IHubo 9:1-20

Kumqondisi weMuthi-labheni. Ihubo likaDavide. א [ʼAʹleph] 9  O Jehova, ngizokudumisa ngayo yonke inhliziyo yami;+Ngizomemezela yonke imisebenzi yakho emangalisayo.+   Ngizojabula ngethabe ngawe,+O wena oPhezukonke, ngizolihubela igama lakho.+ ב [Behth]   Lapho izitha zami ziphenduka,+Zizokhubeka zishabalale phambi kwakho.+   Ngoba ukhiphé isahlulelo sami wamela nodaba lwami;+Uhlalé esihlalweni sobukhosi wahlulela ngokulunga.+ ג [Giʹmel]   Uzikhuzile izizwe,+ ubhubhisé omubi.+Igama lazo ulisulile kuze kube nini nanini, yebo phakade.+   O wena sitha, ukuchithwa kwakho kufinyelele esiphelweni sako esihlala njalo,+Nemizi oyisiphulile.+Kona kanye ukukhuluma ngazo kuyoshabalala.+ ה [Heʼ]   UJehova yena, uyohlala kuze kube nini nanini,+Asimise siqine isihlalo sakhe sobukhosi ngenjongo yokwahlulela.+   Yena uqobo uyokwahlulela izwe elikhiqizayo ngokulunga;+Ngobuqotho uyoqulisa amaqembu ezizwe ngokwahlulela.+ ו [Waw]   UJehova uyoba yindawo ephakeme elondekile yanoma ubani ochotshoziwe,+Indawo ephakeme elondekile ngezikhathi zokucindezeleka.+ 10  Labo abalaziyo igama lakho bayothembela kuwe,+Ngoba ngokuqinisekile ngeke ubashiye labo abakufunayo, Jehova.+ ז [Zaʹyin] 11  Hubelani uJehova, ohlala eZiyoni, nina bantu;+Khulumani phakathi kwezizwe ngezenzo zakhe.+ 12  Ngoba, lapho efuna ukuchithwa kwegazi,+ ngokuqinisekile uyozikhumbula zona lezo;+Nakanjani ngeke akukhohlwe ukukhala kwabahluphekile.+ ח [Chehth] 13  O Jehova, ngibonise umusa; bona ukuhlupheka kwami okubangelwa yilabo abangizondayo,+O wena ongikhuphula emasangweni okufa,+ 14  Ukuze ngimemezele zonke izenzo zakho ezifanelekela ukudunyiswa+Emasangweni+ endodakazi yaseZiyoni,+Ukuze ngijabule ngensindiso yakho.+ ט [Tehth] 15  Izizwe zishoné phansi emgodini eziwumbile;+Unyawo lwazo lubanjwé+ enethini+ ezilifihlile. 16  UJehova waziwa ngesahlulelo asikhiphile.+Omubi ubanjwé ngomsebenzi wezandla zakhe.+Higayoni. Sela. י [Yohdh] 17  Abantu ababi+ bazophindela eShiyoli,+Yebo zonke izizwe ezimkhohlwayo uNkulunkulu.+ 18  Ngoba ompofu ngeke alibaleke ngaso sonke isikhathi,+Nethemba labamnene ngeke lishabalale.+ כ [Kaph] 19  O Jehova, vuka! Umuntu ofayo makangabonakali ephakeme ngezikhwepha ngaphezu kwakho.+Izizwe mazahlulelwe phambi kobuso bakho.+ 20  O Jehova, zifake ukwesaba,+Ukuze izizwe zazi ukuthi zingabantu abafayo nje kuphela.+ Sela.

Imibhalo yaphansi