IHubo 142:1-7

Imaskili. ElikaDavide, lapho esemhumeni.+ Umthandazo. 142  Ngezwi lami, ngacela usizo kuJehova;+Ngezwi lami, ngaqala ukukhalela umusa kuJehova.+   Ngaqhubeka ngithulula ukukhathazeka kwami phambi kwakhe;+Ngalandisa ngokucindezeleka kwami phambi kwakhe,+   Lapho umoya wami+ ufikelwa isinxi ngaphakathi kimi.Khona-ke wena ngokwakho wawazi umendo wami.+Endleleni engihamba kuyo+Bangifihlelé isicupho.+   Bheka ngasesandleni sokunene uboneUkuthi akekho noyedwa ongiqaphelayo.+Indawo yami yokubalekela ingishabalalele;+Akekho noyedwa obuza ngomphefumulo wami.+   O Jehova, ngalucela kuwe usizo.+Ngathi: “Wena uyisiphephelo sami,+Isabelo+ sami ezweni labaphilayo.”+   Lalela ukukhala kwami kokuncenga,+Ngoba ngibé mpofu kakhulu.+Ngikhulule kubashushisi bami,+Ngoba banamandla kunami.+   Khipha umphefumulo wami emgodini wetilongo+Ukuze udumise igama lakho.+Abalungile mababuthane bangizungeze,+Ngoba ungiphatha ngokufanele.+

Imibhalo yaphansi