baye eKhiri njengabadingisiwe,”+ kusho uJehova.’
6 “Yilokhu uJehova akushilo, ‘“Ngenxa yokuvukela okuthathu kweGaza,+ nangenxa yokune, ngeke ngikubuyise engikunqumile, ngenxa yokuyisa kwabo ekudingisweni indikimba ephelele yabadingisiwe+ ukuze bayinikele ku-Edomi.+
7 Ngiyothumela umlilo phezu kodonga lwaseGaza,+ futhi uyoshwabadela imibhoshongo yalo yokuhlala.
8 Ngiyomnquma owakhileyo e-Ashidodi,+ nophatha intonga e-Ashikeloni;+ ngiyobuyisela isandla sami+ phezu kwe-Ekroni,+ futhi abaseleyo kumaFilisti kumelwe bashabalale,”+ kusho iNkosi EnguMbusi uJehova.’
9 “Yilokhu uJehova akushilo, ‘Ngenxa yokuvukela okuthathu kweThire,+ nangenxa yokune, ngeke ngibuye kwengikunqumile, ngenxa yokunikela kwabo indikimba ephelele yabadingisiwe ku-Edomi, nangenxa yokuba bengazange bakhumbule isivumelwano sabantu abangabafowabo.+
10 Ngiyothumela umlilo phezu kodonga lwaseThire, futhi uyoshwabadela imibhoshongo yalo yokuhlala.’+
11 “Yilokhu uJehova akushilo, ‘Ngenxa yokuvukela okuthathu kuka-Edomi,+ nangenxa yokune, ngeke ngibuye kwengikunqumile, ngenxa yokuxosha kwakhe umfowabo ngenkemba,+ nangenxa yokuthi wonakalise izimfanelo zakhe siqu zesihe,+ futhi intukuthelo yakhe iqhubeka idwengula kuze kube phakade; nokufutheka kwakhe—uye wakugcina ngokungapheliyo.+
12 Ngiyothumela umlilo ungene eThemani,+ futhi uyoshwabadela imibhoshongo yokuhlala yaseBhozira.’+
13 “Yilokhu uJehova akushilo, ‘“Ngenxa yokuvukela okuthathu kwamadodana ka-Amoni,+ nangenxa yokune, ngeke ngibuye kwengikunqumile,+ ngenxa yokuqhaqha kwawo abesifazane abakhulelwe bakwaGileyadi, ngenjongo yokwenza indawo yawo siqu ibe banzi.+
14 Ngiyokokhela umlilo odongeni lwaseRaba,+ futhi uyoshwabadela imibhoshongo yalo yokuhlala, ngenhlabamkhosi ngosuku lwempi, ngesiphepho ngosuku lwesivunguvungu.+
15 Inkosi yawo kumelwe iye ekudingisweni, yona kanye nezikhulu zayo,”+ kusho uJehova.’