IHubo 148:1-14
148 Dumisani uJah!+Dumisani uJehova emazulwini,+Mdumiseni ezindaweni eziphakeme.+
2 Mdumiseni, nonke nina zingelosi zakhe.+Mdumiseni, nonke nina butho lakhe.+
3 Mdumiseni, nina langa nenyanga.+Mdumiseni, nonke nina zinkanyezi zokukhanya.+
4 Mdumiseni, nina mazulu amazulu,+Nani manzi angaphezu kwamazulu.+
5 Makudumise igama likaJehova;+Ngoba yena wayala, kwadalwa.+
6 Ukugcina kumi phakade, kuze kube nini nanini.+Uniké isiqondiso, futhi ngeke sidlule.+
7 Dumisani uJehova emhlabeni,+Nina zilo zasolwandle nani nonke nina zintwa zamanzi,+
8 Nina mlilo nesichotho, liqhwa nezikhatha zomusi,+Wena moya onesiphepho, ofeza izwi lakhe,+
9 Nina zintaba nani nonke magquma,+Nina mithi ethela izithelo nani nonke misedari,+
10 Nina zilwane zasendle nani nonke zilwane ezifuywayo,+Nina zinto ezinwabuzelayo nezinyoni ezinamaphiko,+
11 Nina makhosi omhlaba+ nani nonke maqembu ezizwe,Nina zikhulu+ nani nonke bahluleli bomhlaba,+
12 Nina zinsizwa+ nani futhi zintombi,+Nina maxhegu+ kanye nabafana.+
13 Mabadumise igama likaJehova,+Ngoba igama lakhe lodwa liphakeme ngokungenakufinyelelwa.+Isithunzi sakhe singaphezu komhlaba nezulu.+
14 Futhi uyophakamisa uphondo lwabantu bakhe,+Udumo lwabo bonke abaqotho bakhe,+Lwabantwana bakwa-Israyeli, abantu abaseduze naye.+Dumisani uJah!+