IHubo 51:1-19
Kumqondisi. Ihubo likaDavide. Lapho uNathani umprofethi efika kuye ngemva kokuba elalé noBhati-sheba.+
51 O Nkulunkulu, ngibonise umusa ngokomusa wakho wothando.+Sula izeqo zami ngokuvumelana nokuchichima kwesihe sakho.+
2 Ngigezisise esiphambekweni sami,+Ungihlanze ngisho nasesonweni sami.+
3 Ngoba mina ngiyazazi izeqo zami,+Nesono sami siphambi kwami njalo.+
4 Ngoné kuwe wena wedwa,+Ngenzé okubi emehlweni akho,+Ukuze ube ngolungile lapho ukhuluma,+Ukuze ungabi nakusolwa lapho wahlulela.+
5 Bheka! Ngazalwa ngezinseka nginesiphambeko,+Umama wangikhulelwa esonweni.+
6 Bheka! Ukujabulele ukuba neqiniso ezibilinini;+Kulokho engiyikho ekusithekeni kwangathi ungangenza ngazi ukuhlakanipha kodwa.+
7 Kwangathi ungangihlanza esonweni ngehisopi, ukuze ngihlanzeke;+Kwangathi ungangigeza, ukuze ngibe mhlophe ngisho kunaneqhwa.+
8 Kwangathi ungangenza ngizwe ukwethaba nokuthokoza,+Ukuze amathambo owachobozile ajabule.+
9 Fihla ubuso bakho ezonweni zami,+Uzesule impela zonke iziphambeko zami.+
10 O Nkulunkulu, dala kimi inhliziyo ehlanzekile impela,+Ufake ngaphakathi kimi umoya omusha, ogxilile.+
11 Ungangintshingi ungisuse phambi kobuso bakho;+O, umoya wakho ongcwele ungawususi kimi.+
12 Buyisela kimi ukwethaba kwensindiso yakho,+Kwangathi ungangisekela impela ngomoya ovumayo.+
13 Ngiyofundisa izeqamthetho izindlela zakho,+Ukuze izoni ziphendukele kuwe.+
14 Ngikhulule ekubeni necala legazi,+ Nkulunkulu onguNkulunkulu wensindiso yami,+Ukuze ulimi lwami lulandise ngenjabulo ngokulunga kwakho.+
15 O Jehova, kwangathi ungazivula lezi zindebe zami,+Ukuze umlomo wami wazise ngodumo lwakho.+
16 Ngoba awujabuli ngomhlatshelo—ukube bekungenjalo bengizowunikela;+Awujatshuliswa umnikelo wokushiswa ophelele.+
17 Imihlatshelo eya kuNkulunkulu iwumoya ophukile;+O Nkulunkulu, inhliziyo ephukile nechobozekile ngeke uyidelele.+
18 Sebenzelana kahle neZiyoni ngokuvumelana nokulithakazelela kwakho;+Kwangathi ungazakha izindonga zeJerusalema.+
19 Khona-ke iyokujabulisa imihlatshelo yokulunga,+Umhlatshelo wokushiswa nomnikelo ophelele;+Khona-ke izinkunzi ziyonikelwa khona impela e-altare lakho.+