IHubo 148:1-14

148  Dumisani uJah!+Dumisani uJehova emazulwini,+Mdumiseni ezindaweni eziphakeme.+   Mdumiseni, nonke nina zingelosi zakhe.+Mdumiseni, nonke nina butho lakhe.+   Mdumiseni, nina langa nenyanga.+Mdumiseni, nonke nina zinkanyezi zokukhanya.+   Mdumiseni, nina mazulu amazulu,+Nani manzi angaphezu kwamazulu.+   Makudumise igama likaJehova;+Ngoba yena wayala, kwadalwa.+   Ukugcina kumi phakade, kuze kube nini nanini.+Uniké isiqondiso, futhi ngeke sidlule.+   Dumisani uJehova emhlabeni,+Nina zilo zasolwandle nani nonke nina zintwa zamanzi,+   Nina mlilo nesichotho, liqhwa nezikhatha zomusi,+Wena moya onesiphepho, ofeza izwi lakhe,+   Nina zintaba nani nonke magquma,+Nina mithi ethela izithelo nani nonke misedari,+ 10  Nina zilwane zasendle nani nonke zilwane ezifuywayo,+Nina zinto ezinwabuzelayo nezinyoni ezinamaphiko,+ 11  Nina makhosi omhlaba+ nani nonke maqembu ezizwe,Nina zikhulu+ nani nonke bahluleli bomhlaba,+ 12  Nina zinsizwa+ nani futhi zintombi,+Nina maxhegu+ kanye nabafana.+ 13  Mabadumise igama likaJehova,+Ngoba igama lakhe lodwa liphakeme ngokungenakufinyelelwa.+Isithunzi sakhe singaphezu komhlaba nezulu.+ 14  Futhi uyophakamisa uphondo lwabantu bakhe,+Udumo lwabo bonke abaqotho bakhe,+Lwabantwana bakwa-Israyeli, abantu abaseduze naye.+Dumisani uJah!+

Imibhalo yaphansi