IHubo 33:1-22
33 O nina balungileyo.+ Khamulukani ngenjabulo ngenxa kaJehova.Kwabaqotho ukudumisa kuyafaneleka.+
2 Bongani uJehova ngehabhu;+Mhubeleni ngensimbi yomculo enezintambo eziyishumi.+
3 Mhlabeleleleni ingoma entsha;+Khiphani lonke ikhono lenu ekubetheni izintambo nasekumemezeni kwenjabulo.+
4 Ngoba izwi likaJehova liqotho,+Futhi wonke umsebenzi wakhe wenziwe ngokwethembeka.+
5 Ungumthandi wokulunga nobulungisa.+Umhlaba ugcwele umusa wothando kaJehova.+
6 Ngezwi likaJehova amazulu ngokwawo enziwa,+Nalo lonke ibutho lawo ngomoya womlomo wakhe.+
7 Ubutha amanzi olwandle njengokungathi uwabuthela edanyini,+Abeke ezinqolobaneni amanzi agubhayo.
8 Bonke abasemhlabeni mabamesabe uJehova.+Mabethuke ngenxa yakhe bonke abakhileyo ezweni elikhiqizayo.+
9 Ngoba yena wakhipha izwi, kwaba khona;+Yena uqobo wayala, kwama kanjalo.+
10 UJehova ngokwakhe uyibhidlizile injongo yezizwe;+Uyibhuntshisile imicabango yezizwe.+
11 Yona kanye injongo kaJehova iyokuma kuze kube nini nanini;+Imicabango yenhliziyo yakhe isezizukulwaneni ngezizukulwane.+
12 Siyajabula isizwe esiNkulunkulu waso nguJehova,+Isizwe asikhethile ukuba sibe yifa lakhe.+
13 UJehova ubhekile esemazulwini,+Uwabonile wonke amadodana abantu.+
14 Esendaweni emisiwe ahlala kuyo+Ubabukile bonke abahlala emhlabeni.
15 Ubumba izinhliziyo zabo bonke;+Ucabangela yonke imisebenzi yabo.+
16 Ayikho inkosi esindiswa ubuningi bamabutho empi;+Indoda enamandla ngokwayo ayikhululwa ubuningi bamandla.+
17 Ihhashi liyinkohliso ekusindiseni,+Alikunikezi ukuphunyuka ngobuningi bamandla alo.+
18 Bheka! Iso likaJehova likwabamesabayo,+Kulabo abalindela umusa wakhe wothando,+
19 Ukuba akhulule umphefumulo wabo ekufeni,+Futhi abalonde endlaleni.+
20 Umphefumulo wethu ubulindele uJehova.+Ungumsizi wethu nesihlangu sethu.+
21 Ngoba inhliziyo yethu iyajabula ngaye;+Ngoba ithemba+ lethu silibeké egameni lakhe elingcwele.
22 O Jehova, umusa wakho wothando mawube phezu kwethu,+Njengoba nje siye sahlala sikulindele.+