IHubo 85:1-13

Elomqondisi. Elamadodana kaKhora. Ihubo. 85  O Jehova, ujabulile ngezwe lakho;+Ubabuyisile abathunjiwe bakaJakobe.+   Usixolele isiphambeko sabantu bakho;+Usimbozile sonke isono sabo.+ Sela.   Ukulawulile konke ukufutheka kwakho;+Ubuyile ekuvutheni kwentukuthelo yakho.+   Sibuthe usibuyise, Nkulunkulu wensindiso yethu,+Ukunqamule ukusicasukela kwakho.+   Ingabe uyosivuthela ngolaka kuze kube phakade?+Ingabe uyoyelula intukuthelo yakho isizukulwane ngesizukulwane?+   Ingabe ngeke usenze siphile futhi,+Ukuze abantu bakho bajabule ngawe?+   O Jehova, sibonise umusa wakho wothando,+Futhi kwangathi ungasinika insindiso yakho.+   Ngizokuzwa lokho uNkulunkulu weqiniso uJehova azokukhuluma,+Ngoba uzokhuluma ukuthula kubantu bakhe+ nakwabaqotho bakhe,Kodwa mabangabuyeli ekuzethembeni.+   Ngokuqinisekile insindiso yakhe iseduze nalabo abamesabayo,+Ukuba inkazimulo ihlale ezweni lakithi.+ 10  Umusa wothando neqiniso kona, kuhlangabezene;+Ukulunga nokuthula—kwangene.+ 11  Iqiniso liyohluma emhlabeni,+Nokulunga kuyobheka phansi kusemazulwini uqobo.+ 12  Futhi, uJehova yena, uyonika okuhle,+Izwe lethu liyokhiqiza isivuno salo.+ 13  Ukulunga kuyohamba phambi kwakhe,+Futhi kuyokwenza indlela ngezinyathelo zakhe.+

Imibhalo yaphansi