IHubo 59:1-17
Kumqondisi. “Ungachithi.” ElikaDavide. Imiktamu. Lapho uSawule ethumela, futhi belinde indlu, ukuze bambulale.+
59 O Nkulunkulu wami, Ngikhulule ezitheni zami;+Kwangathi ungangivikela kwabangivukelayo.+
2 Ngikhulule kwabakwenza umkhuba okulimazayo,+Ungisindise nakubantu abanecala legazi.
3 Ngoba, bheka! baqamekelé umphefumulo wami;+Jehova, Abanamandla bayangihlasela,+kungekho kuvukela kimi, nanoma yisiphi isono kimi.+
4 Nakuba kungenasiphambeko, bayagijima bazilungiselele.+Vuka lapho ngikubiza ubone.+
5 Wena, Jehova Nkulunkulu wamabutho, unguNkulunkulu ka-Israyeli.+Vuka ukuze unake zonke izizwe.+Ungabi namusa kunoma yimaphi amambuka alimazayo.+ Sela.
6 Balokhu bebuya kusihlwa;+Balokhu bekhonkotha njengenja+ bajikeleze umuzi.+
7 Bheka! Umlomo wabo uyaphuphuma;+Kukhona izinkemba ezindebeni zabo,+Ngoba ngubani olalele?+
8 Kodwa wena, Jehova, uyobahleka;+Zonke izizwe uyozihleka usulu.+
9 O Mandla ami, ngiyohlala ngikulindile;+Ngoba uNkulunkulu uyindawo yami ephakeme elondekile.+
10 UNkulunkulu womusa wothando kimi uyongihlangabeza;+UNkulunkulu uyongibangela ukuba ngizibuke ziphansi izitha zami.+
11 Ungababulali, ukuze abantu bami bangakhohlwa.+Ngamandla akho benze bazulazule,+Ubehlisele phansi, Jehova sihlangu sethu,+
12 Ngenxa yesono somlomo wabo, izwi lezindebe zabo;+Kwangathi bangabanjwa ekuziqhenyeni kwabo,+Ngisho nangenxa yesiqalekiso nenkohliso abayiphindaphindayo.
13 Baqede ngokufutheka;+Baqede, ukuze bangabikho;Kwangathi bangazi ukuthi uNkulunkulu ubusa kwaJakobe kuze kube semikhawulweni yomhlaba.+ Sela.
14 Mababuyele kusihlwa;Mabakhonkothe njengenja bajikeleze wonke umuzi.+
15 Bona impela, mabazulazule befuna okudliwayo;+Mabanganeliseki noma bahlale ubusuku.+
16 Kepha mina, ngiyohlabelela ngezikhwepha zakho,+Ekuseni ngizolandisa ngenjabulo ngomusa wakho wothando.+Ngoba ube yindawo ephakeme elondekile kimi+Nendawo yokubalekela ngosuku lokucindezeleka kwami.+
17 O Mandla ami, ngiyokuhubela.+Ngoba, uNkulunkulu uyindawo yami ephakeme elondekile, unguNkulunkulu womusa wothando kimi.+